Ubani UMuzwi Womthandazo?
UMA EKHONA uMuzwi womthandazo, kunengqondo ukuphetha ngokuthi unguMdali. Ukhona yini ongafunda imicabango yakho ngaphandle kwaLowo owadala ingqondo? Ubani ongalalela imithandazo yabantu futhi abasize ngalokho abakudingayo? Kodwa ungase uzibuze, ‘Kunengqondo yini ukukholelwa kuMdali?’
Abantu abaningi bacabanga ukuthi uma ukholelwa kuMdali kufanele uphike ubufakazi besayensi yanamuhla. Kodwa umbono wokuthi ukukholelwa kuNkulunkulu kuyangqubuzana nesayensi awulona iqiniso. Hlola nazi izibonelo.
◼ Ucwaningo lwamuva loprofesa besayensi abangu-1 646 emanyuvesi aphambili angu-21 e-United States, luthole ukuthi oyedwa kwabathathu ukhetha amazwi athi “Angikholelwa kuNkulunkulu” ukuze achaze umbono wakhe.
Iqiniso liwukuthi ososayensi abaningi bayakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona.
Ubufakazi Bokuthi UMdali Ukhona
Ingabe kufanele sikwamukele ngaphandle kobufakazi ukuthi ukhona uMuzwi womthandazo? Lutho neze. Umbono wokuthi ukholo lusho ukukholelwa entweni ethile ngaphandle kobufakazi awulona iqiniso. IBhayibheli lichaza ukholo ngokuthi “ukuboniswa okusobala kwezinto ezingokoqobo nakuba zingabonakali.” (Hebheru 11:1) Enye inguqulo ithi ukholo “lusiqinisekisa ngezinto ezingokoqobo esingaziboni.” (The New English Bible) Ngokwesibonelo, ngeke wawabona amaza omsakazo, kodwa umakhalekhukhwini wakho ubonisa ngokucacile ukuthi akhona la maza angabonakali adlulisela amazwi; yingakho ukwamukela ukuthi akhona. Ngokufanayo, nakuba singenakumbona uMuzwi womthandazo, singahlola ubufakazi obutholakalayo obungasiqinisekisa ukuthi ukhona.
Singabutholaphi ubufakazi bokuthi uNkulunkulu ukhona? Kudingeka nje sibheke indawo esizungezile. IBhayibheli lithi: “Yebo, yileyo naleyo ndlu yakhiwa othile, kodwa lowo owakha izinto zonke uNkulunkulu.” (Hebheru 3:4) Ingabe uyavumelana nala mazwi? Mhlawumbe uma ucabanga ngendlela indawo yonke ehleleke ngayo, umsuka wokuphila noma ukwakheka kwento eyinkimbinkimbi ukuzedlula zonke emhlabeni, ingqondo yomuntu, ungaphetha ngokuthi kumelwe ukuba kukhona okuthile okuphakeme kunomuntu.a
Indalo ayisifundisi konke ngoNkulunkulu. Ukubona ubufakazi bokuthi uNkulunkulu ukhona ngokubuka indalo kufana nokuzwa izigi zomuntu osondela ngasemnyango ovaliwe. Uyazi ukuthi kukhona omuntu ozayo, kodwa ubani? Ukuze uthole, kumelwe uvule umnyango. Nathi kufanele senze okufanayo ukuze sithole ukuthi ubani owadala zonke izinto.
IBhayibheli lifana nomnyango oholela olwazini ngoNkulunkulu. Uma uwuvula lo mnyango futhi uhlola iziprofetho nokugcwaliseka kwazo, uyobuthola ubufakazi bokuthi uNkulunkulu ukhona.b Ngaphezu kwalokho, umlando wokusebenzelana kukaNkulunkulu nabantu uveza ubuntu boMuzwi womthandazo.
Unjani UMuzwi Womthandazo?
IBhayibheli lembula ukuthi uMuzwi womthandazo ungumuntu—ongase umazi. Ngokuqinisekile umuntu kuphela ongakulalela futhi akuqonde. Kuyaqinisekisa ukufunda la mazwi: “O Muzwi womthandazo, impela abantu bayo yonke inyama bayokuza kuwe.” (IHubo 65:2) Uyabezwa labo abathandaza benokholo kuye. Futhi unegama. IBhayibheli lithi: “UJehova ukude nababi, kodwa umthandazo wabalungileyo uyawuzwa.”—IzAga 15:29.
UJehova unemizwa. ‘UnguNkulunkulu wothando’ futhi ubizwa ngokuthi ‘uNkulunkulu ojabulayo.’ (2 Korinte 13:11; 1 Thimothewu 1:11) Uma likhuluma ngendlela asabela ngayo esikhathini lapho ububi budlangile, iBhayibheli lithi: “Wezwa ubuhlungu enhliziyweni yakhe.” (Genesise 6:5, 6) Umbono wokuthi uNkulunkulu ubangela ukuhlupheka ukuze avivinye abantu awulona iqiniso. IBhayibheli lithi: “Makube kude noNkulunkulu weqiniso ukwenza ngendlela yokukhohlakala.” (Jobe 34:10) Nakuba kunjalo, ungase uzibuze, ‘Uma uNkulunkulu enguMdali onamandla, kungani evumela ukuhlupheka kuqhubeke?’
UJehova unike abantu ikhono lokuzikhethela, kwakhona nje lokho kusitshela okuthile ngohlobo lomuntu uNkulunkulu ayilo. Asijabuli yini ngokuthi sinenkululeko yokuzikhethela ukuthi siyophila kanjani? Ngokudabukisayo, abantu abaningi bayisebenzisa kabi inkululeko yabo bese bezihluphekisa futhi bahluphekise nabanye abantu. Manje, nawu umbuzo okudingeka sicabangisise ngawo: UNkulunkulu angakwazi kanjani ukuqeda ukuhlupheka ngaphandle kokuphuca abantu inkululeko yabo? Sizohlola lo mbuzo esihlokweni esilandelayo.
[Imibhalo yaphansi]
a Ukuze uthole ingxoxo eningiliziwe ngobufakazi bokuthi uNkulunkulu ukhona, bheka incwajana ethi The Origin of Life—Five Questions Worth Asking nencwadi ethi Is There a Creator Who Cares About You? ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova.
b Incwajana ethi Incwadi Yabo Bonke Abantu nencwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? zinyatheliswa oFakazi BakaJehova ukuze zikusize ubone ubufakazi bokuthi iBhayibheli liphefumulelwe uNkulunkulu.
[Ibhokisi ekhasini 5]
Ingabe Inkolo Ikwenza Ungabaze?
Ngokudabukisayo, inkolo ibangela abaningi bangabaze ukuthi kunoMuzwi womthandazo okhathalelayo. Ukuhileleka kwenkolo empini, ebuphekuleni nasekubekezeleleni kwayo ukuhlukunyezwa kwezingane kuye kwaholela ngisho nabantu abathandazayo ekubeni bathi, “Angikholelwa kuNkulunkulu.”
Kungani inkolo ivame ukuba yimbangela yobubi? Kalula nje: Abantu ababi baye benza izinto ezimbi base becasha ngenkolo. IBhayibheli labikezela ukuthi ubuKristu babuyosetshenziselwa izinhloso ezimbi. Umphostoli uPawulu watshela ababonisi abangamaKristu: “Naphakathi kwenu ngokwenu kuzovela amadoda, akhulume izinto ezisontekile ukuze amonyule abafundi ukuba bawalandele.”—IzEnzo 20:29, 30.
Inkolo yamanga iyamnenga uNkulunkulu. Eqinisweni, iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, liyibeka icala inkolo yamanga ngenxa ‘yegazi labo bonke abaye babulawa emhlabeni.’ (IsAmbulo 18:24) Ngenxa yokuthi inkolo yamanga iye yehluleka ukufundisa abantu ngoNkulunkulu weqiniso, obuntu bakhe buwuthando, inecala legazi emehlweni akhe.—1 Johane 4:8.
UMuzwi womthandazo uyabazwela abantu abacindezelwe inkolo. Maduze, uthando lukaNkulunkulu ngabantu luzomshukumisa ukuba asebenzise uJesu ukuba ahlulele bonke abazenzisi benkolo. UJesu wathi: “Abaningi bayokuthi kimi ngalolo suku, ‘Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini egameni lakho?’ . . . Nokho ngiyovuma kubo ngaleso sikhathi ngithi: Angikaze nginazi! Sukani kimi, nina abenza okungemthetho.”—Mathewu 7:22, 23.