Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/92 k. 1
  • Memezela Izindaba Ezinhle NgeNqabayokulinda

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Memezela Izindaba Ezinhle NgeNqabayokulinda
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuhambisa Isikhokhelo SeNqabayokulinda NgoMay
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Susani Abantu Ebumnyameni Nibayise Ekukhanyeni
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
  • INqabayokulinda—Ukudla Okungokomoya Ngesikhathi Esifanele
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
km 4/92 k. 1

Memezela Izindaba Ezinhle NgeNqabayokulinda

1 INqabayokulinda ivelele ngempela ngoba iphethe izindaba ezinhle. Ngokwehlukile, izincwadi eziningi zezwe zinezindaba ezimbi futhi eziqeda ithemba. Singababonisa kanjani abanye ukuthi INqabayokulinda ihlukile, iqukethe isigijimi esiqabula ngempela?

2 Singaqondisa ukunakekela kwesithi “Injongo YeNqabayokulinda” esisekhasini 2 lalowomagazini. Qokomisa ukuthi injongo yayo ukudumisa uJehova njengoMbusi Ophakeme, iphawule izenzakalo zezwe ezigcwalisa isiprofetho seBhayibheli, inikeze isigijimi esiduduzayo kulabo abacindezelwe, futhi iqinise ukholo emalungiselelweni kaNkulunkulu okusindiswa kwethu.

3 Ingabe ukukhuluma kwethu ngeNqabayokulinda kudlulisela amaphuzu anjalo ngendlela ekholisayo? Esikushoyo akumelwe nje kumane kube amazwi akhangayo okuvusa isithakazelo sesikhashana; kufanele abe nesisindo, afake ukuqiniseka okwakha isifiso sokufunda okwengeziwe.

4 Ukulungiselela Kuyadingeka: Sidinga ukuwufunda ngokucophelela umagazini ngamunye, sihlaziye izintshumayelo ezihlukahlukene sicabangela insimu yethu. Ukubheka imiBhalo ekhonjiwe kukhulisa ukuqonda kwethu siqu. Lokhu kungajulisa ukwazisa kwethu ngeqiniso futhi kusishukumisele ekubeni silihlanganyele nabanye. Uma iqiniso lingekho ezinhliziyweni zethu, sincane isisusa esiyoba naso sokukhuluma ngesibindi.

5 Sifuna ukukhuthaza abantu abaningi ngangokunokwenzeka ukuba benze isikhokhelo seNqabayokulinda. Nakuba ngokungangabazeki siyothola eziningi zezikhokhelo zethu endlini ngendlu, asifuni ukubakhohlwa labo esisebenza nabo, omakhelwane bethu, nezihlobo. Ingabe abantwana bethu siqu banaso isikhokhelo? Ingabe siye sakucabangela ukuthumelela othile esimkhathalela ngempela isipho sesikhokhelo? Kuthiwani ngalabo esivame ukwenza kubo izimpindelo noma ngisho nezifundo zethu zeBhayibheli? Uma abantu bengeke bakwazi ukuthola isikhokhelo sonyaka, bahambisele isikhokhelo sezinyanga eziyisithupha. Uma umuntu esenqaba isipho sesikhokhelo, sikisela ukuba athathe omagazini ababili.

6 Lapho ufunda izihloko kumagazini wamuva weNqabayokulinda, zama ukukhumbula izingxoxo zangaphambili nabanini-khaya lapho lezihloko zavusa khona isithakazelo. Qikelela ukuba uphindele nalowomagazini ukuze nixoxe ngokwengeziwe.

7 Asazi ukuthi izindaba ezinhle kusamelwe zishunyayelwe isikhathi eside kangakanani nangezinga elingakanani. Nokho, singaqiniseka ngokuthi INqabayokulinda iyofeza ingxenye enkulu kulokho okufezwayo. Ngokusebenzisa lelilungiselelo, kufanele silingise abaphostoli ‘ekufundiseni nasekushumayeleni izwi leNkosi’ ngenkuthalo.—IzEnzo 15:35.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela