Isimiso Sesikole Senkonzo EsingokwaseZulwini Sika-1990
IZIYALEZO
Ngo-1990 isimiso seSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini siyoqhutshwa ngamalungiselelo alandelayo.
IZINCWADI ZOKUSETSHENZISWA: IBhayibheli [biZU], INqabayokulinda [wZU], IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! [reZU], Ukubonisana NgemiBhalo [rsZU], nethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni [peZU] ziyoba isisekelo sezabelo.
Isikole siyoqala ngengoma, umthandazo, namazwi okwamukela izilaleli, bese siqhubeka ngendlela elandelayo:
ISABELO NO. 1: Imizuzu eyi-15. Lesi kufanele sisingathwe umdala noma inceku ekhonzayo efanelekayo. Siyosekelwa kuNqabayokulinda noma kwethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! Lesisabelo kumelwe sinikezwe njengenkulumo yokuyala yemizuzu eyi-10 kuya kweyi-12 bese kulandela ukubukeza komlomo kwemizuzu emi-3 kuya kwemi-5 nezilaleli, kusetshenziswa imibuzo esencwadini yaleyongxenye. Uma indaba eyabiwe ingenayo imibuzo, isikhulumi kumelwe silungiselele imibuzo efanelekile. Injongo akumelwe kube ukuhlanganisa nje indaba kodwa kumelwe ibe ukugxilisa ukunakekela osizweni olungokoqobo lokwaziswa okuxoxwa ngakho, kuqokonyiswa okuzoba usizo olukhulu ebandleni. Kufanele kukhethwe isihloko. Nonke niyakhuthazwa ukuba nilungiselele ngokunakekela kusengaphambili ukuze nizuze ngokugcwele kulendaba.
Abazalwane ababelwe lenkulumo kumelwe baqaphele ukuba bagcine isikhathi. Iseluleko sangasese singase sinikezwe uma kudingekile.
AMAPHUZU AVELELE EKUFUNDWENI KWEBHAYIBHELI: Imizuzu eyi-6. Lengxenye kufanele isingathwe umbonisi wesikole noma omunye umdala ofanelekayo noma inceku ekhonzayo eyabelwe umbonisi wesikole. Lokhu akufanele kube nje ukufushaniswa kwengxenye efundwayo eyabiwe. Ngemva kokunikeza umqondo kafushane ngezahluko ezabiwe, siza izilaleli ukuba zibone ukuthi kungani futhi kukanjani ukwaziswa kungokwenzuzo kithina. Hlola omagazini beNqabayokulinda ukuze uthole indaba ekhanyisa ngokwengeziwe. Khona-ke, umbonisi wesikole uyobe esededela abafundi ukuba baye emakilasini abo ahlukahlukene.
INKULUMO NO. 2: Imizuzu emi-5. Lena iwukufundwa kweBhayibheli kwendaba eyabiwe okufanele inikezwe umzalwane. Iyosebenza eqenjini elikhulu lesikole nasemaqenjini amancane. Izabelo zokufunda ngokuvamile zimfushane ngokwanele ukuze zivumele umfundi ukuba anikeze ukwaziswa okufushane okuchazayo esingenisweni nasesiphethweni futhi ngisho nasemaphuzwini aphakathi nenkulumo. Kungase kuhlanganiswe isizinda esingokomlando, ukubaluleka okungokwesiprofetho noma okungokwemfundiso, nokusetshenziswa kwezimiso. Wonke amavesi abiwe kufanele afundwe ngokoqobo.
INKULUMO NO. 3: Imizuzu emi-5. Lenkulumo iyokwabelwa odade. Izindaba zalenkulumo ziyoshintshashintshwa zithathelwa phakathi kwencwadi Ukubonisana nethi Ungaphila Phakade, incwadi ethi Ungaphila Phakade yabelwe ngokuyinhloko abafundi abasebancane noma abasha. Umfundi owabelwe kumelwe akwazi ukufunda. Lapho enikeza lenkulumo, umfundi angase ahlale noma ame. Umsizi oyedwa uyokwabiwa umbonisi wesikole, kodwa bangasetshenziswa abasizi abengeziwe. Kutuswa ukuba ukuhlelwa kwenkulumo kuhlanganise inkonzo yasensimini noma ukufakaza ngokwethukela. Onikeza lenkulumo angayiqala ngokwakhe ingxoxo ukuze aveze ukuhlelwa kwenkulumo noma umsizi (abasizi) wakhe enze kanjalo. Akukhona ukuhlelwa kwenkulumo okufanele kucatshangelwe ngokuyinhloko, kodwa indaba ngokwayo. Umfundi kumelwe asebenzise isihloko esikhonjiwe.
INKULUMO NO. 4: Imizuzu emi-5. Yabelwa umzalwane noma udade. Lenkulumo iyosekelwa encwadini Ukubonisana. Lapho yabelwe umzalwane, kufanele ibhekisele kuzo zonke izilaleli. Ngokuvamile kuyoba kuhle kakhulu ngomzalwane ukuba alungiselele inkulumo yakhe ecabanga ngezilaleli eHholo LoMbuso ukuze ibe ngefundisayo nezuzisayo ngempela kulabo abayilalele. Nokho, uma indaba ngokwayo izenza if anelekele kangcono ukuhlelwa ngenye indlela futhi kuwusizo, umzalwane angase akhethe ukunikeza inkulumo yakhe ngaleyondlela. Umfundi kufanele asebenzise isihloko esikhonjiwe.
