Ukubukezwa Kwesikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Ukubukeza izincwadi zivaliwe ukwaziswa okwahlanganiswa ezabelweni zeSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini ezabelweni zamasonto kaMay 1 kuya kuAugust 21, 1989. Sebenzisa iphepha elihlukile ukuba ubhalele kulo izimpendulo zemibuzo ongakwazi ukuyiphendula ngesikhathi esinikeziwe.
[Phawula: Phakathi nokubukeza okulotshwayo, iBhayibheli kuphela elingasetshenziswa ekuphenduleni noma yimuphi umbuzo. Izikhombo ezilandela imibuzo ezokucwaninga kwakho siqu. Izinombolo zamakhasi nezigaba zingase zingaveli kuzo zonke izikhombo zeNqabayokulinda.]
Phendula izinkulumo ezilandelayo iQiniso noma-Amanga:
1. “Abantu abaningi” ‘nezizwe ezinamandla’ kubhekisela ezizweni zezombangazwe nohulumeni. (Mika 4:3) [1, Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU89 5/1.]
2. Enye yezimbangela eziyinhloko zokuphelelwa yisikhathi enkulumweni iwukuba nokwaziswa okuningi kakhulu. [4, sgZU k. 178 isig. 21]
3. KuZakariya 1:3, amaJuda ayenxuswa ukuba ashiye iBabiloni futhi abuyele ekhaya eJerusalema. [7, Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU89 6/15.]
4. Izinqola ezine ezidonswa amahhashi zifanekisela amabutho ezingelosi zomoya ezithunywa ukuba zivikele izikhonzi zikaNkulunkulu emhlabeni. (Zak. 6:1-3) [8, Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU89 6/15.]
5. Uma izikhwama zethu zamaBhayibheli nezincwadi sezingcolile futhi zigugile kungase kudingeke ukuba sithenge ezinye ngoba zingacasula abantu. [7, sgZU k. 185 izig. 29-31]
6. UJesu akagxekanga imithandazo yasobala, kodwa imithandazo eyenzelwa ukuhlaba izilaleli umxhwele futhi izenze ukuba zisho amazwi athile okuncoma. (Math. 6:5, 6) [13, Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU 86 11/1 k. 8.]
7. Amazwi kaJesu kuMathewu 9:16, 17 abonisa ukuthi wayengezelanga ukuchibiyela, noma ukuthuthukisa ubuJuda kodwa ukumisa isimiso esisha sokukhulekela. [14, Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU89 7/15.]
8. Iziyalezo zokushumayela zikaJesu kuMathewu isahluko 10 zazenzelwe abaphostoli bakhe abayi-12 kuphela. [15, Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU87 8/1 k. 8.]
Phendula imibuzo elandelayo:
9. Ungaqiniseka kanjani ngokuthi inkulumo yakho ngeke idle isikhathi? [4, sgZU k. 179 izig. 25, 26]
10. Ungubani ‘ogcotshiweyo’ osindiswayo? (Hab. 3:13) [4, Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU89 5/15.]
11. Luyini “ulimi oluhlanzekileyo”? (Zef. 3:9, NW) [5, Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU89 6/1.]
12. Umfazi angaba kanjani umsizi wangempela wendoda yakhe? (Gen. 2:18) [17, flZU k. 55 isig. 7]
13. UJosefa wayengacabanga kanjani ngokudivosa uMariya ngasese, njengoba babesathembisene kuphela? (Math. 1:19) [11, Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU89 7/15.]
14. Kungani ukuziphatha okubi ngesikhathi sokuqomisana kungavimbela ukujabulela komuntu umshado omuhle? [12, flZU k. 22 izig. 30, 31]
15. Kungani kubalulekile ukushada nomuntu onokholo kuJehova naseZwini lakhe? [12, flZU k. 24 izig. 35, 36]
16. Kungani abafundi bakaJesu basolwa ngokungagezi izandla lapho sebezokudla? (Math. 15:2) [17, Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU87 11/1 k. 8.]
Gcwalisa ngegama noma ngomusho ukuze uphelelise ngayinye yezinkulumo ezilandelayo:
17. ‘Ukuklebhula komuntu inhliziyo yakhe, kusho ukuthi ............................ okuqotho kudingekile ukuze umuntu asinde ngosuku lukaJehova. (Joweli 2:12, 13) [1, wZU89 3/15 k. 30]
18. ............................ ukuhola ekutholeni isikhathi esanele somkhaya sokufunda nokuxoxa ndawonye ngeZwi likaNkulunkulu. [15, flZU k. 46 isig. 15]
19. Inkantolo enkulu okukhulunywe ngayo kuMathewu 5:22 ............................. [12, Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU89 7/15.]
20. Ukusebenzisa kukaJesu imifanekiso kwafeza injongo............................. (Math. 13: 10-15) [16, Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU87 4/1 k. 8.]
Khetha impendulo eqondile ezinkulumweni ezilandelayo:
21. (Wuthando; uthando lokuthatheka) olungaziboni izinkinga kusengaphambili abanye abazibona ngesikhathi sokuqomisana. [12, flZU k. 19 isig. 25]
22. ‘Umuzi wezingazi’ (kwakuyiBabiloni; yiNineve; yiJerusalema). (Nah. 3:1) [3, Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU89 5/15.]
23. Lapho indoda nenkosikazi benezinkinga zomshado (yindoda nenkosikazi; abazali; abasemzini/ekhweni) okumelwe basebenze ndawonye ukuze baxazulule izinkinga ezinjalo. [14, flZU k. 36 isig. 23]
24. ‘lsithunywa sesivumelwano’ (UJehova; uJohane uMbhapathizi; UJesu Kristu). (Mai. 3:1) [10, Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU89 7/1.]
Qondanisa imiBhalo elandelayo nezinkulumo ezihlelwe ngezansi:
IzAga 24:33, 34; Mika 6:11; Hag. 1:4-6; Zak. 12:6
25. Ungalokothi ubeke izinto ezibonakalayo ngaphambi kwezinto ezingokomoya. [6, Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU89 6/1.]
26. Labo abaqondisayo phakathi kwabantu bakaNkulunkulu kufanele babe yizibonelo zokushiseka. [9, Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU89 6/15.]
27. Indoda engumKristu akumelwe ibalekele umthwalo ongokwengqondo ngokulokhu ihlehlisa izinto uma ifuna ukuhola emkhayeni. [15, flZU k. 43 isig. 8]
28. Umuntu akanakukhulekela uJehova ngokwamukelekayo kuyilapho enza imisebenzi yokungethembeki kwezebhizinisi. [2, Ukufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke; bheka iwZU89 5/1.]