Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w12 3/1 k. 32
  • Umbheka Kanjani UJesu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umbheka Kanjani UJesu?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
w12 3/1 k. 32

Umbheka Kanjani UJesu?

Ingabe ucabanga uJesu ewusana, eyindoda efayo noma eyiNkosi ephakeme?

IBhayibheli lembula ukuthi uJesu uyiNkosi enamandla. Kodwa lokho kukuthinta kanjani?

Abantu abaningi bakholelwa ukuthi uJesu wabafela. Nokho, kungenzeka kanjani ukuba ukufa kwendoda eyodwa eyafa eminyakeni ecishe ibe ngu-2 000 edlule kusindise abantu namuhla?

Umenywa ngokufudumele ukuba uzolalela izimpendulo ezivela eBhayibhelini zale mibuzo. Ziyophendulwa lapho oFakazi BakaJehova behlangane ukuze bakhumbule ukufa kukaJesu. Kulo nyaka isikhumbuzo singoLwesine, April 5, ngemva kokushona kwelanga.

Sicela ubuze oFakazi BakaJehova bangakini mayelana nendawo nesikhathi esiqondile.

Ngempelasonto elandela isikhumbuzo sokufa kukaJesu, oFakazi BakaJehova bayoba nenkulumo yeBhayibheli evusa amadlingozi enesihloko esithi “Ingabe Isikhathi Sesihambe Kakhulu Kunalokho Okucabangayo?” Le nkulumo iyoba ngesinye isenzakalo esivelele somhlaba wonke sokufinyelela bonke abathanda iqiniso nabafuna ukufunda okwengeziwe ngoJesu. Umenywa ukuba ube khona.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela