Zigcine Uqinile Ngokomoya, Hlala Uhlanzekile Ngenxa Yenkonzo KaJehova
1 KuIsaya 60:22, uJehova wenza isithembiso esigcwalisekayo phambi kwawo kanye amehlo ethu: “Omncane uyakuba-yinkulungwane, ophansi abe-yisizwe esinamandla; mina nginguJehova, ngiyakukusheshisa ngesikhathi sakho.” Lapho sicabanga ngesizwe, siba nombono woquqaba lwabantu oluhlanganiswa ndawonye izithakazelo ezifanayo nolusebenza ngaphansi kwegunya likahulumeni omisiwe.
2 Umbiko ka-1991 wenkonzo yasensimini wabonisa inani eliphakeme labamemezeli bezindaba ezinhle abangu-4278 820 emhlabeni wonke, okuwukwanda ngamaphesenti angu-6,5 uma kuqhathaniswa nonyaka odlule. Ngempela uJehova uye wabutha isixuku esikhulu sabantu abaqotho abafisa ukuzehlukanisa nalesimiso esicindezelayo nokuba izikhonzi ezithembekile zikahulumeni woMbuso wobuMesiya ngeNdodana yakhe, uJesu Kristu. Unyaka nonyaka inani lababuthwayo liyaqhubeka landa. Siyajabula ngokuba ingxenye yalesizwe esingase sichazwe ngokuqondile ngokuthi umphakathi wezwe elisha. Ekugujweni kweSikhumbuzo ngo-1991, ingqikithi yababekhona yayingu-10650 158, okuwukwanda ngamaphesenti angu-7 uma kuqhathaniswa no-1990. Lokhu kubonisa ukuthi kusenokwenzeka kakhulu ukuba abaningi ngokwengeziwe bazihlanganise nathi njengezikhonzi zoMbuso.
3 Yebo, siyaqaphela ukuthi akubona bonke abantu abahlanganisiwe enanini elingenhla lababekhona eSikhumbuzweni abaye bazehlukanisa kulelizwe ngezinga elidingekile lokwamukeleka ngokugcwele njengabantu bakaJehova. Abantu abavela kuzo zonke izizwe ‘bagobhozela endlini kaJehova,’ kodwa kudingeka ‘bafundiswe ngokugcwele izindlela zakhe,’ ukuze bakwazi ‘ukuhamba emikhondweni yakhe.’ (Isaya 2:2-4) Abangaphezu kwezigidi ezine ababekhona eSikhumbuzweni baye bamukela isiyalo sikaNkulunkulu, bazuza amandla angokomoya aye abashukumisela ukuba balondoloze ukuziphatha okuhlanzekile futhi bafanelekele ukuhlanganyela emsebenzini wokushumayela ngoMbuso ofezwayo manje. (Math. 24:14) Abantu abanjalo banokuma okuhle emehlweni kaJehova futhi bajabulela izinzuzo zawo wonke amalungiselelo amangalisayo abenzela wona. Yini okumelwe yenziwe inani elisele labangaphezu kwezigidi eziyisithupha ukuze nabo baqine ngokomoya futhi bahlanzeke ngenjongo yenkonzo kaJehova?
4 Kumelwe ‘balwele ukukholwa.’ (Juda 3) Lapho nje bekhetha ukuhamba endleleni kaJehova, baba ngaphansi kokucindezela kukaDeveli ngezilingo, ukuvivinywa, namathonya amabi. NjengoPawulu, kumelwe babheke kuJehova ukuze bathole amandla okukhuthazela. (Fil. 4:13) UJehova unikeza abanjalo amandla esebenzisa labo asebeye baqina kakade okholweni. UPawulu wakhuthaza ukuba “thina esinamandla sifanele ukuthwala ubuthakathaka babangenamandla.” (Roma 15:1, 2) Lapho abanamandla nababuthakathaka behlangana, bathola amandla okuhlala beqinile. “Kungcono ababili kunoyedwa, . . . Nakuba umuntu ahlula oyedwa, ababili bayakuma phambi kwakhe.”—UmSh. 4:9, 12.
5 Lokhu kusho ukuthi ngokufanelekile abasanda kuhlanganyela bancika kithi njengendlela abangathola ngayo amandla avela kuJehova. Labo kithi abangamaKristu azinikezele kumelwe bazigcine beqinile ngokomoya bona ngokwabo ukuze bakwazi ukusiza abasanda kuhlanganyela. AmaKristu aqinile ayakwazi ‘ukwaba izipho ezingokomoya,’ eziphumela ‘ekukhuthazaneni.’ (Roma 1:11, 12) Lena ngenye yezindlela eziyinhloko ezisetshenziswa uJehova ekusihlanganiseni nasekwenzeni ukuba sonke ‘siqine futhi sibe namandla.’—1 Pet. 5:9-11.
6 Kumelwe sikwenze umgomo wethu ukusiza laba abasanda kuhlanganyela kuyilapho ngesikhathi esifanayo sizikhathalela njalo izidingo zethu siqu ezingokomoya. (Math. 5:3) Ingokomoya liyisihluthulelo sokuthola kwethu amandla. Lena imfanelo okumelwe ilondolozwe futhi iqiniswe ngokungeniswa njalo kokudla okungokomoya. Ngenhlangano yakhe, uJehova unikeza izimiso ezilinganiselwe zokutadishwa kweZwi lakhe. Imihlangano yebandla eyisihlanu yamasonto onke ifeza indima ebalulekile ekusiqiniseni, ‘ivuse kithi uthando nemisebenzi emihle.’—Heb. 10:24.
7 Izinzuzo zalemihlangano ziba ziningi lapho ihambisana nemikhuba emihle yesifundo somuntu siqu nesomkhaya. Njengomgomo, okungenani sonke kufanele sifunde futhi sicabangele itekisi losuku, sihambisane nesimiso sokufundwa kweBhayibheli esihlelwe eSimisweni Sesikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini, futhi silungiselele iSifundo Sencwadi Sebandla neSifundo SeNqabayokulinda. Umkhaya ngamunye kuyodingeka unqume ukuthi uyokuhlela kanjani lokho, uqikelela ukuthi kwenziwa njalo. Futhi, inhloko yomkhaya kufanele iqikelele ukuthi isimiso sokutadisha sihlelwe ngendlela yokuba sihlangabezane nezidingo zomkhaya ezikhethekile ezingokomoya. Ngalendlela ‘indlu iyokwakhiwa futhi iqiniswe.’ (IzAga 24:3) Uma sikhathalela imikhuba yethu yokutadisha njengabantu ngabanye nanjengemikhaya, singaqiniseka ukuthi uJehova uyosibusisa futhi umoya wakhe uyosisiza ukuba sikhuthazelele izilingo ezihlukahlukene ngokuphumelelayo.—Jak. 1:2, 3; 1 Pet. 4:11.
8 Ukuzigcina Uhlanzekile Futhi Ungasoleki: Nakuba uJehova esimema ngokufudumele ukuba sisondele kuye, ngesikhathi esifanayo, ukwenza kucace ukuthi lokhu kwenziwa ngesisekelo sokubonisa kwethu ukholo egazini likaJesu elachithwa, ‘elisihlambulula ezonweni zonke.’ (1 Joh. 1:7; bheka futhi eyamaHeberu 9:14.) Singaqhubeka siqinisa ukholo lwethu ngesifundo somuntu siqu seZwi likaNkulunkulu nangokusebenzisa lokho esikufundayo. Abanye kamuva bayalahlekelwa ngenxa yokuthi bayehluleka ukungenisa ukudla okungokomoya noma mncane umzamo abawenzawo ekukusebenziseni ekuphileni kwabo. Lokhu kubashiya bengavikelekile ekuhlaseleni kukaSathane. Abanye baye baba buthakathaka ngokomoya, okuphumele ekupholeni. Ngokudabukisayo, abanye baye bazivumela ukuba banqotshwe ukona okungathi sína, kwabangela ukuba basuswe ekuhlanganyeleni. UPawulu waxwayisa: “Osuka ethi umi, akaqaphele ukuba angawi.” (1 Kor. 10:12) Uma sikudebeselela ngamabomu ukutadisha, ukuya emihlanganweni, nenkonzo, singabambeka kalula ogibeni lwamathonya angcolile nezilingo.—Heb. 2:1; 2 Pet. 2:20-22.
9 Kubalulekile ukuba sizigcine sihlanzekile ngazo zonke izindlela: ngokomzimba, ngokwengqondo, ngokomoya, nangokuziphatha. (2 Kor. 7:1) Izwe elisizungezile liba eliphendukezelayo neliwohloka ngokwengeziwe nsuku zonke. UDeveli uyaqhubeka esungula izindlela ezikhohlisa ngisho nangokwengeziwe ukuze asicuphe. Ukuzigcina siqinile ngokomoya kuqinisekisa ukuthi ngeke sibe ‘esingawazi amacebo akhe sehlulwe.’ (2 Kor. 2:11) Isiyalo neseluleko esisithola enhlanganweni kaJehova sisenza sikwazi ukuqaphela futhi simelane namathonya amabi.
10 Labo abaholayo ebandleni banomthwalo wemfanelo wokubekela abanye isibonelo esihle ekuzigcineni beqinile nasekuhlaleni behlanzekile. UPawulu wagcizelela lomthwalo wemfanelo lapho ethi: “Bakhumbuleni ababenihola . . . Niqonda ukuphela kokuhamba kwabo, nilingise ukukholwa kwabo.” (Heb. 13:7) Kubalulekile ukuba abadala abagcotshiwe nezinceku ezikhonzayo babe yizibonelo enkambweni yabo yomuntu siqu kanye nesekunakekeleni imithwalo yabo yemfanelo njengezinhloko zemikhaya. Kufanele balwele ukuba njengoThimothewu osemusha, lowo owanxuswa ukuba ‘abe isibonelo ngezwi, ngenkambo, ngothando, ngokukholwa, nangokuhlanzeka.’ (1 Thim. 4:12; 1 Pet. 5:3) Sonke ngothi lwethu siyahlanganyela kulomthwalo wemfanelo wokuba izibonelo ezinhle ngokulondoloza inkambo ehloniphekile. Abasanda kuhlanganyela ngokuvamile bahlulela iqiniso, kanye nenhlangano kaJehova, ngalokho abakubona kithi. Sifuna ukuqikelela ukuthi lokho abakubonayo kubakhuthaza ukuba bangene enhlanganweni kaJehova ehlanzekile.
11 Ukubuthelwa ukusinda “osizini olukhulu” kuyaqhubeka kufinyelela emvuthwandaba. (IsAm. 7:14) Yilabo kuphela abaqinayo ngokomoya nabazigcina behlanzekile abayosinda ekugcineni. Okuningi kuxhomeke kulezici: (1) ukulondoloza imikhuba emihle yesifundo somuntu siqu nokuzindla ngeZwi likaNkulunkulu; (2) ukubonisa ngobuqotho isithakazelo somuntu siqu komunye nomunye ngesifiso sokukhuthaza; kanye (3) nokusebenzela ngobunye ukulondoloza ukuziphatha okuhlanzekile okuyodumisa igama likaJehova. Ukwenza lezizinto kuyosiqinisekisa ngesibusiso nesivikelo sikaJehova lapho lelizwe lifinyelela ekupheleni kwalo. Singaqiniseka ukuthi siyoba phakathi ‘kwabakholekileyo abalondolozwa uJehova.’—IHu. 31:23.