IZaziso
◼ Isipho sencwadi ngoApril nangoMay: Isikhokhelo seNqabayokulinda ngomnikelo ka-R17,00 ngabaphuma kabili ngenyanga. Isikhokhelo sonyaka kwabaphuma kanye ngenyanga nesikhokhelo sezinyanga eziyisithupha kwabaphuma kabili ngenyanga singu-R8,50. NgoJune: Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu ngomnikelo ka-R4,00. NgoJuly: Noma iyiphi kulezincwajana ezingangomagazini ezilandelayo: Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha,” Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, IGama LaPhezulu Eliyohlala Phakade, noma ethi UHulumeni Oyoletha IPharadesi ngomnikelo ka-80c iyinye. PHAWULA: Amabandla angakazi-odi izinto zomkhankaso ezishiwo ngenhla kufanele enze kanjalo efomini i“Literature Order” elilandelayo lanyanga zonke (S-AB-14).
◼ Umbonisi owengamele kufanele aqiniseke ngokuthi wonke amalungiselelo okugujwa kweSikhumbuzo asenziwe. Lawa ahlanganisa izabelo zabalindi nabahambisa izifanekiselo kuhlanganise nokulungiselelwa kwesinkwa esingenamvubelo, iwayini elibomvu, izingilazi, njalonjalo.—Bheka uhlu lwamaphuzu kuNkonzo Yethu YoMbuso kaMarch.
◼ Abalindi eSikhumbuzweni kufanele baphaphamele ukubingelela abasha nabangezi njalo. Zamani ukuthola amagama namakheli alabo mhlawumbe abadinga othile ozobaqhubela isifundo seBhayibheli. Lokhu kwaziswa kumelwe kunikwe umbonisi wenkonzo.
◼ Kuye kwaphakanyiswa imibuzo mayelana nokuthi kufanelekile yini ukuqalisa inkulumo yomngcwabo ngengoma nomthandazo. Isiqondiso samuva kakhulu esivela eBrooklyn sibonisa ukuthi kufanelekile ukuqalisa nokuphetha izinkulumo zomngcwabo ngengoma nomthandazo.
◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda imiqulu ka-1991 yeNqabayokulinda nePhaphama! Lemiqulu izotholakala ngesiGreki, isiNgisi, isiNtaliyane, nesiPutukezi. Ama-oda akufanele ahambisane nemali uma ibandla lenu line-akhawunti yezincwadi eNhlanganweni. Lemali izofakwa ku-akhawunti yezincwadi yebandla. Kuze kube yilapho lemiqulu isitholakala futhi yathunyelwa, lena iyovela njengethi “Kusazothunyelwa” kumainvoice ebandla. Amabandla anesikweleti ema-akhawuntini awo ezincwadi kufanele athumele imali kanye nama-oda awo. Imiqulu iyizinto ezi-odwa ngokulinganisela futhi iyoba u-R17,00 umunye ebandleni, iningi, namaphayona.
◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:
NgesiArabu: Imimoya Yabafileyo—Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?; Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. NgesiChina: Imimoya Yabafileyo—Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?; Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. NgesiDashi: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. NgesiFulentshi: Imimoya Yabafileyo—Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?; Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. NgesiHungary: Imimoya Yabafileyo—Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?; Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. NgesiJalimane: Imimoya Yabafileyo—Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?; Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. NgesiNtaliyane: Imimoya Yabafileyo—Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?; Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. NgesiPanishi: Imimoya Yabafileyo—Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?; Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. NgesiPolishi: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. NgesiShona: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila.
◼ Amakhasethi Amasha Atholakalayo:
NgesiXhosa: INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli (amakhasethi amahlanu kuyialbum; ibandla neningi: R30,00; amaphayona: R26,00).
◼ Ezingeke Zisaba Khona Esitokweni ENingizimu Afrika:
NgesiNgisi: Ibinder yePhaphama!; ibinder yeNqabayokulinda; iWatch Tower Publications Index 1986-1989.