Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 7/90 k. 2
  • Imihlangano Yokusisiza Ekwenzeni Abafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imihlangano Yokusisiza Ekwenzeni Abafundi
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
  • Izihlokwana
  • ISONTO ELIQALA NGOJULY 2
  • ISONTO ELIQALA NGOJULY 9
  • ISONTO ELIQALA NGOJULY 16
  • ISONTO ELIQALA NGOJULY 23
  • ISONTO ELIQALA NGOJULY 30
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
km 7/90 k. 2

Imihlangano Yokusisiza Ekwenzeni Abafundi

ISONTO ELIQALA NGOJULY 2

INgoma 174

10 imiz: Izaziso zebandla neZaziso ezifanelekile ezivela kuNkonzo Yethu YoMbuso. Qokomisa izihloko ezingase zisetshenziswe emsebenzini kamagazini ngaloMgqibelo. Yenza imiboniso emibili, ngamunye uqokomisa isihloko esivela kumagazini owodwa

15 imiz: “Sonke Sidinga Ukutadisha.” Imibuzo nezimpendulo. Phetha ngokukhulumela (1) okuvela kubamemezeli abathengisisa isikhathi futhi abanesimiso esihle sokutadisha, kanye (2) nokuphathelene nezinzuzo ezitholwe ngokufunda izincwadi ezindala eziphawulwe esigabeni 5.

10 imiz: “Ukumemezela Izindaba Ezinhle Emasimini Ethu Angabelwe.” Inkulumo ngombonisi wenkonzo. Yazisa ngamalungiselelo ebandla futhi ucele ukusekela kwalo ngokugcwele.

10 imiz: Amaphuzu Okukhulunyelwa Ezincwajana Ezingangomagazini. Hilela izilaleli ekuvezeni amanye amaphuzu asemqoka avela ezincwajaneni ezihlukahlukene ezingangomagazini ibandla elinazo esitokweni ezizosetshenziswa enkonzweni. Ungase ufune ukuba nabamemezeli abanekhono ababelwe kusengaphambili.

INgoma 20 nomthandazo wokuphetha.

ISONTO ELIQALA NGOJULY 9

INgoma 156

10 imiz: Izaziso zebandla nombiko wezimali. Hlanganisa noma ikuphi ukubonga ngeminikelo eyenziwe. Tusa ibandla ngokusekela ngokwezimali umsebenzi woMbuso owenziwa emhlabeni wonke kanye nokunakekela izidingo zebandla.

20 imiz: “Khuthaza Izifundo Zebhayibheli Ukuba Zithuthuke.” Ingxoxo ngemibuzo nezimpendulo. Lapho nicabangela isigaba 4, yiba nomboniso olungiselelwe kahle obonisa indlela ummemezeli onokuhlangenwe nakho akhuthaza ngayo isifundo ukuba sithuthuke phakathi nengxoxo yabo yesigaba 3 ekhasini 14 lencwajana engangomagazini ethi Benza Intando KaNkulunkulu.

15 imiz: Kunini Lapho Isifundo SeBhayibheli Singahlanganyela Khona Enkonzweni Yasobala?

Inkulumo ngomdala esekelwe kuNqabayokulinda kaDecember 1, 1989, kwesithi “Imibuzo Evela Kubafundi,” ikhasi 31. Gcizelela ukuthi abasha, ngaphandle kwezingane zethu, akufanele bamenywe ukuba bahambe nathi enkonzweni yasensimini kuze kube yilapho abadala ababili sebeye bakhulumisana nabo futhi banquma ukuthi bayafaneleka.

INgoma 217 nomthandazo wokuphetha.

ISONTO ELIQALA NGOJULY 16

INgoma 220

10 imiz: Izaziso Zebandla. Bukeza amaphuzu avelele ombiko ka-April. Tusa ibandla ngalokho elikufezile. Khuthaza ukuhlanganyela enkonzweni yasensimini ngalempelasonto ezayo.

20 imiz: “Ingxenye Yakho Ekwenzeni Imihlangano Ibe Enenzuzo.” Umdala usingatha lengxoxo ngemibuzo nezimpendulo. Gcizelela lokho okudinga ukunakekela kwebandla. Tusa lapho kufanele khona.

15 imiz: Ukucabangela Amathemba Akho Okuba Yiphayona. Inkulumo ekhuthazayo ngezingxoxo. ENingizimu Afrika, manje sinamaphayona avamile acishe abe ngu-3700 avela kuzo zonke izizinda zokuphila nezimo ezihlukahlukene. Yini ebashukumisele ukuba baphayone? Uthando ngoJehova nangomakhelwane (Math. 22:37-39); ukukhathalela okujulile ngabantu nesifiso sokusiza abaningi ukuba basindiswe (1 Thim. 2:4); umoya wokuzidela ngenxa yezithakazelo zoMbuso. (1 Kor. 9:23) Isifiso sakho kumelwe sihlakulelwe. Ingabe uyakwenza lokhu? Nazi izinyathelo okumelwe uzithathe uma ufisa ukuphayona: (1) Yisa lendaba kuJehova ngomthandazo (Math. 7:7, 8; Fil. 4:6); (2) xoxa namaphayona nabadala (IzAga 15:22); (3) yenza isimiso esibhaliwe sokuzama, ucabangela indlela esithinta ngayo eminye imithwalo yemfanelo yobuKristu (Luka 14:28); (4) zibekele usuku ozoqala ngalo, ungalindeli izimo ezikuvumela kahle ngokuphelele. (UmSh. 11:4) USeptember uyisikhathi esihle sokuqalisa; ungase ufanelekele iSikole Senkonzo Samaphayona ngonyaka ozayo. Xoxa nephayona elilodwa noma amabili ngendlela anqoba ngayo izithiyo ezivimbela ukuphayona. Yiba nombono oqondile.

INgoma 128 nomthandazo wokuphetha.

ISONTO ELIQALA NGOJULY 23

INgoma 39

15 imiz: Izaziso zebandla. Izindaba Ezingokwasezulwini. Qokomisa amaphuzu asemqoka kwesithi “Masihlale Siphapheme Futhi Siqaphe.”

15 imiz: “Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Njengomkhaya.” Ukuhlanganiswa kwendaba ngemibuzo nezimpendulo. Buza umbuzo owodwa noma emibili kuphela esigabeni ngasinye ukuze izigaba zifundwe.

15 imiz: Izidingo zebandla. Noma inkulumo esekelwe esihlokweni esithi “Ingabe Uyozuza Emseni Ongasifanele?” emakhasini 21-3 eNqabayokulinda kaFebruary 15, 1990.

INgoma 8 nomthandazo wokuphetha.

ISONTO ELIQALA NGOJULY 30

INgoma 10

10 imiz: Izaziso zebandla. Yenza imiboniso emibili yezintshumayelo ezisikiselwe, ngamunye uqokomisa isihloko esivela komunye womagazini, ukuze zisetshenziswe emsebenzini kamagazini ngoMgqibelo.

15 imiz: “Ukubonisa Ukwethembela KuJehova Ngokuphayona.” Umdala nenceku ekhonzayo baxoxa ngesihloko esikuNkonzo Yethu YoMbuso kaFebruary 1990. Hlanganisa nokusikisela okusebenzayo okuyoba usizo ebandleni lakini.

15 imiz: “Wena Nokugcina Isikhathi.” Inkulumo esekelwe esihlokweni seNqabayokulinda kaJune 15, 1990, amakhasi 26-9. Hlanganisa nesikhuthazo sokuba bonke abadala nezinceku ezikhonzayo babe semihlanganweni imizuzu engu-15 kuya kwengu-20 ngaphambi kokuba kuqalise imihlangano ukuze bakhonze ibandla.

5 imiz: Okuhlangenwe nakho okumbalwa ngokuqalisa izifundo ngezincwajana. (Uma ibandla lingenakho, kungase kuboniswe okuhlangenwe nakho ekuhambiseni izincwajana.)

INgoma 169 nomthandazo wokuphetha.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela