Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w12 7/1 k. 3
  • Ingabe Ukhona Olalela Imithandazo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ukhona Olalela Imithandazo?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani Bengabaza?
  • Umthandazo Uyilungelo Elikhethekile
    Lingasifundisani IBhayibheli?
  • Sondela KuNkulunkulu Ngomthandazo
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Ukusondela KuNkulunkulu Ngomthandazo
    Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?
  • Isethulo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2021
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
w12 7/1 k. 3

Ingabe Ukhona Olalela Imithandazo?

“Ngangivame ukungabaza ukuthi uNkulunkulu ukhona. Nokho, ngezinye izikhathi ngangithandaza. Ngangingaqiniseki ukuthi ukhona yini olalele, kodwa uma ngikhuluma iqiniso nganginethemba lokuthi ukhona. Ngangingajabule futhi ngingenayo injongo ekuphileni. Ngangesaba ukukholelwa kuNkulunkulu ngoba ngicabanga ukuthi kungokwabantu abangakwazi ukuzimela.”—UPATRICIA,a E-IRELAND.

KWAKE kwenzeka yini nawe wazizwa njengoPatricia? Ingabe uyathandaza nakuba ungaqiniseki ukuthi uNkulunkulu ukhona? Uma kunjalo, awuwedwa. Nazi izibonelo.

◼ Ucwaningo olwenziwa kubantu abangu-2 200 baseBrithani luye lwembula ukuthi amaphesenti angu-22 kuphela akholelwa ukuthi ukhona uNkulunkulu owadala umhlaba nolalela imithandazo. Nokho, kulabo bantu, abangamaphesenti angu-55 bayathandaza okungenani ngezikhathi ezithile.

◼ Ucwaningo olwenziwa kubantu abangu-10 000 emazwekazini amane lwabonisa ukuthi kulabo abathi bakholelwa ukuthi akekho uNkulunkulu, cishe abangamaphesenti angu-30 bayathandaza.

Kungani Bengabaza?

Indoda yaseNgilandi, u-Allan, ithi: “Ngangivame ukuthi angikholelwa kuNkulunkulu ngoba ngicabanga ukuthi inkolo yasungulelwa ukulawula abantu nokwenza imali. Futhi ngangithi noma ngabe kuthiwa ukhona uNkulunkulu, bekungeke kube khona ukungabi nabulungisa okungaka. Nokho, ngezinye izikhathi ngangihlala buthule bese ngikhuluma ‘nokuthile’ engingakwazi. Ngangibuye ngizibuze ‘Ngadalwa ubani?’”

Wonke umuntu ozizwa ngale ndlela unezakhe izizathu zokungabaza ukuthi iyaphendulwa yini imithandazo. Ezimweni eziningi, ukungabaza kungabangelwa imibuzo engaphenduliwe, njengalena:

◼ Ingabe ukhona uMdali?

◼ Kungani inkolo ivame ukuba yimbangela yobubi?

◼ Kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka?

Uma ungathola izimpendulo zale mibuzo, ingabe ubuyothembela kakhudlwana emthandazweni?

[Umbhalo waphansi]

a Amanye amagama kulolu chungechunge lwezihloko ashintshiwe.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela