Basha—Melanani Nokucindezela Kontanga
‘Amazwi enu mawayoliswe ngosawoti, ukuze nazi ukuthi kufanele nimphendule kanjani umuntu ngamunye.’—KOL. 4:6.
1, 2. Intsha eningi izizwa kanjani ngokuba ehlukile, futhi ngani?
CISHE usuke wayizwa inkulumo ethi “ukucindezela kontanga” futhi uke ubhekane nakho mathupha. Kungenzeka ukuthi ngesinye isikhathi othile wake wakugqugquzela ukuba wenze okuthile owaziyo ukuthi akulungile. Uzizwa kanjani uma lokho kwenzeka? UChristopher oneminyaka engu-14 uthi: “Ngezinye izikhathi ngifisa sengathi kungavuleka umgodi ngingene, noma-ke ngifane nezinye izingane engifunda nazo ukuze ngingabi unkom’ idla yodwa.”
2 Ingabe ontanga banethonya elikhulu kuwe? Uma kunjalo, kungani? Kungenzeka yini ukuthi yingoba ufuna ukuba bakwamukele? Leso sifiso ngokwaso asisibi. Eqinisweni, nabantu abadala bayafuna ukwamukeleka kontanga yabo. Akekho umuntu—omdala noma omncane—okuthandayo ukungamukeleki. Nokho, uma sibhekana namaqiniso, ukumela lokho owaziyo ukuthi kulungile ngeke kujabulise wonke umuntu ngaso sonke isikhathi. Ngisho noJesu kwadingeka abhekane nalawo maqiniso. Noma kunjalo, uJesu wayenza okulungile njalo. Nakuba abanye bayilandela iNdodana kaNkulunkulu futhi baba abafundi bayo, abanye bayidelela futhi ‘bayibheka njengengento yalutho.’—Isaya 53:3.
Ingcindezi Yokuzivumelanisa —Inamandla Kangakanani?
3. Kungani kuyiphutha ukuzivumelanisa nezindinganiso zontanga?
3 Ngezinye izikhathi, ungase ulingeke ukuba uzivumelanise nezindinganiso zontanga ukuze nje ugweme ukungamukeleki kubo. Lokho kuyobe kuyiphutha. AmaKristu akufanele abe ‘yizingane ajikijeleke ngapha nangapha sengathi ajikijelwa amagagasi.’ (Efe. 4:14) Abantwana abancane bangase bathonywe kalula abanye. Nokho, njengomuntu osemusha usendleleni yokuba umuntu omdala. Ngakho, uma ukholelwa ukuthi izindinganiso zikaJehova ziyakuzuzisa, uyobe uzisiza wena ngokuphila ngokuvumelana nalokho okukholelwayo. (Dut. 10:12, 13) Uma wenza okuphambene nalokho uyobe uvumela abanye balawule ukuphila kwakho. Iqiniso liwukuthi, uma uvumela ukucindezelwa abanye, uyobe awuhlukile kunodoli wabo.—Funda eyesi-2 Petru 2:19.
4, 5. (a) U-Aroni wanqotshwa kanjani ukucindezelwa, futhi iziphi izifundo ongazifunda kulokhu? (b) Iziphi izindlela ontanga abangazisebenzisa ukuze bakucindezele?
4 Ngesinye isikhathi, u-Aroni umfowabo kaMose, wake wanqotshwa ukucindezela kontanga. Lapho ama-Israyeli emgqugquzela ukuba awenzele unkulunkulu, wawenzela. U-Aroni wayengelona igwala. Ngaphambili, wayesekele uMose lapho beya kuFaro, umuntu owayenesikhundla esiphakeme kunesabo bonke eGibhithe. Ngaleso sikhathi, u-Aroni wakhuluma ngesibindi emtshela isigijimi sikaNkulunkulu. Kodwa lapho ama-Israyeli akubo emcindezela, u-Aroni wahluleka ukumelana nalokho kucindezela. Yeka ukuthi ukucindezela kontanga kungaba namandla kangakanani! U-Aroni wakuthola kulula ukumelana nenkosi yaseGibhithe kunokumelana nontanga.—Eks. 7:1, 2; 32:1-4.
5 Njengoba isibonelo sika-Aroni sibonisa, ukucindezela kontanga akugcini kubantu abasha futhi akuyona inkinga yalabo abathambekele ekwenzeni okubi kuphela. Ukucindezela kontanga kungahlasela ngisho nalabo abafuna ngobuqotho ukwenza okuhle, kuhlanganise nawe. Ontanga yakho bangase bazame ukukuphoqa ukuba wenze okubi ngokukuphonsela inselele, ngokukubeka amabala noma ngokukugcona. Kungakhathaliseki ukuthi yikuphi, kunzima ukubhekana nokucindezela kontanga. Ukuze umelane nakho ngokuphumelelayo kudingeka uqale ngokuqiniseka ngalokho okukholelwayo.
“Qhubekani Nihlola Lokho Nina Ngokwenu Eniyikho”
6, 7. (a) Kungani ukuqiniseka ngezinkolelo zakho kubalulekile, futhi ungakufinyelela kanjani? (b) Imiphi imibuzo ongazibuza yona ukuze uqinise ukuqiniseka kwakho?
