Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/92 k. 2
  • Imihlangano Yenkonzo Ka-April

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imihlangano Yenkonzo Ka-April
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Izihlokwana
  • Isonto Eliqala NgoApril 6
  • Isonto Eliqala NgoApril 13
  • Isonto Eliqala NgoApril 20
  • Isonto Eliqala NgoApril 27
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
km 4/92 k. 2

Imihlangano Yenkonzo Ka-April

Isonto Eliqala NgoApril 6

INgoma 186

12 imiz: Izaziso zebandla neZaziso ezivela kuNkonzo Yethu YoMbuso. “Ingabe uApril Uzoba Inyanga Ekhethekile Kuwe?” Gcizelela iphuzu lokuletha noma iziphi izicelo zamaphayona asizayo ngaphandle kokulibala. Futhi, khuthaza ukufakaza kwakusihlwa, futhi umemezele amalungiselelo ebandla okungenzeka asenziwe. Gcizelela isikhathi nendawo yokugujwa kweSikhumbuzo ebandleni.

15 imiz: “Memezela Izindaba Ezinhle NgeNqabayokulinda.” Ukucatshangelwa kwesihloko ngemibuzo nezimpendulo. Lapho nicabangela isigaba 5, yiba nabamemezeli abalungiselele ukuba balandise ngalabo abaye babahambisela isikhokhelo ngokuphumelelayo esikhathini esidlule.

18 imiz: “Ukwazisa Kwakho Ngokufa KukaKristu.” Inkulumo enomboniso. Ngemva kokucabangela isigaba 9, bonisa indlela ummemezeli angamemela ngayo isifundo seBhayibheli eSikhumbuzweni.

INgoma 208 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala NgoApril 13

INgoma 209

10 imiz: Izaziso zebandla. IBhokisi Lemibuzo.

15 imiz: “Ukuhambela Kokuqala Okuphumelelayo.” Ukuhlanganiswa ngemibuzo nezimpendulo. Ngemva kokucabangela isigaba 6, bonisa indlela ummemezeli angakwazi ngayo ukusikisela isifundo seBhayibheli sasekhaya futhi abonise indlela yokuqhuba isifundo seBhayibheli ngokusebenzisa ipheshana elithi Ukuphila Ezweni Elisha Elinokuthula.

13 imiz: Ukuhambisa INqabayokulinda endlini ngendlu. Ummemezeli ofanelekayo uxoxa nomnini-khaya, esebenzisa intshumayelo esikiselwe esesigabeni 4 sesihloko esithi “Ukuhambela Kokuqala Okuphumelelayo.” Bhekisela ngokufanelekile emaphuzwini aphathelene nomthandazo kuNqabayokulinda ka-April 15, 1992.

7 imiz: Umdala uxoxa ngokwaziswa okusesenezelweni, “IMihlangano Yesigodi ‘Yabaphathi Bokukhanya’ ka-1992.” Khuthaza bonke ukuba balungiselele kusengaphambili ukuba babe khona emhlanganweni. Lapho incwadi isifikile, yazisa ibandla ngendawo yomhlangano elizoya kuyo.

INgoma 87 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala NgoApril 20

INgoma 195

10 imiz: Izaziso zebandla nombiko wezimali. Tusa ngeminikelo eyenziwe eNhlanganweni nasebandleni.

15 imiz: Umdala onokuhlangenwe nakho uxoxa nezilaleli ngokwaziswa okusesenezelweni, “Yehlisani Amanetha Enu Nibambe.” Khuthaza ngemfudumalo labo abazimo zabo ziyabavumela ukuba bacabangele ngomkhuleko ukuthuthela kwenye yezindawo ezibaliwe. Lokhu kuyoba okunokwenzeka ikakhulukazi endabeni yamabandla amakhudlwana asemadolobheni.

20 imiz: “Zigcine Uqinile Ngokomoya, Hlala Uhlanzekile Ngenxa Yenkonzo KaJehova.” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo ngesenezelo. Umdala osingatha lengxenye kufanele ahlele eminye yemibuzo ukuze yenze ukwaziswa kusebenze ebandleni. Gcizelela isilinganiso somgomo wokulondoloza ukuqina okungokomoya okubhekiselwe kukho esigabeni 7.

INgoma 197 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala NgoApril 27

INgoma 169

10 imiz: Izaziso zebandla. IZindaba EzingokwaseZulwini. Nikeza amaphuzu avelele eSikhumbuzo. Bangaki ababekhona? Zingakanani izifundo zeBhayibheli ezingase ziqaliswe nabasha? Umbonisi wenkonzo kumelwe ahlele ukuba kwenziwe izimpindelo kulabo ababeze eSikhumbuzweni abangaqhutshelwa izifundo njengamanje.

20 imiz: “Sebenzisa Incwadi Ethi Ukubonisana Ezimpindelweni.” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo. Yenza imiboniso elungiselelwe kahle ezigabeni 3 no-4.

15 imiz: Cela okuhlangenwe nakho kulabo ababa amaphayona asizayo ngoMarch nangoApril. Ikuphi ukuzidela abakwenza, futhi bacabanga ukuthi uJehova wayibusisa kanjani imizamo yabo? Ingabe zikhona izifundo ezintsha ezaqaliswa njengomphumela womsebenzi wabo owandisiwe kulenyanga? Okuhlangenwe nakho kumelwe kulungiselelwe kusengaphambili. Khuthaza bonke ukuba bacabangele ukuba amaphayona asizayo phakathi nezinyanga ezizayo.

INgoma 93 nomthandazo wokuphetha.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela