Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 11/89 kk. 1-2
  • Ukusiza Abafuni BoMbuso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukusiza Abafuni BoMbuso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UKUBALULEKA KWESIPHO SENYANGA
  • UKUSIKISELA OKUWUSIZO
  • Ukutusa IZwi LikaNkulunkulu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
  • INququlo Yezwe Elisha Yaziswa Yizigidi Emhlabeni Wonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Umkhankaso Okhethekile We-Nguqulo Yezwe Elisha Yemibhalo Yamakristu Yesigreki
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • Ingqopha-mlando Kubathandi BeZwi LikaNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
km 11/89 kk. 1-2

Ukusiza Abafuni BoMbuso

1 UIsaya wabikezela ngesikhathi lapho “ubumnyama buyakusibekela umhlaba, nesigayegaye abantu.” (Isaya 60:2) Lesosikhathi sesifikile. ‘Njengabantwana bokukhanya,’ sinelungelo elimangalisayo lokuletha ukukhanya kubantu abasensimini yethu esiyabelwe. (Luka 16:8) Phakathi nenyanga kaNovember, siyokwenza lokhu ngokuhambisa incwadi ethi Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise ukuze abantu abanhliziyo-ziqotho bakwazi ‘ukuphuma ebumnyameni bangene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.’—1 Pet. 2:9.

2 IBhayibheli likhanyisa izingqondo nezinhliziyo zalabo abalifundayo futhi balisebenzise. Ngisho neziphathimandla zezwe ziye zakuqaphela ukubaluleka kwalo okungenakulinganiswa. Izizwe ziye zasekela imithetho yazo eminingi yokulunga ezimisweni zalo zokulunga. Linikeza iseluleko esinengqondo ngendlela yokuphila manje, futhi liningiliza lokho okumelwe sikwenze ukuze sisinde embubhisweni yezwe esondelayo futhi sizuze ukuphila okuphakade emhlabeni omusha wokulunga.—Joh. 17:3.

UKUBALULEKA KWESIPHO SENYANGA

3 Incwadi Ukuphila Komkhaya iwusizo oluhle ekusizeni abantu abanjengezimvu ukuba bafinyelele ulwazi ngoJehova uNkulunkulu noMbuso wakhe. Nakuba isipho senyanga singase sibe yincwadi endala, amaqiniso esiwaqukethe asengabasiza abantu ukuba baphume eBabiloni Elikhulu futhi benze izinguquko ezidingekayo ekuphileni kwabo.

4 Labo abafuna uMbuso kaNkulunkulu ngobuqotho bayosizakala kakhulu ngokuba neyabo siqu futhi bayifunde incwadi Ukuphila Komkhaya. Siyoyihambisa kanye nencwajana engangomagazini ethi “Ɓheka, Ngenza Konke Kube-Kusha” ngomnikelo ka-R3,25. Njengamanje, siye saba nesikhathi sokuyifundisisa lencwajana. Zilungiselele kahle ukuhambisa lesipho. Hlela isikhathi sokuyibukeza lencwajana, ubheka amaphuzu okukhulunyelwa ongawasebenzisa ekuyihambiseni. Kungenzeka ukuba lencwajana ivuse isithakazelo somninikhaya. Uma siphindela kubantu ngabanye esibahambisele lencwajana, singase siqalise izifundo zeBhayibheli ngesikhathi esifanelekile.

UKUSIKISELA OKUWUSIZO

5 Izethulo ezinhle esingazisebenzisa lapho sihambisa isipho senyanga zitholakala ekhasini 10 lencwadi Ukubonisana. Futhi, ukwaziswa okusemakhasini 58-68 kungakusiza ukuba uphendule ukuphikisa kwalabo abanolwazi oluncane lweZwi likaNkulunkulu. Okunye ukwaziswa okuyisizinda ngeBhayibheli kungatholakala emakhasini 307-13 encwadi i-Insight, Umqulu 1. Uyothola ukuthi isikhathi osisebenzisa ulungiselela inkonzo siyoba yisibusiso kuwe nakulabo oxoxa nabo.—1 Thim. 4:13, 15, 16.

6 Ukuhambisa isipho sencwadi kungenziwa ngendlela elula, neqondile. Ngokwesibonelo, ungase uthi: “Lencwadi [usho isihloko sencwadi] iyokunikeza isizathu esiqinile sokutadisha iZwi likaNkulunkulu.” Khona-ke bonisana naye ngokubaluleka kweZwi likaNkulunkulu nangokuthi ulwazi ngalo lungaba kanjani inzuzo enkulu. Noma ungase uthi: “Ngisho nakuba iBhayibheli liyincwadi edayiswa kakhulu emhlabeni futhi amakhaya amaningi enalo, abaningi abalifundi. Lencwadi [yisho isihloko sayo] iyoba yinto efanelekile yokukukhuthaza ukuba ufunde iZwi likaNkulunkulu futhi ujabulele izibusiso zalo eziningi.”

7 Yeka indlela esingabonga ngayo ngokuthi uJehova ‘uye wakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuba kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu.’ (2 Kor. 4:6) Masizikhandle phakathi nenyanga kaNovember ukuze siphumelele ekusizeni abanye ukuba bafune uMbuso kaNkulunkulu.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela