Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 12/89 k. 3
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
km 12/89 k. 3

IZaziso

● Isipho sencwadi ngoDecember: INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli ngomnikelo ka-R7,50. NgoJanuary nangoFebruary: Ukulondeka Komhlaba Wonke—Ngaphansi ‘KweNkosi Yokuthula’ ngomnikelo ka-R2,50.

● Usuku lweSikhumbuzo sango-1991 luyoba ngoMgqibelo, March 30, ngemva kokushona kwelanga. Lokhu kwaziswa kusengaphambili ngosuku lokugujwa kweSikhumbuzo sika-1991 kunikezwa ukuze abazalwane benze ukubhuka okudingekile noma izivumeIwano zamahholo atholakalayo lapho kunamabandla amaningi kakhulu asebenzisa iHholo LoMbuso elilodwa futhi kumelwe bathole ezinye izindawo.

● INqabayokulinda ngesiHungary izoba umagazini ophuma kabili ngenyanga kusukela kumagazini kaJanuary 1, 1990.

● IPhaphama! izoqala njengomagazini ophuma kanye ngenyanga ngesiHungary, iSipedi, nangesiTswana kusukela kumagazini kaJanuary 8, 1990. Ngaphezu kwalokho, iPhaphama! ngesiZulu iyoba umagazini ophuma kabili ngenyanga kusukela kumagazini kaJanuary 8, 1990.

● Umbonisi owengamele noma othile omiswe nguye kufanele abale izimali zebandla ngoDecember 1 noma ngokushesha ngangokunokwenzeka ngemva kwalokho.

● Njengoba kwamenyezelwa kuyiNkonzo Yethu YoMbuso kaNovember 1989, sikhuthaza ummemezeli ngamunye nephayona ukuba aqiniseke ukuthi uthola ikhophi yakhe siqu yencwajana ethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—1990 nokuba ayisebenzise usuku ngalunye ekuxoxeni ngetekisi losuku.

● Kuyokwenziwa ukulungisa okuthile ekunyathelisweni kwesikhathi esizayo kwencwadi ethi Ungaphila Phakade. Okuwukuphela koshintsho olukhulu luphathelene nabaseSodoma, emakhasini 178 no-179. Lolushintsho lwavela encwadini ethi IsAmbulo, ikhasi 273, nakuNqabayokulinda kaJune 1, 1988, amakhasi 30 no-31. Ningase nithande ukuluphawula ezincwadini ezindala eninazo.

● IZIKHOKHELO: Amaphayona asizayo, avamile, nakhethekile kufanele akhokhe inani lamaphayona ngazo zonke izikhokhelo, kuhlanganise ezintsha, ezivuselelwayo (ezivela kubantu abangabhapathiziwe), nezikhokhelo zomuntu siqu. Nokho, bonke abamemezeli abangamalungu omkhaya wephayona abangewona amaphayona, kungakhathaliseki ukuthi abantwana noma abantu abadala, kufanele bakhokhele izikhokhelo zabo ngamanani ommemezeli avamile.

● Ezitholakalayo Futhi ENingizimu Afrika:

AmaBhayibheli—ngesiKwanyama, ngesiNdonga, ngeSipedi

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela