IZindaba Ezingokwasezulwini
◆ IChile yabika inani elisha eliphakeme lasikhathi sonke labamemezeli abangu-36 968 ngoJune. Lokhu kwakuwukwanda ngamaphesenti angu-12 ngaphezu kwesilinganiso sangonyaka odlule. Kwabikwa futhi nenani elisha eliphakeme lezifundo zeBhayibheli zasemakhaya ezingu-53 967.
◆ Umbiko wabamemezeli ngoJune weFederal Republic of Germany ubonisa ukwanda ngamaphesenti amane ngaphezu kwesilinganiso sangonyaka odlule. Kwabika ingqikithi yabangu-131 106.
◆ INdiya yabika inani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-10 272 ngoJune. Lokhu kungamaphesenti angu-17 ngaphezu kwesilinganiso sangonyaka odlule. Futhi kwaba namanani amasha aphakeme emaphayoneni avamile, ezimpindelweni, nasezifundweni zeBhayibheli.