Imihlangano Yokusisiza Ekwenzeni Abafundi
PHAWULA: INkonzo Yethu YoMbuso iyohlela uMhlangano Wenkonzo wesonto ngalinye phakathi noDecember. Amabandla angase alungise ngokwesidingo ukuze uvumele ukuba kuyiwe emhlanganweni wesigodi bese kwenziwa ukubukeza kwemizuzu engama-30 kwamaphuzu avelele esimiso eMhlanganweni Wenkonzo ngesonto elilandelayo. Ukubukezwa kosuku ngalunye kungase kwabelwe kusengaphambili abazalwane ababili noma abathathu abafanelekayo abayokwazi ukugxila emaphuzwini ayisihluthulelo. Lokhu kubukeza okulungiselelwe kahle kuyosiza abazalwane ukuba bakhumbule amaphuzu ayisihluthulelo okusetshenziswa umuntu siqu nawokusetshenziswa ensimini. Okuhlangenwe nakho okusetshenziswayo nokukhulumela okuvela ezilalelini kufanele kube kufushane futhi kushaye emhloleni.
ISONTO ELIQALA NGODECEMBER 4
INgoma 51
12 imiz: Izaziso zebandla. Bhekisela ukunakekela kwesithi “Isibonakaliso Sethu NjengoFakazi BakaJehova.” Hlanganisa ukukhulumela okukomagazini bakaDecember abaphathelene nokugujwa kwamaholide. Phawula ngamaphuzu akhethekile angaqokonyiswa enkonzweni yasensimini. Khuthaza ukusekelwa komsebenzi kamagazini ngoMgqibelo.
18 imiz: “Ukusiza Abantwana ‘Ukuba Bangazikhohlwa Izinto’ UJehova Azenzile.” Imibuzo nezimpendulo. Lapho nihlanganisa isigaba 3 no-4, bonisa indlela ubaba asiza ngayo abantwana ababili abangakevi eshumi elinambili ukuba balungiselele intshumayelo elula esekelwe eSihlokweni Sengxoxo nokuba bahambise incwadi.
15 imiz: Sebenzisa Wonke Amathuba Okufakaza Phakathi NoDecember. Inkulumo ngonobhala. UDecember uyinyanga yamaholide nomhlangano. Ungadlula kalula ngaphandle kokuhlanganyela enkonzweni yasensimini. Ingabe ibandla lingenza amalungiselelo enkonzo yasensimini ngamaholide omphakathi? Maningi amathuba okufakaza ngokwethukela: lapho izihlobo nabangane bevakasha; lapho kuhanjwa kuyiwa emhlanganweni; lapho useholidini, njll. Uma uhlela ukuya eholidini, thatha izincwadi zolimi lwabantu bakuleyondawo. Yenza imiboniso emibili emifushane yokubonisa indlela ukufakaza ngokwethukela okungenziwa ngayo phakathi noDecember. Uma usemahodilini ekupheleni kwenyanga, qikelela ukuba ufake umbiko wenkonzo yasensimini ngaphambi kokuba uhambe. Abaqhubi beZifundo Zencwadi kufanele benze umzamo wenkuthalo wokuqoqa yonke imibiko eqenjini ekupheleni kwenyanga.
INgoma 40 nomthandazo wokuphetha.
ISONTO ELIQALA NGODECEMBER 11
INgoma 138
10 imiz: Izaziso zebandla neZaziso ezikhethiwe ezikuNkonzo Yethu YoMbuso. Hlanganisa nombiko wezimali kanye nokubonga kweNhlangano iminikelo yebandla. Yisho amalungiselelo ebandla enkonzo yasensimini.
20 imiz: “Ukushumayela Izindaba Ezinhle-Ensimini Esetshenzwa Njalo.” Imibuzo nezimpendulo. Vumelanisa nezidingo zebandla. Gcizelela isidingo sokusebenza insimu ngokungashwampuluzi nesokuphindela kubo bonke esibahambisele.
15 imiz: Ingabe UKhisimusi Uwumkhosi Osekelwe EBhayibhelini? Abazalwane ababili abafanelekayo baxoxa ngalesihloko esivela encwadini ethi Ukubonisana, amakhasi 35-7. Bhekiselani ukunakekela esihlokweni esihle esimayelana namasiko kaKhisimusi kuPhaphama! kaDecember 8, 1989. Gcizelelani isidingo sokusabela ngobuhlakani lapho umninikhaya esho izilokotho zikaKhisimusi. Sikiselani indlela abamemezeli abangasebenzisa ngayo amathuba ukuze banikeze ubufakazi phakathi nenkathi yamaholide.
INgoma 183 nomthandazo wokuphetha.
ISONTO ELIQALA NGODECEMBER 18
INgoma 151
10 imiz: Izaziso zebandla neZindaba EzingokwaseZulwini. Chaza amalungiselelo ebandla okufakaza ngamaholide.
20 imiz: “Hambisa Omagazini Ngawo Wonke Amathuba.” Sicatshangelwa ngemibuzo nezimpendulo. Lapho nicabangela isigaba 4, yenza umboniso ngendlela yokukhuluma nomuntu olindele izinto zokuhamba zomphakathi noma osesimweni esifanayo. Gcizelela isidingo sokukhathalela ukuhambisa omagazini ngawo wonke amathuba.
15 imiz: Inkulumo ngesithi “Ukwazisa Abazalwane Bethu,” esisekelwe esihlokweni esikuNqabayokulinda kaOctober 1, 1988.
INgoma 53 nomthandazo wokuphetha.
ISONTO ELIQALA NGODECEMBER 25
INgoma 30
10 imiz: Izaziso zebandla. Yisho isipho sencwadi sikaJanuary, futhi yazisa ibandla ngezincwadi ezitholakalayo ebandleni. Bhekisela ukunakekela emalungiselelweni angempelasonto enkonzo yasensimini.
15 imiz: Ukubonisa Imikhuba Emihle Lapho SiseHholo LoMbuso. Inkulumo esekelwe kuNqabayokulinda kaJune 15, 1989, amakhasi 16-17. Gcizelela isidingo (1) sokufika ngesikhathi, (2) ukulalelisisa isimiso, (3) ukuba nesithakazelo esifudumele nesomuntu siqu kwabanye.
10 imiz: Imisebenzi Yabalindi Emihlanganweni Yebandla. Ukucatshangelwa kweBhokisi Lemibuzo ngomdala nomlindi ofanelekayo oyedwa noma ababili. Bonisa isidingo sokuba bonke ebandleni babambisane nabalindi.
10 imiz: “Ukubhalelana Neziboshwa.” Inkulumo ngomdala, nokuhlanganyela kwezilaleli. Xwayisa abazalwane ngokubhalelana neziboshwa ezizishaya ezinesithakazelo ngenxa nje yenzuzo yobugovu.
INgoma 18 nomthandazo wokuphetha.