Uhlu Lokuphakathi
March 15, 2012
© 2012 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania. All rights reserved.
Umagazini Ofundwayo
IZIHLOKO EZIFUNDWAYO
APRIL 30, 2012–MAY 6, 2012
Siza Abantu ‘Baphaphame Ebuthongweni’
IKHASI 10 • IZINGOMA: 65, 96
MAY 7-13, 2012
IKHASI 15 • IZINGOMA: 92, 47
MAY 14-20, 2012
IKHASI 20 • IZINGOMA: 129, 134
MAY 21-27, 2012
IKHASI 25 • IZINGOMA: 119, 17
INJONGO YEZIHLOKO EZIFUNDWAYO
IZIHLOKO EZIFUNDWAYO 1, 2 AMAKHASI 10-19
Izimfundiso zenkolo yamanga ziye zalolozela izigidi zabantu ukuba zozele noma zilale ngokomoya. Lezi zihloko ezimbili zixoxa ngendlela esingavusa ngayo abantu nokuthi kungani kuphuthuma ukwenza kanjalo. Zibonisa nendlela esingalondoloza ngayo umuzwa wokuphuthuma nokuthi kusho ukuthini ukushumayela unomuzwa wokuphuthuma.
ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 3 AMAKHASI 20-24
Umphostoli uPetru wabhala ukuthi amaKristu agcotshiwe ‘anethemba eliphilayo.’ (1 Pet. 1:3) Kungani lokho kuyiqiniso, futhi kuzithinta kanjani “ezinye izimvu”? (Joh. 10:16) Lesi sihloko sizokusiza ubone ukuthi kungani unesizathu sokujabula ngethemba onalo nesokubheka phambili ekugcwalisekeni kwalo.
ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 4 AMAKHASI 25-29
UJesu waxwayisa: “Khumbulani umkaLoti.” (Luka 17:32) Kungani anikeza lesi sixwayiso? Lesi sihloko sizosisiza ukuba siqaphele izici ezintathu okungase kudingeke ukuba sisisebenzise kuzo lesi sixwayiso. Bheka ukuthi ekuphileni kwakho akudingeki yini ulungise kwesisodwa sazo noma kwezengeziwe.
EZINYE EZIKULO MAGAZINI
3 “Kukhona Okujabulisayo Esandleni Sakho Sokunene Kuze Kube Phakade”
7 Usinikeza Kanjani Iseluleko?
32 “Sicela Usithathe Isithombe”
ISEMBOZO: OFakazi abaningi abasebasha eMalawi baye bahlanganyela nabafunda nabo esikoleni ukwaziswa okuthakazelisayo nokuwusizo okusencwadini ethi Intsha Iyabuza
EMALAWI
INANI LABANTU
13 077 160
ABAMEMEZELI
79 157
UKWAKHIWA KWAMAHHOLO OMBUSO
Angu-1 031 kusukela ngo-1998