Imibuzo Yokutadisha Incwajana UHulumeni Oyoletha IPharadesi
ISONTO LOKUQALA
Ikhasi 3
1 Yini okufanele siyithandazele futhi ngani?
2 Yini ezokwembulwa yilencwajana ngokuphathelene noMbuso?
3, 4 Ukuze umuntu abe isikhonzi soMbuso kaNkulunkulu, kumelwe enzeni?
Ikhasi 4
1 UNkulunkulu wasinikeza isiqalo esinjani isintu?
2, 3 Kungani sazuza ngefa isono nokufa?
4 Kungani kwakudingeka uMbuso kaNkulunkulu?
Ikhasi 5
1 Yini uJehova ayithembisa?
2-4 Wayengubani uAbrahama futhi uJehova wamcela ukuba enzeni?
5, 6 Kungani uJehova avivinya uAbrahama futhi isiphi isithembiso uJehova asenza?
Ikhasi 6
1, 2 INzalo yayiyokuza ngayiphi indodana kaIsaka, futhi ngokukaGenesise 46, yini eyenzeka?
3 Kungani uJakobe nomkhaya wakhe bathuthela eGibithe?
4, 5 INzalo yayiyokuza ngayiphi indodana kaJakobe futhi kungani abaseGibithe baqala ukwesaba amaIsrayeli?
Ikhasi 7
1, 2 Ubani uJehova amthuma kuFaro futhi kungani kwalethwa izinhlupho eziyishumi kwabaseGibithe?
3, 4 Kungani amazibulo akwaIsrayeli asindiswa?
5 NgokukaEksodusi 15, yini eyenzeka oLwandle Olubomvu?
Ikhasi 8
1 Yini eyenzeka eNtabeni iSinayi?
2, 3 UJehova wawaholela kuphi amaIsrayeli futhi yini eyenzeka lapho kamuva?
Ikhasi 9
1 Ubani owayeyinkosi yesibili kwaIsrayeli futhi imuphi umuzi owawuyinhloko-dolobha yakhe?
2-4 Yini esiyifundayo kukho kokubili ukubusa kukaDavide nokukaSolomoni?
5 (a) Yini uSolomoni ayakha? (b) Zabonisani izimo ngaphansi kokubusa kukaSolomoni?
ISONTO LESIBILI
Ikhasi 10
10 Naphezu kokungathembeki kwamakhosi amaningi ngemva kukaSolomoni, yini uJehova ayibikezela ngoIsaya?
Ikhasi 11
1 Yini eyenzeka ngo-607 B.C.E.?
2 Yini engafundwa emakhosini angabantu akwaIsrayeli?
3 Imuphi umbuzo obalulekile?
Ikhasi 12
1, 2 NgokukaLuka 1:32, 33, ingelosi yamtshelani uMariya?
3, 4 Ubani owayezoba yiNzalo ethenjisiwe futhi lokhu kwakungenzeka kanjani?
Ikhasi 13
1, 2 UJesu wabhapathizwa nini futhi sasiyini isigijimi sakhe?
3-7 Iziphi izimangaliso uJesu azenza, futhi lezimangaliso zibonisani?
Ikhasi 14
1 UJesu wachaza uhlobo olunjani loMbuso?
2 Imiphi imithetho emibili ebaluleke kakhulu?
3 Bonisa ngokoMbhalo ukuthi bangaki abayobusa noJesu.
Ikhasi 15
1 Imuphi umbuzo esingawubuza?
2, 3 Obani abazophila emhlabeni?
4 Imaphi lamathemba amabili?
Ikhasi 16
1 USathane wenzani kuJesu futhi ngani?
2, 3 Kungani uNkulunkulu avumela uSathane ukuba abulale uJesu futhi yini manje eyenziwa yaba nokwenzeka?
Ikhasi 17
1-3 Yini eyayiyisibonelo esingokwesiprofetho somhlatshelo kaJesu futhi yabonisani?
4-6 Igazi likaJesu elathululwa lalisho ukuthini kulabo abakholwa nguye futhi isiphi isibonelo esingokwesiprofetho esakubonisa lokhu?
ISONTO LESITHATHU
Ikhasi 18
1 Imuphi umsebenzi abafundi ababeqeqeshelwe ukuwenza?
2, 3 Yini uNkulunkulu ayithembisa amaJuda, futhi kwaba namiphi imiphumela?
4 Obani abebeqoqwa uJehova?
Ikhasi 19
1 Uyini uMbuso kaNkulunkulu?
2 Lagcwaliseka kanjani iHubo 110:1?
Ikhasi 20
1-4 Iliphi iphupho uNebukadinesari aliphupha?
5 UNebukadinesari wafanekiselani?
6 Iminyaka eyisikhombisa engokwesiprofetho yazibonakalisa iyisikhathi eside kangakanani, esaphela nini?
Ikhasi 21
1-4 IsAmbulo 12:1-12 sifanekiselani?
5-7 Njengoba uSathane esekhishwé ezulwini, yini eyabikezelwa ngomhlaba?
Ikhasi 22
1-4 Yini uJesu ayibikezela ngesintu?
5, 6 Umphostoli uPawulu wabikezelani?
Ikhasi 23
14 Iyini injongo yokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso?
5-8 Chaza “izimvu” “nezimbuzi” zomfanekiso kaJesu nendlela ezihlukaniswa ngayo.
Ikhasi 24
1-4 Uthini uIsaya 2:2?
5, 6 NgokukaIsaya 2:3, obani abeza ukuzokhulekela uJehova?
7, 8 Labo abakhulekela uJehova bachazwa kanjani kuIsaya 2:4?
ISONTO LESINE
Ikhasi 25
1, 2 Zingaki izikhonzi zoMbuso ezikhona manje emhlabeni wonke, futhi ziqoqwa nobani?
3-5 Ngokwemibhalo emithathu enikeziwe, yiziphi izinzuzo ezizijabulelayo?
Ikhasi 26
1, 2 Imiphi imibuzo ephakanyiswayo?
3-5 Itshe likaDaniyeli 2 limelelani futhi liyosho ukuthini ngesimiso esibi sezinto samanje?
Ikhasi 27
1-3 Yini uMbuso oyoyenza enkolweni yamanga?
4, 5 Kungani oFakazi BakaJehova bengathathi-hlangothi ezindabeni zombangazwe?
6, 7 Yini ezokwenzeka (a) kuSathane? (b) ‘nezimvu’?
Ikhasi 28
1, 2 Obani abasinda osizini?
3-5 Obani abakha “isixuku esikhulu” futhi “amahlamvu esundu” abonisani?
6, 7 “Izingubo ezimhlophe” zifanekiselani futhi ubani “iWundlu”?
Ikhasi 29
1, 2 Yiziphi izibusiso eziyojatshulelwa?
3, 4 Yini eyosuswa?
5, 6 Obani abazovuswa, naliphi ithemba ngesintu?
Ikhasi 30
30 Uthatha umbhalo ngamunye, bonisa lokho okumelwe kwenziwe manje ukuze umuntu azithobe eMbusweni kaNkulunkulu kanjalo abe omunye ‘wezimvu.’
Ikhasi 31
31 Kungani singaqiniseka ukuthi iPharadesi liyobuyiselwa?