Ukwasisa Kwakho Ngokufa KukaKristu
1 “INdodana yomuntu [ayizelanga] ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube-yisihlengo sabaningi.” (Math. 20:28) Akekho omunye umuntu oke waphila emhlabeni obengenza lokho uJesu Kristu akwenzela isintu. Ngenkambo yakhe yokuphila nangokufa kwakhe ekugcineni esigxotsheni sokuhlushwa, siye saqondiswa endleleni yokwamukela isipho esikhulu kunazo zonke ezingatholwa umuntu, ukuphila okuphakade. Nokho, abantu abaningi abanakho ukwazisa ngalokho uKristu akwenza.
2 Cabangela indaba kaJesu nabanochoko abayishumi. Lapho bebona uJesu, bamemeza: “Jesu Nkosi, sihawukele!” (Luka 17:13) Wabahawukela, ebayala ukuba bayoziveza kubapristi, ngokuvumelana noMthetho. Endleleni, bonke laba abanochoko abayishumi baphulukiswa.
3 Kodwa munye kuphela owaphindela kuJesu ukuze azwakalise ukubonga. Kuthiwani ngabanye abayisishiyagalolunye? Baqhubeka bazihambela bengacabangi nakancane ngokubonga umsizi wabo. (Luka 17:15-17) Ingabe sifana nobani thina? Sifuna ukufana nendoda eyaphindela emuva. Yayinokwazisa kwangempela. Ingabe yileyondlela esizizwa ngayo ngokufa kukaKristu?
4 Ukubonisa Ukwazisa Kwethu: Unyaka ngamunye iNhlangano isikisela ukuba kufundwe amavesi athile eBhayibhelini phakathi nesonto elandulela usuku lweSikhumbuzo. Ukufundwa kweBhayibheli okusikiselwe kungatholakala ngaphansi kwezinsuku zika-April 12-17 eKhalendeni LoFakazi BakaJehova Lika-1992. Singabonisa ukwazisa kwethu ngokufunda nangokuzindla ngalezenzakalo ezenzeka ekuphileni kukaJesu ngaphambi nje kokufa kwakhe.
5 Umsebenzi wethu wenkonzo yasensimini uhlobene nokwazisa kwethu ngeSikhumbuzo. Abadala bayofuna ukwenza amalungiselelo enziwe kahle ukuze amaphayona nabamemezeli bakwazi ukuhlelela umsebenzi wasensimini owandisiwe phakathi noApril.
6 Ngokuvamile lena inyanga izinkulungwane ezihlanganyela ngayo emsebenzini wamaphayona asizayo. NgoApril odlule abangu-6 559 bahlanganyela lapha eNingizimu Afrika. Ingabe ungenza kanjalo kuloApril? Uma ungenakukwazi ukuba iphayona elisizayo, hlela ukwandisa ukuhlanganyela kwakho emsebenzini wokushumayela uma izimo zivuma.
7 Yakha Ukwazisa Kwabanye: Unyaka ngamunye ekugujweni kweSikhumbuzo, abantu abaningi abathakazelayo bahlanganyela kanye nathi. Ngokwesibonelo, kubantu abangu-10 650 158 ababa khona eSikhumbuzweni emhlabeni wonke ngoMarch odlule, abangaphezu kuka-6 370 000 kwakungabantu abathakazelayo. Lokhu kubonisa ukuthi inhlangano isengaba nokwanda okukhulu.
8 Kufanele sisebenzise izimemo ezinyathelisiwe zeNhlangano futhi senze amalungiselelo okuthutha izifundo zeBhayibheli nabantu abathakazelayo uma kunesidingo. Bameme ngentshiseko efudumele.
9 Basize ukuba babone isizathu sokumiswa kweSikhumbuzo, ukuthi obani abahlanganyelayo ezifanekiselweni, nokuthi izifanekiselo zimelelani. (1 Kor. 11:23-26) Chaza futhi ithemba lalabo abahlanganyelayo nelezibukeli ezingahlanganyeli ezifanekiselweni. (Joh. 10:16; IsAm. 14:3, 4) Lokhu kuyosiza abantu abathakazelayo ukuba baqonde ukuthi sonke sidinga ‘ukubonisa ukholo’ nokuthi ukuba khona nje eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu kanye ngonyaka akwanele.—Joh. 3:16.
10 ISikhumbuzo sokufa kukaKristu siyisenzakalo esikhetheke kakhulu. Ngokusilungiselela ngokuphelele, sibonisa ukuthi sikwazisa ngempela konke lokho uJehova noKristu abasenzele khona. Ukwakha ukwazisa ngalesenzakalo ezifundweni zethu zeBhayibheli nakwabanye abantu abathakazelayo kuyobasiza nabo ukuba babonise ukholo elungiselelweni likaJehova lesihlengo ngoJesu Kristu.