Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ngezincwadi Ezindala
1 Ukwenza isinqumo sokukhulekela uNkulunkulu kubalulekile. Kusho ukuphila kwethu. Ngakho-ke, ukuzuza ulwazi oluqondile nokuhlakanipha kokulusebenzisa kuwumgomo ofanelekile.—IzAga 23:23; Joh. 17:3.
2 Ukuze sizuze ulwazi futhi sikhule ekuhlakanipheni, kumelwe sitadishe iZwi likaNkulunkulu ngenkuthalo. Ngalendlela sijwayelana nemiyalo yakhe, imithetho, izikhumbuzo, nezeluleko. Kudingeka futhi sizindle ngomlando wokusebenzelana kukaJehova nabantu bakhe. UJehova ngokungagodli unikeza ulwazi nokuhlakanipha kulabo abamfuna ngobuqotho. Kuyo yonke iminyaka, ngenhlangano yakhe, uye walungiselela insada yezincwadi ezihlanganisa imikhakha eminingi yolwazi lweBhayibheli. Lezincwadi zingabazuzisa kakhulu abaningi abangakamazi uJehova.
UKUBALULEKA KWEZINCWADI EZINDALA
3 Phakathi noJanuary kanye noFebruary, kungasetshenziswa noma yiziphi izincwadi ezinamakhasi ayi-192 ezikhishwe ngaphambi kuka-1980. Kunomcebo wolwazi kulezincwadi. Zingaba yinzuzo yangempela engokomoya kubantu. (Bheka uMathewu 5:14-16.) Ngakho phakathi nalezinyanga ezimbili, masizimisele ukuhambisa zonke izincwadi ezindala ibandla lethu elingase libe nazo esitokweni.
4 Ukubaluleka kokunika abantu lezincwadi kungabonwa ngokucabangela okuhlangenwe nakho komunye umuntu owathola isipho senye yezincwadi ezindala sivela kumkakhe, owayenguFakazi. Wayengazange asibonise isithakazelo eBhayibhelini, kwaze kwaba yilesosikhathi. Okwamangaza umkakhe ukuthi, wayifunda yonke leyoncwadi ngobusuku obubodwa. Lokhu kwaluqinisa kakhulu ukholo lwakhe eBhayibhelini njengeZwi likaNkulunkulu kangangokuthi waya emhlanganweni olandelayo webandla futhi wacela isifundo seBhayibheli. Kungakapheli izinyanga ezintathu, wayeseya enkonzweni yasensimini futhi manje ubhapathiziwe.
YIBA NOMBONO OQONDILE
5 Ungawabukeli phansi amandla eZwi likaNkulunkulu. Njengoba lezincwadi ezindala ziqokomisa amaqiniso eBhayibheli, zihambise ngombono oqondile. Yebo, uyofuna ukuqiniseka ukuthi izincwadi ezindala ozihambisayo zisesimweni esihle. Uma izincwadi zonakele noma amakhasi ephenduke abaphuzi, akumelwe zihanjiswe endlini ngendlu, njengoba lokhu kungaphazamisa isigijimi.
6 Uma ibandla lakini lingenazo izincwadi ezinamakhasi ayi-192 ezihlelelwe ukusetshenziswa kulomkhankaso, khona ungase uhambise noma iyiphi incwadi enamakhasi ayi-192 ngomnikelo ka-R2,00. Ngemva kokucabangela isAmbulo 21:4 nomninikhaya, ungase ufune ukubhekisela engcaphunweni efanelekile, isigaba noma isahluko, noma uqokomise umfanekiso ofanelekayo njengendlela yokuxhuma isipho.
7 Kwangathi sonke singajabulela inkonzo ekhiqizayo ngokuhlanganyela ulwazi oluvela eZwini likaNkulunkulu ngalezincwadi ezindala! Lokhu kungasebenzela inhlala-kahle yaphakade yalabo esishumayela kubo.