Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 11/90 kk. 1-2
  • Ukuqondisa Abafundi Bebhayibheli Enhlanganweni KaJehova

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuqondisa Abafundi Bebhayibheli Enhlanganweni KaJehova
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • SEBENZISA INCWAJANA ENGANGOMAGAZINI ETHI OFAKAZI BENZA INTANDO KANKULUNKULU
  • VUMELANA NESIDINGO
  • Ukuqondisa Abafundi ENhlanganweni Emelelwa Yigama Lethu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • Ingxenye 8: Ukuqondisa Abafundi Enhlanganweni
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
  • Siza Abanye Ukuba Babe Khona Emihlanganweni
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2001
  • Ukuqhuba Izifundo ZeBhayibheli Ezithuthukayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
km 11/90 kk. 1-2

Ukuqondisa Abafundi Bebhayibheli Enhlanganweni KaJehova

1 Abafundi beBhayibheli kudingeka bajwayelane nenhlangano ‘yomhlambi owodwa’ uJesu akhuluma ngawo kuJohane 10:16. Kumelwe baqonde ukuthi ukuzihlanganisa ngokwabo nenhlangano kaJehova kubalulekile ekusindisweni kwabo. (IsAm. 7:9, 10, 15) Ngakho-ke, kumelwe siqale ukuqondisa abafundi bethu beBhayibheli enhlanganweni ngokushesha ngemva kokuba isifundo seBhayibheli siqalisiwe.

2 Siza abafundi bakho beBhayibheli ukuba bajwayelane nezici eziningi zenhlangano kaJehova yasemhlabeni. Ngokulandela indlela yekhulu lokuqala leminyaka, bonke abantu bakaJehova bangaphansi kwamabandla akhiwa abadala, izinceku ezikhonzayo, nabamemezeli. Namuhla, amalungu amabandla ajabulela ukuba khona emihlanganweni emihlanu ngesonto. Kunemihlangano emincane nemikhulu eba ngezikhathi ezithile ehlelwa phakathi nonyaka, futhi lena inikeza imfundo ekhethekile kanye namathuba okuhlangana noFakazi esikanye nabo abavela ezindaweni ezihlukahlukene. Futhi, kunamaphayona, izithunywa zevangeli, nababonisi abajikelezayo, kanye neNdikimba Ebusayo eqondisa umsebenzi womhlaba wonke. Ungabajwayelanisa kanjani abafundi bakho beBhayibheli nezici ezihlukahlukene zenhlangano kaJehova? Ungabasiza kanjani ukuba babone ukuthi ukuhlelwa kwenhlangano kusekelwe eBhayibhelini?

SEBENZISA INCWAJANA ENGANGOMAGAZINI ETHI OFAKAZI BENZA INTANDO KANKULUNKULU

3 Incwajana engangomagazini ethi OFakazi Benza Intando KaNkulunkulu inokwaziswa okusabalele ngokuphathelene nenhlangano kaJehova. Ngayo ungajwayelanisa ngokuqhubekayo abafundi beBhayibheli nenhlangano futhi ubasize baqonde indlela esebenza ngayo. Indlela enhle okungaqalwa ngayo ingokuxoxa ngalokho okwenzeka eHholo LoMbuso. Lokhu kuyokhuthaza umfundi ukuba abe khona emihlanganweni yebandla. Ngaphambi kokuba ummemele enkulumweni yeningi okokuqala, bukeza ukwaziswa okusemakhasini 14 no-15. Donsela ukunakekela kwakhe emifanekisweni. Chaza indawo elikuyo nokubukeka kweHholo LoMbuso lasendaweni. Ungase umbonise ngisho nomfanekiso weHholo LoMbuso ohlanganyela kulo.

4 Lapho ukuhambela kombonisi wesifunda kumenyezelwa ebandleni, cabangela nomfundi wakho weBhayibheli amakhasi 20 no-21. Sebenzisa imibuzo esekugcineni kwekhasi 21 ukuze wenze amaphuzu ayinhloko avele. Cabangela kanye naye isizinda esingokomBhalo sohlelo lwethu lwamanje ngokusebenzisa isigaba sokuqala ekhasini 20. Lokhu kwaziswa kuyokwenza ukuvakashela komfundi wakho eHholo LoMbuso kube okunenjongo.

5 Ngokufanayo, ngaphambi komhlangano wakho wesigodi, umhlangano wesifunda, noma umhlangano wosuku olukhethekile, hlanganisa lokho okukhishwe ekhasini 19. Donsela ukunakekela kwakhe kulokho okuhilelekile emhlanganweni omkhulu, futhi veza izinga lezizwe zonke elinikezwe emifanekisweni ekhasini 18. Lapho ukhulumela umfanekiso obonisa ukukhishwa kwencwadi entsha, ungase umlungiselele ingxoxo eqhubekayo yamakhasi 24 no-25. Ukuze uchaze ukuphayona, hlanganisa amaphuzu asemakhasini 22 no-23.

VUMELANA NESIDINGO

6 Njengoba ungase ubone, akudingeki ukuba uqale ekuqaleni kwencwajana engangomagazini ethi OFakazi Benza Intando KaNkulunkulu. Kunalokho, njengoba ithuba nesidingo kuphakama, cabangela amaphuzu akhethekile avela kulencwajana azosiza umfundi ukuba azise inhlangano kaJehova futhi amkhuthaze ukuba azihlanganise nebandla lasendaweni.

7 Ukukhuluma ngokuqiniseka lapho uxoxa ngalezindaba kuyokwakha ithonya elihlala njalo kumfundi wakho. Vutha emoyeni. (IzE. 18:25) Futhi, qiniseka ukuthi wena, “ofundisa omunye,” ubeka isibonelo esihle ekuboniseni ukwazisa ngenhlangano kaJehova. (Roma 2:21) Ngokwenza kanjalo, ungase usize abanye ukuba bazihlanganise nomhlambi owodwa uJesu awuholela ekuphileni okuphakade.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela