Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 6/89 k. 1
  • Ukujabulela Ukuhlangana Okungokwasezulwini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukujabulela Ukuhlangana Okungokwasezulwini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • EMIHLANGANWENI
  • UKUHLANGANA OKWAKHAYO
  • Bazi Kahle Abafowenu
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
  • Ukwazisa Imibuthano YobuKristu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Uyahlanganyela Yini Ekwenzeni Imihlangano YobuKristu Ibe Eyakhayo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Kungani Kufanele Sihlangane Ndawonye Ukuze Sikhulekele?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1989
km 6/89 k. 1

Ukujabulela Ukuhlangana Okungokwasezulwini

1 OFakazi BakaJehova babizana ngokuthi “mfowethu” nangokuthi “dadewethu.” Lokhu kubonisa ubuhlobo obuseduze okufanele bube khona phakathi kwazo zonke izinceku zikaJehova uNkulunkulu.

2 Igama elithi “mfowethu” ngokwezwi nezwi lisho “indodana yabazali ababodwa.” Ingabe uyazizwa izibopho zobuhlobo obufudumele obungokomoya onazo nabo bonke labo abayizinceku zikaJehova ezizinikezele? Singaluhlakulela kanjani ngokwengeziwe uhlobo lothando olusibonakalisa singabafowabo noma odadewabo bamaKristu esikanye nawo?

EMIHLANGANWENI

3 Abafundi bakaJesu bakuqaphela ukubaluleka kokuhlangana ndawonye. (IzE. 2:42; 46; 20:7, 8) Nathi siyalazisa ilungelo lobuhlobo bobuKristu obufudumele. (Roma 16:3, 5) Nokho, ingabe amazwi esiwashoyo emihlanganweni embula ukuthi siyikhathalela ngempela inhlalakahle engokomoya yabafowethu nodadewethu? Ngezimpendulo zethu emihlanganweni, singaluthuthukisa uthando nesithakazelo okungenabugovu enhlala-kahleni yabanye. Sifuna ukukhuthaza abafowethu ukuba bashiseke ekumemezeleni izindaba ezinhle nokuba babe izibonelo kuzo zonke izici zokuphila kwansuku zonke.—Heb. 10:24, 25.

4 Maningi amathuba okuhlangana okungokwasezulwini ngaphambi nangemva kwemihlangano. Kumelwe sisebenzise lesikhathi ukuze senabe ekuhlanganeni kwethu ngokwamukela abasha nangokujwayela abaningi ngangokunokwenzeka. Ukuhlanganyela okuhlangenwe nakho kwasenkonzweni yasensimini nezinye izingxoxo ezakhayo kuyoba nengxenye ekukhuthazeni abanye.—1 Thes. 5:11, 15.

UKUHLANGANA OKWAKHAYO

5 Umuntu akanakuhamba noNkulunkulu kuyilapho engumngane womphakathi okhohlakele nogulayo owamukela konke lokho uNkulunkulu akwenyanyayo. IBhayibheli liyaxwayisa: “Ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.” (1 Kor. 15:33) Abanye ebandleni bangase bathambekele ekumemeleni emibuthanweni abangane bezwe nezihlobo ezingakholwa ezingenasithakazelo eqinisweni, becabanga ukuthi lokhu kuyobakhuthaza ukuba bamukele iqiniso. Nokho, ingabe lokhu kuhlakaniphile futhi kuyavumelana nemiBhalo?

6 Siye salulekwa ukuba siqaphe ekusebenzelaneni kwethu nabantu bezizwe, abangakholwa, nabantu abavamile. (Bheka INqabayokulinda kaNovember 15, 1988, amakhasi 15, 16.) Kungani kufanele sithintane ngokungadingekile nabantu abasalandela izindlela zezwe nabangakabi abakhulekeli bakaJehova? (2 Kor. 6:14, 15) Abanye abanganaki ngokomoya bangase bafune abanye abasabambelele ekucabangeni nasezindleleni zezwe esikhundleni sokufuna ukuhlangana namaKristu avuthiwe angase abasize ukuba baqine okholweni. Bayahluleka ukuqaphela ukuthi ukuba semibuthanweni nabantu bezwe, abangenazimiso kungenza buthaka ukholo lwabo futhi kubonakalise.—Qhathanisa neyesi-2 Thes. 3:14, 15.

7 Wonke umuntu ofuna ukwenza iqiniso kufanele afune abangane abazinikezele kuJehova nabayomsiza ukuba ahambe eqinisweni futhi banikele entuthukweni yakhe ekukhonzeni uNkulunkulu. Abangane bethu nesijwayelene nabo bangaba nethonya elikhulu kithi. Ngakho, yeka ukuthi kuhlakaniphe kanjani ukufuna ubungane nabantu abesaba uNkulunkulu abagcina ubuhlobo obuseduze noJehova!

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela