Ukutusa IZwi LikaNkulunkulu
1 Abaningi namuhla babheka iBhayibheli njengeliphelelwe isikhathi nelingabhekani namaqiniso. Nokho, iZwi likaNkulunkulu linamandla okuguqula ukuphila. (Heb. 4:12) Lokhu kuye kwaboniswa ekucabangeni, ekuziphatheni, nasezimweni zengqondo ezithuthukisiwe zabantu abayizinhlobo ezihlukahlukene kakhulu. (Efe. 4:24) Ukusebenzisa iseluleko seBhayibheli kuyanezela esimweni somkhaya ojabulayo. Kuthuthukisa ukusebenzelana okuhle nomakhelwane, kungakhathaliseki uhlanga, ibala, noma isimo esingokwenhlalo.—Luka 10:29-37.
2 Okuhlangenwe nakho kwethu siqu ngeZwi likaNkulunkulu kumelwe kusishukumisele ukuba sikhuthaze abanye ukuba bazihlolele ngokwabo ukubaluleka okungokoqobo kweBhayibheli. Uhlaka oluhle kakhulu lokwenza lokhu luye lwalungiselelwa eSihlokweni sethu esisha Sengxoxo esithi, “Kungani Kumelwe Ufunde IBhayibheli?” Singasisebenzisa kanjani lesihloko kanye nencwadi ethi Intsha Iyabuza nencwajana engangomagazini ethi UZiqu-zintathu noma ethi “Bheka!” enkonzweni yethu phakathi noNovember?
UKUSEBENZISA ISIHLOKO SENGXOXO
3 Ngemva kwesethulo esifushane, singase sithi: “Njengoba kunokucindezela nezinkinga eziningi kangaka ezithinta imikhaya namuhla, sihambele ukuba siqondise ukunakekela kokuwukuphela komthombo wangempela wosizo olusebenzayo. Esikhathini esidlule, abantu babevame ukubheka eBhayibhelini ukuze bathole isiqondiso, kodwa izikhathi ziye zashintsha, akunjalo? Ingabe ucabanga ukuthi iBhayibheli lingasiza ekuxazululeni izinkinga zanamuhla, njengokusetshenziswa kabi kwezidakamizwa, ubudlwangudlwangu, namakhaya ahlukene? [Lindela impendulo.] Phawula lokho iBhayibheli elikushoyo kweyesi-2 Thimothewu 3:16. [Funda.] Ingabe ucabanga ukuthi iBhayibheli linganikeza lolohlobo lwethonya elinenzuzo? [Lindela impendulo.] Abantu abaningi badinga futhi bafuna uhlobo oluthile lwesiqondiso lapho bebhekene nezinkinga noma benza izinqumo ekuphileni, akunjalo? Ake ubheke ukuthi ukulandela iZwi likaNkulunkulu kungasiholela kuphi. [Funda uJohane 17:3.] IBhayibheli linikeza isiqondiso esicacile sokuxazulula izinkinga zomuntu siqu futhi liveza ithemba eliqinisekile ngekusasa.” Uma umuntu ebonisa isithakazelo esiqotho sokuzuza ukuqonda iZwi likaNkulunkulu, singabonisa ukubaluleka kwencwadi ethi Intsha Iyabuza noma enye yezincwajana ezingangomagazini.
4 Njengoba sixoxa nabantu ngokubaluleka kokufunda iBhayibheli, ungase uthande ukudonsela ukunakekela kwabo esahlukweni 35 sencwadi ethi Intsha Iyabuza. Ngemva kokuveza kafushane izinhlobonhlobo eziningi zokwaziswa okungafundwa okuphakathi, ungafunda isigaba sokugcina ekhasini 288. Futhi ungase ufune ukusebenzisa isahluko 39, ikhasi 312 ukuze ubonise indlela ukufunda iBhayibheli okungaba ngayo injabulo. Usebenzisa incwadi ethi Intsha Iyabuza, bonisa indlela iBhayibheli elinikeza ngayo usizo ezinkingeni ezinjengokunqoba ukusebenzisa kabi izidakamizwa (isahluko 34), ukuziphatha okubi (izahluko 23 no-24), nokuthola abangane beqiniso (isahluko 8). Sikisela isifundo seBhayibheli sasekhaya nalowomuntu kulabo ababonisa isithakazelo.
5 Lapho uqondisa ukunakekela encwajaneni engangomagazini ethi UZiqu-zintathu, ungase uthi: “Abantu abaningi abaqotho baye bafundiswa ukuba bakholelwe kuZiqu-zintathu, nokho lomqondo bawuthola kunzima kakhulu ukuwuqonda. Lencwajana ihlolisisa uZiqu-zintathu ngokuningilizwe kakhulu ngombono ongokomlando nangokwalokho iBhayibheli elikushoyo. Ingabe ubungathanda ukuyifunda?” Ngokuphathelene nokusebenzisa incwajana engangomagazini ethi “Bheka!”, ungase ukhange isithakazelo somninikhaya ngokuqokomisa isembozo esihehayo noma isihlokwana esithi “Izinto Ezimbi—Kungani UNkulunkulu Ezivumela?” ekhasini 14.
6 Phakathi noNovember, phaphamela amathuba okukhuthaza abantu ukuba bafunde iBhayibheli. Shesha ukulandelela ngokwenza izimpindelo kulabo ababonisa isithakazelo. Basize ukuba bahlakulele ukwazisa okuqotho ngamandla eZwi likaNkulunkulu. Ngokusebenzisa izimiso zalo ekuphileni kwabo, bayozuza izinzuzo ezihlala njalo kokubili manje nasekuphileni okuzayo.—1 Thim. 4:8.