Lungiselela Manje Umsebenzi Owandisiwe Ongaphambili
1 Phakathi nesikhathi sokuvuna, labo abahilelekile bamatasa kunanini ngaphambili. Futhi ngesikhathi esiphuthumayo, abantu bayazikhandla futhi benze ngamandla kunanini. Siphila esikhathini sokuvuna nasesikhathini esiphuthumayo. Kunokuningi okumelwe kwenziwe. Ingabe ubuzilungiselela ukuba ufeze konke okudingekile?—Math. 9:37, 38; 13:39; Luka 13:24; l Thim. 4:10.
ISIKHUMBUZO
2 Inkathi yeSikhumbuzo iyisikhathi esibaluleke kakhulu sonyaka kubantu bakaJehova. Kulonyaka umkhosi weSikhumbuzo uyoqhutshwa ngoLwesithathu kusihlwa, ngoMarch 22. Ingabe wenza amalungiselelo adingekile ukuze kungabikho lutho olukuvimbelayo wena nomkhaya wakho ukuba nibe khona? Ingabe ubudlulisela izimemo ezihlotsheni nakubantu ojwayelene nabo ukuze nabo futhi babe khona? Kuthiwani ngabantu abathakazelayo abasensimini yakini, izifundo zakho zeBhayibheli, nababekade beyizifundo zakho?—Luka 22:19; IsAm. 22:17.
3 Ngokuvamile abadala bahlela ukuhlanzisiswa kweHholo LoMbuso ngaphambi kweSikhumbuzo ukuze bonke babe bekulungele. Ingabe amalungiselelo esikhulumi seSikhumbuzo asenziwe, izifanekiselo nalabo abayozidlulisa, kuhlanganise nezihlalo ezengeziwe nabalindi abanele balomkhosi okhethekile?
INGXENYE EYANDISIWE ENKONZWENI YASENSIMINI
4 Inkathi yeSikhumbuzo isikhumbuza ngomhlatshelo kaJesu asenzela wona. Ngakho, kuyisikhathi esifaneleke ngokukhethekile ngathi ukuba sicabangele indlela esingandisa ngayo umsebenzi wethu enkonzweni yasensimini. Lena ngenye yezindlela zokubonisa ukwazisa kwethu ngomusa kaJehova ongasifanele ngeNdodana yakhe.
5 Ingabe ungakhonza njengephayona elisizayo ngoMarch noma ngoApril, noma phakathi nazo zombili lezinyanga? Lezinyanga, kanye noMay, ziyoqokomisa umkhankaso wokwenza konke okusemandleni ethu ukuze simemezele isigijimi esinamandla sesAmbulo. UMarch uyophawula umkhankaso wethu wokuqala ngencwadi ethi Umvuthwandaba WesAmbulo, futhi ngokuqinisekile bonke abamemezeli boMbuso bayofuna ukuzikhandla kulomsebenzi. UApril unezimpelasonto eziyisihlanu. Yeka ithuba elihle lokwenza iMigqibelo eyisihlanu elandelanayo ibe izinsuku zikamagazini, sihambisa omagazini abanemibala emihle beNqabayokulinda abakhuluma ngeBabiloni Elikhulu! Kulaba, INqabayokulinda ka-April 15, iyoqukatha umongo ophelele wenkulumo enamandla ngesithi “Isifebe Esinyanyekayo” nesinqumo esivusa amadlingozi esalandela emihlanganweni yethu ‘Yokulunga Kwaphezulu.’ Yisiphi esinye isisusa esingasifuna sokuba matasa ngalezozimpela-sonto eziyisihlanu, uma kunokwenzeka njengamaphayona asizayo, ekusakazeni kabanzi ngangokunokwenzeka lesigijimi esinamandla! Futhi ukuze kuthasiselwe lesigijimi esishukumisayo, iPhaphama! ka-April 8 iyokhipha izihloko ezihluba udlubu ekhasini ngoKhukhulela-ngoqo wenkathi yobuNazi.
6 Kudingeka umzamo owengeziwe ukuze sibe nengxenye eyandisiwe enkonzweni yasensimini. Ngisho nalapho ungeke ukwazi ukuphayona, kuyoba okufanelekile ukuzibekela umgomo womuntu siqu wamahora ngoMarch nangoApril. Ingabe ungahlela ukuba ube nesikhathi esengeziwe senkonzo yasensimini ngokuhlehlisela emuva iminako yomuntu siqu nokuzijabulisa? Yenza umzamo. Cela uJehova ukuba akuqinise futhi akubusise. Labo abanokulinganiselwa okungokomzimba bangase bathole ukuthi ngosizo lwabanye, nabo futhi bangaba nengxenye eyengeziwe kulomkhankaso.
7 Ngathi sonke, uMarch noApril kufanele kube isikhathi esimatasa kakhulu enkonzweni kaJehova. Abadala bayokhuthalela ukuba konke kuhlelwe kahle. Kufanele kutholwe izidingo zezincwadi bese kwenziwa ama-oda kusengaphambili. Qinisekani ukuthi omagazini abengeziwe, ikakhulukazi beNqabayokulinda ka-April 15, bayatholakala. Zilungiseleleni insimu, futhi nihlele ukuba niyihlanganise ngokuphelele. Yibani namalungiselelo afanelekile enkonzo yasensimini, kuhlanganise nokufakaza kusihlwa kanye nangamaholide kaMarch noApril. Njengoba sithandazela isibusiso sikaJehova ngobuqotho, masisebenzise isikhathi ngokuhlakanipha kube udumo kuye.