Lapho yabelwe udade, indaba kumelwe inikezwe njengoba kuboniswe ngeNkulumo No. 3.
ISELULEKO NOKUKHULUMELA: Ngemva kwenkulumo ngayinye yomfundi, umbonisi wesikole uyonikeza iseluleko esiqondile, angalandeli njengesibopho isimiso sokweluleka ngokulandelana kwamaphuzu esihlelwe epheshaneni leSeluleko Senkulumo. Kunalokho, kumelwe agxile kulezozindawo umfundi adinga ukuthuthuka kuzo. Uma isikhulumi esingumfundi sifanelwe u-”L” kuphela futhi ingekho enye imfanelo yenkulumo ephawulwe ngokuthi “W” noma ngokuthi “S,” khona-ke umeluleki kumelwe akokolezele imfanelo yenkulumo umfundi okumelwe asebenzele kuyo ngokulandelayo, ukwenza lokho esikhaleni ngokuvamile okubhalwa kuso u“L”, u“W” noma u“S.” Uyomtshela umfundi ngalona lolosuku futhi abonise lemfanelo yenkulumo epheshaneni lomfundi elilandelayo leSabelo SeSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini (S-89). Labo abanikeza izinkulumo kufanele bahlale ngaphambili ehholo. Lokhu kuyokonga isikhathi futhi kwenze ukuba umbonisi wesikole akwazi ukweluleka ngokuqondile umfundi ngamunye. Uma isikhathi sivuma, ngemva kokunikeza iseluleko somlomo esidingekayo, umeluleki anganikeza ukukhulumela ngamaphuzu afundisayo nakhayo abafundi abangawahlanganisanga. Umbonisi wesikole kumelwe aqaphele ukuba angasebenzisi imizuzu engaphezu kwemibili ngeseluleko nokukhulumela ngemva kwenkulumo ngayinye yomfundi. Uma inkulumo yamaphuzu avelele eBhayibheli ishiye okuthile okungafiseleka, iseluleko singase sinikezwe ngasese.
UKULUNGISELELA IZINKULUMO: Abazalwane abanikezwa iSabelo No. 1 kufanele bakhethe isihloko. Abafundi ababelwa inkulumo yesibili kufanele bakhethe isihloko esiyovumela ukuhlanganiswa okuhle kwendaba. Abafundi ababelwe inkulumo yesithathu neyesine kufanele basebenzise isihloko esikhonjiwe. Abafundi kudingeka bafunde Incwadi Yokuchasisa ISikole ngendaba ephathelene nemfanelo yenkulumo abayisebenzelayo, ngaphambi kokunikeza inkulumo.
ISIKHATHI: Ayikho inkulumo okufanele yeqe isikhathi. Ngisho neseluleko nokukhulumela kombonisi wesikole. Izinkulumo No. 2 kuya ku-4 kumelwe zimiswe ngokuhlakanipha uma isikhathi sesiphelile. Owabelwe ukunikeza “uphawu lokuphela kwesikhathi” kufanele akwenze lokho ngokushesha. Lapho abazalwane abaphethe iSabelo No. 1 beqa isikhathi, kufanele banikezwe iseluleko ngasese. Bonke kufanele bagcine isikhathi sabo ngokunakekela. Isimiso sisonke: Imizuzu engama-45, ngaphandle kwengoma nomthandazo.
UKUBUKEZA OKULOTSHWAYO: Ngezikhathi ezithile kuyoba nokubukezwa okulotshwayo. Ekulungiseleleni, bukeza indaba eyabiwe futhi uqedele ukufundwa kweBhayibheli okwabiwe. YiBhayibheli kuphela elingasetshenziswa phakathi nalokho kubukeza kwemizuzu engama-25. Isikhathi esisele kuyoba ngesokuxoxa ngemibuzo nezimpendulo. Umfundi ngamunye uyophawula iphepha lakhe siqu. Umbonisi wesikole uyofunda zonke izimpendulo futhi agxile emibuzweni enzinyana, esiza bonke ukuba baziqonde kahle izimpendulo. Uma ngesizathu esithile, izimo zebandla zikwenza kudingeke, ukubukeza okulotshwayo kungenziwa ngesonto elilandela lelo eliboniswe esimisweni.
AMABANDLA AMAKHULU NAMANCANE: Amabandla anabafundi ababhalise esikoleni abangama-50 noma ngaphezulu angase aflse ukuhlela amanye amaqembu abafundi ukuba banikeze izinkulumo ezabiwe phambi kwabanye abeluleki. Yiqiniso, abantu abangabhapathiziwe abaphila ukuphila okuvumelana nezimiso zobuKristu nabo bangabhalisa esikoleni futhi bathole izabelo.
ABANGEKHO: Bonke ebandleni bangabonisa ukwazisa ngalesikole ngokuzama ukuba khona esimisweni sesonto ngalinye, ngokulungiselela kahle izabelo zabo, nangokuhlanganyela ezingxenyeni zemibuzo. Kwethenjwa ukuthi bonke abafundi bayobheka izabelo zabo ngokwazisa okujulile. Uma umfundi engekho ngesikhathi abelwe ngaso, ozithandelayo angase asithathe isabelo, asinikeze nganoma iyiphi indlela anomuzwa wokuthi singaba usizo ngayo kulokho kwaziswa kwesikhashana esifushane. Noma, umbonisi wesikole angase ahlanganise indaba ngokuhlanganyela kwezilaleli okufanelekile.
ISIMISO
Jan. 1 Ukufundwa kweBhayibheli: Luka 2 no-3
INgoma No. 14
No. 1: “Inhliziyo Yenu Mayingakhathazeki” (wZU88 2/15 kk. 10-12, izig. 1-12)
No. 2: Luka 3:7-22
No. 3: UJesu Wabeka Isibonelo Sokudumisa Igama LikaNkulunkulu (peZU isahl. 22 izig. 1-4)
No. 4: OFakazi BakaJehova Abayona Inkolo YaseMelika, Noma Inkolo Yokuthatheka (rsZU k. 208 izig. 1-3; k. 209 izig. 1, 2)
Jan. 8 Ukufundwa kweBhayibheli: Luka 4 no-5
INgoma No. 156
No. 1: “Inhliziyo Yenu Mayingakhathazeki” (wZU88 2/15 kk. 13-15, izig. 13-21)
No. 2: Luka 4:16-30
No. 3: OFakazi BakaJehova Abayona Inkolo Entsha (rsZU k. 209 isig. 3 kuya kuk. 210 isig. 2)
No. 4: Isizathu Sokuba Sikholelwe Ukuthi Inkolo Yethu Iwukuphela Kweqondile (rsZU k. 210 izig. 1, 2)
Jan. 15 Ukufundwa kweBhayibheli: Luka 6 no-7
INgoma No. 215
No. 1: reZU isahl. 7 izig. 1-7
No. 2: Luka 6:20-38
No. 3: Isizathu Sokuba Sizibize Ngokuthi SingoFakazi BakaJehova (peZU isahl. 22 izig. 5, 6)
No. 4: Isisekelo Sokubona Inkolo Yeqiniso (rsZU k. 211 isig. 1)
Jan. 22 Ukufundwa kweBhayibheli: Luka 8 no-9
INgoma No. 122
No. 1: “Ukuthula Makube-Kinina” (wZU88 2/15 kk. 15-17, izig. 1-11)
No. 2: Luka 9:1-17
No. 3: Izihluthulelo Zokuqonda IBhayibheli (rsZU k. 211 isig. 2 kuya kuk. 212 isig. 2)
No. 4: Isizathu Sokuba OFakazi BakaJehova Benze Ukulungisa Ezimfundisweni Zabo (rsZU k. 212 isig. 3)
Jan. 29 Ukufundwa kweBhayibheli: Luka 10 no-11
INgoma No. 72
No. 1: “Ukuthula Makube-Kinina” (wZU88 2/15 kk. 18-20, izig. 12-21)
No. 2: Luka 11:1-20
No. 3: Obani Kuphela Namuhla Abashumayela NgoMbuso KaNkulunkulu? (peZU isahl. 22 izig. 7-9)
No. 4: Ukushumayela Endlini Ngendlu KungokomBhalo Futhi Kuyaphumelela (rsZU k. 213 izig. 1-4) ‘
Feb. 5 Ukufundwa kweBhayibheli: Luka 12 no-13
INgoma No. 106
No. 1: reZU isahl. 7 izig. 8-15
No. 2: Luka 12:32-48
No. 3: Kungani OFakazi BakaJehova Beshushiswa? (rsZU k. 214 izig. 1, 2)
No. 4: UJesu Kristu Wayengumuntu Ongokomlando (rsZU k. 248 kuya kuk. 249 isig. 2)
Feb. 12 Ukufundwa kweBhayibheli: Luka 14 kuya ku-16
INgoma No. 170
No. 1: “Ukuzala Abantwana Okucatshangelwe Kahle Kulesikhathi Sokugcina” (wZU88 3/1 kk. 23-25 izig. 1-11)
No. 2: Luka 14:16-35
No. 3: Inkolo Yeqiniso Iyalihlonipha IZwi LikaNkulunkulu (peZU isahl. 22 izig. 10-13)
No. 4: UJesu Wayengeyena Nje Umuntu Olungile (rsZU k. 249 isig. 3)
Feb. 19 Ukufundwa kweBhayibheli: Luka 17 no-18
INgoma No. 210
No. 1: “Ukuzala Abantwana Okucatshangelwe Kahle Kulesikhathi Sokugcina” (wZU88 3/1 kk. 25-27 izig. 12-21)
No. 2: Luka 17:5-21
No. 3: UJesu Wayengeyena Nje Umprofethi Owazimisa (rsZU k. 249 isig. 4)
No. 4: Isizathu Esenza Ukuba Iningi LamaJuda Lingamamukeli UJesu NjengoMesiya Walo (rsZU k. 250 kuya kuk. 251 isig. 1)
Feb. 26 Ukufundwa kweBhayibheli: Luka 19 no-20
INgoma No. 186
No. 1: reZU isahl. 8 izig. 1-13
No. 2: Luka 20:21-40
No. 3: Inkolo Yeqiniso Izigcina Ihlukile Ezweni (peZU isahl. 22 izig. 14,15)
No. 4: Indlela Esazi Ngayo Ukuthi Eqinisweni UJesu Akayena UNkulunkulu (rsZU k. 251 izig. 2, 3)
Mar. 5 Ukufundwa kweBhayibheli: Luka 21 no-22
INgoma No. 91
No. 1: “Ukuthembela KuJehova Kuholela Ekuzinikezeleni Nobhapathizo” (wZU88 3/15 kk. 10-12 izig. 1-11)
No. 2: Luka 22:7-23
No. 3: Lokho UJohane 1:1 Akushoyo Nangakusho (rsZU k. 251 isig. 5 kuya kuk. 252 isig. 1)
No. 4: UJohane 20:28 Akabonisi Ukuthi UJesu WayenguNkulunkulu (rsZU k. 252 isig. 2 kuya kuk. 253 isig. 1)
Mar. 12 Ukufundwa kweBhayibheli: Luka 23 no-24
INgoma No. 218
No. 1: “Ukuthembela KuJehova Kuholela Ekuzinikezeleni Nobhapathizo” (wZU88 3/15 kk. 13-15 izig. 12-23)
No. 2: Luka 24:36-53
No. 3: Uthando Phakathi Kwabo Lubonisa Labo Abanenkolo Yeqiniso ipeZU isahl. 22 izig. 16-18)
No. 4: Isizathu Sokuba UMathewu 1:23 Angabonisi Ukuthi UJesu WayenguNkulunkulu (rsZU k. 253 izig. 2-4)
Mar. 19 Ukufundwa kweBhayibheli: Johane 1 kuya ku-3
INgoma No. 173
No. 1: reZU isahl. 9 izig. 1-12
No. 2: Johane 1:1-18
No. 3: Isizathu Sokuba UJohane 5:18 Angabonisi Ukuthi UJesu UnguJehova (rsZU k. 253 isig. 5 kuya kuk. 254 isig. 1)
No. 4: Isizathu Sokuba UJesu Angakhulekelwa (rsZU k. 254 izig. 2-4)
Mar. 26 Ukufundwa kweBhayibheli: Johane 4 no-5
INgoma No. 217
No. 1: “Ukukhonza Njengezisebenzi Ezikanye NoJehova Ezimethembayo” (wZU88 3/15 kk. 15-18 izig. 1-11)
No. 2: Johane 4:16-38
No. 3: Isizathu Sokuba Kube Khona Inkolo Eyodwa Kuphela Yeqiniso (peZU isahl. 22 izig. 19, 20)
No. 4: Izimangaliso Ezenziwa UJesu Azibonisi Ukuthi WayenguNkulunkulu (rsZU k. 255 izig. 1-3)
Apr. 2 Ukufundwa kweBhayibheli: Johane 6 no-7
INgoma No. 150
No. 1: “Ukukhonza Njengezisebenzi Ezikanye NoJehova Ezimethembayo” (wZU88 3/15 kk. 18-20 izig. 12-20)
No. 2: Johane 6:52-71
No. 3: Kudingeka Okungaphezu Kokukholelwa KuJesu Ukuze Usindiswe (rsZU k. 255 isig. 5)
No. 4: UJesu Wayekhona Ngaphambi Kokuba Khona Kwakhe Njengomuntu (rsZU k. 256 izig. 1, 2)
Apr. 9 Ukufundwa kweBhayibheli: Johane 8 no-9
INgoma No. 121
No. 1: reZU isahl. 9 izig. 13-23
No. 2: Johane 8:31-47
No. 3: Isizathu Sokuba Sazi Ukuthi UNkulunkulu Unenhlangano Ebonakalayo (peZU isahl. 23 izig. 1-3)
No. 4: UJesu Akazange Ahambe Nomzimba Wakhe Wenyama Ukuya Ezulwini (rsZU k. 256 isig. 3 kuya kuk. 257 isig. 1)
Apr. 16 Ukufundwa kweBhayibheli: Johane 10 no-11
INgoma No. 42
No. 1: “Indlela Yokuqinisa Izibopho Zomkhaya” (wZU88 4/1 kk. 4-7)
No. 2: Johane 10:1-18
No. 3: UJesu Ungumuntu Ofanayo NoMikayeli (rsZU k. 257 isig. 2
kuya kuk. 258 isig. 1)
No. 4: OFakazi BakaJehova Bavakholelwa KuJesu (rsZU k. 258
izig. 1-3)
Apr. 23 Ukufundwa kweBhayibheli: Johane 12 no-13
INgoma No. 200
No. 1: “Ingabe Ukulalela Kufanelekile Ngaso Sonke Isikhathi?” (wZU88 4/1 kk. 28-31)
No. 2: Johane 13:21-35
No. 3: Yini Ebonisa Ukuthi UNkulunkulu Waqondisa Izinceku Zakhe Ngendlela Ehlelekile? (peZU isahl. 23 izig. 4-6)
No. 4: OFakazi BakaJehova Bayamamukela UJesu Kristu NjengoMsindisi (rsZU k. 259 izig. 1-3)
Apr. 30 Ukubukeza Okulotshwayo. Qedelani uLuka 2 kuya kuJohane 13
INgoma No. Ill
May 7 Ukufundwa kweBhayibheli: Johane 14 kuya ku-16
INgoma No. 159
No. 1: “IBhayibheli Nokuziphatha Kwentsha” (wZU88 4/15 kk. 4-7)
No. 2: Johane 15:1-19
No. 3: AmaJuda Namuhla Awasebona Abantu Abakhethiwe BakaNkulunkulu (rsZU k. 42 isig. 1 kuya kuk. 43 isig. 3)
No. 4: Akuwona Wonke AmaJuda Ayakuphendukela KuKristu (rsZU k. 43 isig. 5 kuya kuk. 44 isig. 1)
May 14 Ukufundwa kweBhayibheli: Johane 17 no-18
INgoma No. 198
No. 1: reZU isahl. 10 izig. 1-14
No. 2: Johane 17:1-19
No. 3: UNkulunkulu Usebenzisa Inhlangano Eyodwa Kuphela Ngesikhathi (peZU isahl. 23 izig. 7-9)
No. 4: AmaJuda Kumelwe Nawo Akholwe KuJesu Kristu Ukuze Asindiswe (rsZU k. 44 izig. 2, 3)
May 21 Ukufundwa kweBhayibheli: Johane 19 kuya ku-21
INgoma No. 39
No. 1: “Ukuvala Okungathela Isithelo Esinokuthula” (wZU88 4/15
kk. 26-28 izig. 1-15)
No. 2: Johane 21:9-23
No. 3: UIsrayeli Namuhla Akazigcwalisi Iziprofetho ZeBhayibheli (rsZU k. 45 izig. 1-3)
No. 4: Iziprofetho Ngokubuyiselwa Zisebenza KuIsrayeli Ongokomoya (rsZU k. 46 izig. 2 kuya kuk. 47 isig. 1)
May 28 Ukufundwa kweBhayibheli: IzEnzo 1 kuya ku-3
INgoma No. 146
No. 1: “Ukuyala Okungathela Isithelo Esinokuthula” (wZU88 4/15 kk. 28-31 izig. 16-26)
No. 2: IzEnzo 2:22-36
No. 3: AmaKristu Ekhulu Lokuqala Ayehlelekile (peZU isahl. 23 izig. 10-12)
No. 4: UMbuso KaNkulunkulu Unguhulumeni Ongokoqobo (rsZU k. 356 izig. 1, 2)
June 4 Ukufundwa kweBhayibheli: IzEnzo 4 kuya ku-6
INgoma No. 92
No. 1: reZU isahl. 10 izig. 15-22
No. 2: IzEnzo 5:17-32
No. 3: Obani Abangababusi BoMbuso KaNkulunkulu? (rsZU k. 357 izig. 1-3)
No. 4: Umphumela UMbuso KaNkulunkulu Ovoba Nawo Kohulumeni Babantu (rsZU k. 357 izig. 4, 5)
June 11 Ukufundwa kweBhayibheli: IzEnzo 7 no-8
INgoma No. 43
No. 1: “Indlela Yokuba Umzali Ophumelelayo” (wZU88 5/1 kk. 3-6)
No. 2: IzEnzo 8:25-40
No. 3: INdikimba Ebusayo Iqondisa Umsebenzi Wokufakaza Namuhla (peZU isahl. 23 izig. 13-16)
No. 4: UMbuso KaNkulunkulu Uyophakamisa Ubukhosi BukaJehova Futhi Uqede Ukubusa KukaSathane (rsZU k. 357 isig. 6
kuya kuk. 358 isig. 2)
June 18 Ukufundwa kweBhayibheli: IzEnzo 9 no-10
INgoma No. 16
No. 1: reZU isahl. 11 izig. 1-15
No. 2: IzEnzo 10:30-48
No. 3: UMbuso KaNkulunkulu Uyohlanganisa Isintu Ekukhulekeleni Okuhlanzekile (rsZU k. 358 izig. 3, 4)
No. 4: UMbuso KaNkulunkulu Uyokhulula Isintu Empini Nasekucindezelweni (rsZU k. 359 izig. 1-4)
June 25 Ukufundwa kweBhayibheli: IzEnzo 11 kuya ku-13
INgoma No. 30
No. 1: “Inselele Yokulandela Ezinyathelweni Zakhe” (wZU88 5/1 kk. 10-12 izig. 1-12)
No. 2: IzEnzo 12:1-17
No. 3: Indlela Umsebenzi Wokufundisa Oqhutshwa Ngayo Namuhla (peZU isahl. 23 izig. 17-23)
No. 4: UMbuso KaNkulunkulu Uyolungiselela Inala Yokudla Futhi Uqede Ukugula (rsZU k. 359 izig. 5-7)
July 2 Ukufundwa kweBhayibheli: IzEnzo 14 kuya ku-16
INgoma No. 112
No. 1: “Inselele Yokulandela Ezinyathelweni Zakhe” (wZU88 5/1 kk. 13-15 izig. 13-20)
No. 2: IzEnzo 15:13-29
No. 3: UMbuso KaNkulunkulu Uyolungiselela Izindlu Kanye Nomsebenzi Owanelisayo Wabo Bonke (rsZU k. 360 izig. 1, 2)
No. 4: UMbuso KaNkulunkulu Uqinisekisa Ngokulondeka Nokulunga (rsZU k. 360 izig. 3-6)
July 9 Ukufundwa kweBhayibheli: IzEnzo 17 kuya ku-19
INgoma No. 28
No. 1: reZU isahl. 12 izig. 1-14
No. 2: IzEnzo 17:22-34
No. 3: Izinjongo Ezifezwa Imihlangano Yethu Ehlukahlukene (peZU isahl. 23 izig. 24-28)
No. 4: UMbuso KaNkulunkulu Uyovusa Abafile Futhi Uqede Ukufa Okweza NgoAdamu (rsZU k. 361 izig. 1-4)
July 16 Ukufundwa kweBhayibheli: IzEnzo 20 no-21
INgoma No. 116
No. 1: “Abantu Abahamba Ezinyathelweni ZikaJesu” (wZU88 5/1 kk. 15-18 izig. 1-11)
No. 2: IzEnzo 20:17-35
No. 3: UMbuso KaNkulunkulu Uyokwenza Umhlaba Ube YiPharadesi (rsZU k. 361 isig. 6 kuya kuk. 362 isig. 4)
No. 4: UMbuso KaNkulunkulu Awuzange Umiswe Ekhulwini Lokuqala Leminyaka (rsZU k. 362 izig. 5-7)
July 23 Ukufundwa kweBhayibheli: IzEnzo 22 kuya ku-24
INgoma No. 105
No. 1: “Abantu Abahamba Ezinyathelweni ZikaJesu” (wZU88 5/1 kk. 18-20 izig. 12-20)
No. 2: IzEnzo 24:9-23
No. 3: Isizathu Nesikhathi Sokugubha ISidlo SeNkosi Sakusihlwa (peZU isahl. 23 izig. 29, 30)
No. 4: Yini Ebonisa Ukuthi Siphila Ezinsukwini Zokugcina? (rsZU k. 182 isig. 1)
July 30 Ukufundwa kweBhayibheli: IzEnzo 25 no-26
INgoma No. 123
No. 1: reZU isahl. 12 izig. 15-25
No. 2: IzEnzo 26:8-23
No. 3: Impi Ehlanganisa Zonke Izizwe, Isibonakaliso Sezinsuku Zokugcina (rsZU k. 182 isig. 2 kuya kuk. 183 isig. 1)
No. 4: Izinsuku Zokugcina Ziphawulwa Ngendlala Nokuzamazama Komhlaba (rsZU k. 183 isig. 2 kuya kuk. 184 isig. 1)
Aug. 6 Ukufundwa kweBhayibheli: IzEnzo 27 no-28
INgoma No. 144
No. 1: “Idivosi—IBhayibheli Lithini Ngempela?” (wZU88 5/15 kk. 4-7)
No. 2: IzEnzo 28:17-31
No. 3: Ukuba KukaJehova Nenhlangano Ebonakalayo Kudingani Ngathi? (peZU isahl. 23 izig. 31, 32)
No. 4: Izifo Nokungabi Namthetho, Izimpawu Zezinsuku Zokugcina (rsZU k. 184 isig. 2 kuya kuk. 185 isig. 1)
Aug. 13 Ukufundwa kweBhayibheli: Roma 1 kuya ku-3
INgoma No. 113
No. 1: reZU isahl. 13 izig. 1-12
No. 2: Roma 1:8-23
No. 3: Izimpawu Zezinsuku Zokugcina: Umsebenzi Wokushumayela Nokushushiswa KwamaKristu (rsZU k. 186 izig. 1, 2)
No. 4: Izinsuku Zokugcina Zikhomba Kuphi, Futhi Izazi-mlando Zizibheka Kanjani Izinsuku Zokugcina? (rsZU k. 186 isig. 3; k. 187 izig. 1-3)
Aug. 20 Ukufundwa kweBhayibheli: Roma 4 kuya ku-6
INgoma No. 222
No. 1: “Ingabe Uyazazisa Izinto Ezingcwele?” (wZU88 6/15 kk. 10-12 izig. 1-9)
No. 2: Roma 6:8-23
No. 3: Umthetho KaMose Wanikezwa Bani, Futhi Kungani? (peZU isahl. 24 izig. 1-4)
No. 4: Abanye Bayosinda Isiphelo Sezwe (rsZU k. 188 izig. 1-4)
Aug. 27 Ukubukeza Okulotshwayo. Qedelani UJohane 14 kuya kumaRoma 6
INgoma No. 181
Sept. 3 Ukufundwa kweBhayibheli: Roma 7 kuya ku-9
INgoma No. 142
No. 1: “Ingabe Uyazazisa Izinto Ezingcwele” (wZU88 6/15 kk. 12-15 izig. 10-20)
No. 2: Roma 8:26-39
No. 3: Isizathu Sokuba UNkulunkulu Avumele Ububi Isikhathi Eside Kangaka (rsZU k. 188 izig. 5-7)
No. 4: Ukuphendula Izimpikiswano Zokuthi Lezi Izinsuku Zokugcina (rsZU k. 189 izig. 1-4)
Sept. 10 Ukufundwa kweBhayibheli: Roma 10 kuya ku-12
INgoma No. 23
No. 1: reZU isahl. 13 izig. 13-26
No. 2: Roma 12:1-16
No. 3: Yini Elandelavo Njengoba UKristu Awuqeda UMthetho? (peZU isahl. 24 izig. 5-9)
No. 4: Indlela Injongo Yokuphila Engabonwa Ngayo (rsZU k. 315 izig. 1, 4 kuya kuk. 316 isig. 1)
Sept. 17 Ukufundwa kweBhayibheli: Roma 13 kuya ku-16
INgoma No. 88
No. 1: “Yenyanye Ngokuphelele Inkambo Yezwe Eyihlazo” (wZU88
6/15 kk. 15-18 izig. 1-9)
No. 2: Roma 15:1-16
No. 3: Sasingadalelwe Nje Ukuphila Iminyaka Embalwa Bese Sifa (rsZU k. 316 izig. 2-4)
No. 4: Ingabe Ukuphila Kwethu Kwakumelwe Kube Okokuhlupheka? (rsZU k. 317 izig. 1-3)
Sept. 24 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 Korinte 1 kuya ku-3
INgoma No. 48
No. 1: “Yenyanye Ngokuphelele Inkambo Yezwe Eyihlazo (wZU88 6/15 kk. 18-20 izig. 10-19)
No. 2: 1 Korinte 3:1-15
No. 3: Imiphi Imithetho Esebenza KumaKristu? (peZU isahl. 24 izig. 10,11)
No. 4: Yisiphi Isisekelo Sethemba Esikhona Ngokuphila Kwesikhathi Esizayo? (rsZU k. 317 izig. 6-8)
Oct. 1 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 Korinte 4 kuya ku-6
INgoma No. 207
No. 1: reZU isahl. 14 izig. 1-15
No. 2: 1 Korinte 6:1-11, 15-20
No. 3: Amathemba Okuphila Kwesikhathi Esizayo Ayogcwaliseka Kanjani? (rsZU k. 318 izig. 1, 2)
No. 4: Isizathu Sokuba Kudingeke Ukuba Kuhlangatshezwane Nezimfuneko Ezingokomthetho Emshadweni (rsZU
k. 385 izig. 1-3)
Oct. 8 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 Korinte 7 kuya ku-9
INgoma No. 115
No. 1: “Ukuhlangabezana Nezidingo Zasebegugile Bethu—Inselele YomKristu” (wZU88 7/15 kk. 21-23)
No. 2: 1 Korinte 9:11-27
No. 3: Yimuphi UMthetho KaKristu AmaKristu Okumelwe Awulalele? (peZU isahl. 24 izig. 12-14)
No. 4: Isithembu Asisona EsamaKristu Ngisho Nakuba Singase Sivunyelwe Ngokomthetho (rsZU k. 386 izig. 2, 3)
Oct. 15 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 Korinte 10 kuya ku-12
INgoma No. 213
No. 1: reZU isahl. 14 izig. 16-28
No. 2: 1 Korinte 10:1-13, 31-33
No. 3: Isizathu Sokuba Isithembu Sinqatshelwe KumaKristu Nakuba Sasivunyelwe Ngaphambili (rsZU k. 386 isig. 4 kuya kuk. 387 isig. 3)
No. 4: Ingabe Ukwehlukana Kuvumelekile Lapho Umshado Unezinkinga? (rsZU k. 387 isig. 4)
Oct. 22 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 Korinte 13 no-14
INgoma No. 35
No. 1: “Bazali Finyelelani Inhliziyo Yomntwana Wenu Kusukela Ebuntwaneni” (wZU88 8/1 kk. 10-12 izig. 1-10)
No. 2: 1 Korinte 13:1-13
No. 3: Liyini Izwe AmaKristu Okumelwe Azigcine Ehlukile Kulo? (peZU isahl. 25 izig. 1-4)
No. 4: Okuwukuphela Kwezizathu Zokudivosa Ezivumela Ukuphinda Ushade (rsZU k. 388 izig. 1-4)
Oct. 29 Ukufundwa kweBhayibheli: 1 Korinte 15 no-16
INgoma No. 81
No. 1: “Bazali Finyelelani Inhliziyo Yomntwana Wenu Kusukela Ebuntwaneni” (wZU88 8/1 kk. 12-15 izig. 11-21)
No. 2: 1 Korinte 15:20-34
No. 3: Isizathu Sokuba Ekuqaleni UNkulunkulu Avumele Ukushadana Kwezingane Zandawonye (rsZU k. 389 izig. 1, 2)
No. 4: Umshado Ungathuthukiswa Kanjani? (rsZU k. 389 No. 1, 2)
Nov. 5 Ukufundwa kweBhayibheli: 2 Korinte 1 kuya ku-4
INgoma No. 191
No. 1: reZU isahl. 15 izig. 1-13
No. 2: 2 Korinte 3:1-6,12-18
No. 3: Yiziphi Izingxenye Ezinkulu Ezintathu Zezwe LikaSathane? [peZU isahl. 25 izig. 5-9)
No. 4: Umshado Ungathuthukiswa Kanjani? (rsZU k. 390 No. 3, 4)
Nov. 12 Ukufundwa kweBhayibheli: 2 Korinte 5 kuya ku-8
INgoma No. 117
No. 1: “Basha Xwayani Ukuphila Ukuphila Okumbaxambili” (wZU88 8/1 kk. 16-19 izig. 1-12)
No. 2: 2 Korinte 6:3-18
No. 3: Umshado Ungathuthukiswa Kanjani? (rsZU k. 390 No. 5, 6)
No. 4: Lokho Esingakufunda Emlandweni WeBhayibheli NgoMariya (rsZUk. 349 No. 1, 2, 5)
Nov. 19 Ukufundwa kweBhayibheli: 2 Korinte 9 kuya ku-13
INgoma No. 12
No. 1: “Basha Xwayani Ukuphila Ukuphila Okumbaxambili” (wZU88 8/1 kk. 19-21 izig. 13-22)
No. 2: 2 Korinte 9:1-15
No. 3: Isizathu Sokuba Simelane Nezwe LikaSathane (peZU isahl. 25 izig. 10,11)
No. 4: Umshado Ungathuthukiswa Kanjani? (rsZU k. 390 No. 7, 8)
Nov. 26 Ukufundwa kweBhayibheli: Galathiya 1 kuya ku-3
INgoma No. 50
No. 1: reZU isahl. 15 izig. 14-26
No. 2: Galathiya 3:15-29
No. 3: UMariya Wayeyincasakazi Ngempela Lapho Ezala UJesu (rsZU k. 349 isig. 2 kuya kuk. 350 isig. 1)
No. 4: UMariya Akazange Ahlale Eyincasakazi Njalo (rsZU k. 350 isig. 2 kuya kuk. 351 isig. 1)
Dec. 3 Ukufundwa kweBhayibheli: Galathiya 4 kuya ku-6
INgoma No. 163
No. 1: “Impumelelo Kungakhathaliseki Ukuthi Kwenzekani? (wZU88 8/15 kk. 4-7)
No. 2: Galathiya 5:13-26
No. 3: Indlela Yokungabi Yingxenye Yezwe (peZU isahl. 25 izig. 12-14)
No. 4: UMariya Wayengeyena Unina KaNkulunkulu (rsZU k. 351 izig. 2-4)
Dec. 10 Ukufundwa kweBhayibheli: Efesu 1 kuya ku-3
INgoma No. 99
No. 1: “Abantwana ‘Abasisiwe’—Sinengqondo Kangakanani Lesisenzo?” (wZU88 9/1 kk. 28-30)
No. 2: Efesu 3:8-21
No. 3: UMariya Wayengeyena Ongenasici Esesesizalweni (rsZU k. 352 izig. 1, 2)
No. 4: UMariya Akazange Anyukele Ezulwini Enomzimba Wenyama (rsZU k. 352 isig. 3 kuya kuk. 353 isig. 1)
Dec. 17 Ukufundwa kweBhayibheli: Efesu 4 kuya ku-6
INgoma No. 209
No. 1: “Ingabe Ikhaya Lakho Liyindawo Yokuphumula Nokuthula?” (wZU88 11/1 kk. 15-17 izig. 1-12)
No. 2: Efesu 5:15-33
No. 3: Isizathu Sokuba AmaKristu Angawugubhi UKhisimusi (peZU isahl. 25 isig. 15)
No. 4: IBhayibheli Alimvezi UMariya Njengomkhulumeli (rsZU k. 353 izig. 2, 3)
Dec. 24 Ukufundwa kweBhayibheli: Filipi 1 kuya ku-4
INgoma No. 22
No. 1: “Ingabe Ikhaya Lakho Liyindawo Yokuphumula Nokuthula?” (wZU88 11/1 kk. 17-20 izig. 13-22)
No. 2: Filipi 4:4-20
No. 3: Isibonelo Esabekwa UJesu Ekungadumisini Unina (rsZU k. 354 izig. 3, 4)
No. 4: Lokho Okwakushiwo UJesu Lapho Ethi: “Lokhu Kungumzimba Wami” (rsZU k. 82 isig. 3 kuya kuk. 83 isig. 4)
Dec. 31 Ukubukeza Okulotshwayo. Qedelani amaRoma 7 kuya kwabaseFilipi 4
INgoma No. 155