Izincwadi Ezintsha Zisisiza Ukuba Siziqeqeshe Ngokuzinikela KuNkulunkulu
1 Njengoba sesiwethamele umhlangano wesigodi wanyakenye, sisiqaphela ngokwengeziwe isidingo sokuziqeqesha sinomgomo wokuzinikela kuNkulunkulu. (1 Thim. 4:7, qhathanisa neNW) Njengoba sicabanga ngakho konke ukwaziswa okwanikezwa esimisweni futhi silwela ukukusebenzisa ekuphileni kwethu kwansuku zonke, sisizwa ukuba sisondele eduze noJehova ekukhulekeleni kweqiniso.
2 Nokho, ukuziqeqesha kwethu ekuzinikeleni kuNkulunkulu kuzokwandiswa ngokukhethekile njengoba setshisa ngokuqhubekayo ingcebo yolwazi oluhlelwe ezincwadini ezintathu ezintsha ezakhululwa eMhlanganweni Wesigodi “Wokuzinikela KuNkulunkulu.” Ingabe usuzifundile kakade lezincwadi ezintsha?
INCWAJANA ENTSHA
3 Amaphuzu angokomBhalo aqinisekisayo asencwajaneni engangomagazini ethi Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu? awasisizi nje kuphela ukuba sithole ukuthi uZiqu-zintathu uyimfundiso engamanga okufanele yenqatshwe kodwa futhi ukuba sichazele abanye iqiniso ngoNkulunkulu, iNdodana yakhe, nomoya ongcwele.
4 Isimo sethu esisekelwe eBhayibhelini singesokuthi “kithina kukhona uNkulunkulu munye, uYise.” (1 Kor. 8:6) Lencwajana entsha izosisiza ukuba sidalule ukuduka kwemfundiso yobuqaba kaZiqu-zintathu lapho sikhuthaza bonke abathobekileyo ukuba ‘bafakazele uNkulunkulu ukuthi uqinisile, ngisho noma bonke abantu befakazelwa bengabanamanga.’—Roma 3:4, qhathanisa neNW.
IZIMPENDULO ZENTSHA
5 Ngeke siyikhohlwe ngokushesna inkulumo yasemhlanganweni eyayingagwegwesi nelungiselelo elikhethekile lokukhishwa kwencwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo. Nakuba ilungiselelwe inzuzo yentsha, abazali, ikakhulukazi obaba, bakhuthazwa ukuba bahole ekusebenziseni lencwadi ekuqeqesheni abantwana babo ‘nasekubakhuliseni ngokuyala nokuqondisa kukaJehova.’—Efe. 6:4.
6 Abazali nabantwana ngokufanayo kufanele bajwayelane kahle nalulolwazi olubalulekile olulungiselelwe inhlangano kaJehova ukuba lusize intsha ukuba iqhubeke iziqeqeshela ukuzinikela kuNkulunkulu. Njengoba kwaboniswa enkulumweni emhlanganweni, lokhu kungenziwa ezingxoxweni zomkhaya. Uma ningakakusebenzisi okunye kokwaziswa okusencwadini ethi Intsha lyabuza esifundweni senu somkhaya samasonto onke, kungani ningaqali ukusebenzisa lelilungiselelo elihle elivela kuJehova kusukela kulelisonto?
IZWI LIKANKULUNKULU—HHAYI ELOMUNTU
7 IBhayibheli−Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?, lencwadi entsha eyakhishwa ngosuku lwesibili, iklanyelwe ukusiza abantu abanhliziyo-ziqotho ukuba baqonde ukuthi iBhayibheli liphefumlelwe nokuthi liqukethe “iqiniso elingokokukhonza uNkulunkulu [“elingokokuzinikela kuNkulunkulu,” NW].” (Thithu 1:1) Yeka isikhuthazo lencwadi okumelwe ibe yiso emsebenzini wethu! Kodwa ukuze siyisebenzise ngokuphumelelayo ensimini, kumelwe sijwayelane ngokomuntu siqu nezici zayo zokufundisa futhi sikwazi ukubhekisela emaphuzwini athile kulencwadi uma siyisebenzisa enkonzweni yasensimini.
8 Yeka ukuthi sonke sibonga kanjani kuJehova ngenala yokudla okungokomoya okufika ngesikhathi esikuthole eMhlanganweni Wesigodi “Wokuzinikela KuNkulunkulu”! Masizimisele ukubonisa ukwazisa kwethu okusuka enhliziyweni ngokusebenzisa lamalungiselelo ngenkuthalo ekuphishekeleni kwethu ukuzinikela kuNkulunkulu. Lokhu kuyohlanganisa ukusebenzisa lamalungiselelo ekusizeni abanye ukuba babe ngabakhulekeli bakaNkulunkulu wethu oyedwa onguBaba, uJehova.
9 Phakathi nenyanga kaFebruary siyogxilisa imizamo yethu kwezinye zezincwadi zethu ezindala. Isipho sethu senyanga incwadi ethi Ukulondeka Komhlaba Wonke—Ngaphansi ‘KweNkosi Yokuthula’ ngomnikelo ka-R2,50. Sengathi singabamba wonke amathuba okusiza abanye phakathi noFebruary ukuba baphishekele ukuzinikela kuNkulunkulu njengomgomo wabo.