IZaziso
● Isipho sencwadi ngoFebruary: Noma iyiphi incwadi enamakhasi ayi-192 eyakhishwa ngaphambi kuka-1980 futhi enganyathelisiwe ephepheni elihle ibandla elisenayo esitokweni, ngomnikelo ka-Rl,00. (Kungase kuhlanganise noma yiziphi izincwadi eziphawulwe esiphweni sikaJanuary noFebruary 1988 eziseningi ngokweqile esitokweni.) (Amabandla angase acele isaphulelo sezincwadi ezithathwe abamemezeli namaphayona zesipho sikaFebruary. SIZANI NIPHAWULE: Phakathi nalomkhankaso kuphela, inani lezincwadi ezingangena ephaketheni lamaphayona avamile nakhethekile lingu-60c. Elabamemezeli bebandla namaphayona asizayo, lingu-Rl,00 iyinye.) Izincwadi ezinyatheliswe ephepheni elihle akumelwe zisetshenziswe kulesipho. Amabandla angenazo lezincwadi ezindala angahambisa noma iyiphi incwadi enamakhasi ayi-192 etholakalayo ebandleni ngomnikelo ka-R2,00 iyinye. NgoMarch: IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! ngomnikelo ka-R6,00. NgoApril nangoMay: Isikhokhelo seNqabayokulinda ngomnikelo ka-R10,00 ngesikhokhelo ngasinye sonyaka.
● Umkhosi weSikhumbuzo uyoqhutshwa ngoLwesithathu, ngoMarch 22, 1989. Nakuba inkulumo ingase iqale ngaphambidlana, sizani nikhumbule ukuthi ukuhanjiswa kwesinkwa newayini leSikhumbuzo akufanele kuqale kuze kube ngemva kokushona kwelanga. Thintanani nemithombo yokwaziswa yendawo ukuze nithole ukuthi ilanga lishona nini endaweni yakini. Ayikho eminye imihlangano okumelwe iqhutshwe ngalolosuku. Uma ngokuvamile ibandla lakini linemihlangano ngoLwesithathu, ningase nifune ukuyishintshela kwesinye isikhathi kulelosonto uma ihholo litholakala. Uma kuthinteka uMhlangano wenu WeNkonzo, kungase kube okunokwenzeka ukuba nihlanganise noma yiziphi izingxenye ezihlelelwe lelosonto ikakhulukazi ezifanelekela ibandla lakini komunye uMhlangano WeNkonzo.
● Izifundo Zencwadi Zebandla ziyoqala ukucabangela incwadi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze! phakathi nesonto lika-April 17, 1989. Bonke abamemezeli bayakhuthazwa ukuba babe namakhophi abo siqu alencwadi ukuze bawasebenzise eSifundweni Sencwadi Sebandla.
● IMIHLANGANO YESIGODI KA-1989: Kwenziwa amalungiselelo angakaqinisekiswa emihlangano yesigodi njengokulandelayo:
December 1-3: ESt. Helena
December 8-10: EWindhoek
December 15-17: EBloemfontein, eKapa, KaManzini, eNkowankowa, eSaulsville
December 24-26: EThekwini, eGaborone, eLebowa Kgomo, eMaseru, eMdantsane
December 31–January 2: EGoli, Kanyamazane, eNewcastie, ePort Elizabeth, eMtata
Imininingwane eyengeziwe iyonikezwa kamuva. Hlela ukuba ube khona esimisweni sezinsuku ezintathu ezigcwele.
● Sekuqalile ukuthunyelwa kwemiqulu yeNqabayokulinda ngesiNgisi ka-1960 enyatheliswe kabusha, futhi imiqulu ka-1961 kuya ku-1964 izolandela lapho ifika ivela eBrooklyn.
● Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:
Insight on the Scriptures—ngesiNgisi
IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!—ngesiBhunu, ngesiNgisi, ngesiFulentshi, ngesiJalimane, ngesiGreki, ngesiNtaliyane, ngesiJapane, ngesiPutukezi, ngeSipedi, ngesiSuthu, ngesiTsonga, ngesiTswana, ngesiXhosa, nangesiZulu
Ukusindela Emhlabeni Omusha—NgeChicheŵa
Elementary Bible Teachings (incwajana enamakhasi angama-64 equkethe imibuzo yobhapathizo kuphela ethathwe encwadini Ukuhlelelwa Ukufeza Inkonzo Yethu: Ibandla namaphayona: 30c) —ngesiTsonga
● Amakhasethi Amasha Atholakalayo:
Ialbhamu yeNqabayokulinda ekumakhasethi (engenalutho) (Ialbhamu eluhlaza yevinyl yamakhasethi angama-24 enesigqebhezana sonyaka esicindezelwayo; ibandla neningi: R19,00; amaphayona: R15,00)—ngesiNgisi
● Izincwadi Ezingeke Ziphinde Zibe Sesitokweni ENingizimu Afrika:
Aid to Bible Understanding (A-Z)—ngesiNgisi
“Babylon the Great Has Fallen!” God’s Kingdom Rules!—ngesiNgisi
“Then Is Finished the Mystery of God”—ngesiNgisi
Ikusasa Elilondekile—Indlela Ongalithola Ngayo—ngesiXhosa