6 Ukuze umelane nokucindezela kontanga, kumelwe uqale ngokuqiniseka ngokuthi izinkolelo nezindinganiso zakho zilungile. (Funda eyesi-2 Korinte 13:5.) Lokho kuqiniseka kuyokusiza ukuba ube nesibindi, nakuba kungenzeka ukuthi unamahloni ngokwemvelo. (2 Thim. 1:7, 8) Kodwa ngisho noma umuntu ngokuvamile enesibindi, kungase kube nzima ngaye ukumelela into angayikholelwa ngenhliziyo yakhe yonke. Ngakho, kungani ungahloli lokho oye wakufundiswa eBhayibhelini ukuze uqiniseke ukuthi kuyiqiniso ngempela? Qala ngezinkolelo eziyisisekelo. Ngokwesibonelo, uyakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona futhi uye wezwa nabanye besho ukuthi bayakholelwa. Ngakho-ke, zibuze, ‘Yini engenza ngiqiniseke ukuthi uNkulunkulu ukhona?’ Injongo yalo mbuzo ayikhona ukukwenza ukuba uqale ukungabaza kodwa iwukuqinisa ukholo lwakho. Ngokufanayo, zibuze, ‘Ngazi ngani ukuthi imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu?’ (2 Thim. 3:16) ‘Kungani ngiqiniseka ukuthi lezi “izinsuku zokugcina”?’ (2 Thim. 3:1-5) ‘Yini engenza ngikholelwe ukuthi izindinganiso zikaJehova zihloselwe ukungizuzisa?’—Isaya 48:17, 18.
7 Ungase ube manqikanqika ukuzibuza le mibuzo ngoba wesaba ukuthi ngeke uzithole izimpendulo. Nokho, lokho kungaba njengokungabaza ukubheka uthi lukaphethiloli emotweni yakho ngoba wesaba ukuthi luzobonisa ukuthi awusekho! Kudingeka wazi uma uphethiloli ungekho ethangini ukuze wenze okuthile. Ngokufanayo, kungcono ukubona ukuthi yikuphi lapho ungaqiniseki khona bese ulungisa.—IzE. 17:11.
8. Chaza indlela ongaqinisa ngayo ukuqiniseka kwakho ngokuhlakanipha kokulalela umyalo kaNkulunkulu wokubalekela ubufebe.
8 Cabangela lesi sibonelo. IBhayibheli likunxusa ukuba ‘ubalekele ubufebe.’ Zibuze, ‘Kungani kuwukuhlakanipha ukulalela lo myalo?’ Cabanga ngazo zonke izizathu ezenza ontanga yakho baziphathe ngale ndlela. Cabanga ngezizathu ezihlukahlukene ezenza ukuba kuthiwe umuntu ofebayo “wona owakhe umzimba.” (1 Kor. 6:18) Yibe usuhlaziya lezo zizathu abese uzibuza: ‘Iyiphi inkambo okungcono kakhulu ukuyilandela? Ingabe kuyazuzisa ngempela ukuziphatha kabi ngokobulili?’ Phinde ucabange ngale ndaba futhi uzibuze, ‘Ngiyozizwa kanjani uma ngingase ngivume ukuziphatha kabi ngokobulili?’ Ungase wamukeleke kontanga masinyane, kodwa uyozizwa kanjani kamuva lapho usunabazali bakho noma usunamanye amaKristu eHholo LoMbuso? Uyozizwa kanjani lapho uzama ukuthandaza kuNkulunkulu? Ingabe uyafisa ngempela ukudela ukuma okuhlanzekile noNkulunkulu ukuze nje ujabulise ofunda nabo ekilasini?
9, 10. Ukuqiniseka ngezinkolelo zakho kuyokwenza kanjani uqiniseke ngokwengeziwe lapho unontanga yakho?
9 Uma usemusha, usesikhathini lapho ‘amandla akho okucabanga’ ethuthuka khona kunanini ngaphambili. (Funda amaRoma 12:1, 2.) Sebenzisa lesi sikhathi ucabangisise ngokuthi ukuba uFakazi kaJehova kusho ukuthini kuwe. Ukuzindla okunjalo kuyokusiza ukuba uqinise ukuqiniseka kwakho ngezinkolelo zakho. Khona-ke, lapho ubhekene nokucindezela kontanga, uyokwazi ukuphendula ngokushesha nangokuqiniseka. Uyozizwa njengodade othile osemusha othi: “Lapho ngimelana nokucindezela kontanga, ngisuke ngibenza ukuba bazi ukuthi ngingubani. Lena akuyona nje ‘inkolo ethile.’ Iwumgogodla wemicabango yami, imigomo, isimilo nokuphila kwami.”
10 Yebo, kudinga ukuzikhandla ukunamathela kulokho owaziyo ukuthi kulungile. (Luka 13:24) Ungase uzibuze ukuthi kuyazuzisa yini ngempela. Kodwa khumbula lokhu: Uma ubonakala uzisola noma unamahloni ngokuma kwakho, abanye bayokubona lokho futhi bangase bakucindezele nakakhulu. Nokho, uma ukhuluma ngokuqiniseka, ungase umangale indlela abayosheshe ngayo ukuyeka ukukucindezela.—Qhathanisa noLuka 4:12, 13.
‘Zindla Ukuze Uphendule’
11. Kuzuzisa ngani ukulungiselela ukubhekana nokucindezela kontanga?
11 Esinye isinyathelo esibalulekile sokumelana nokucindezela kontanga siwukulungiselela. (Funda izAga 15:28.) Ukulungiselela kusho ukucabanga kusengaphambili ngezimo ezingase zivele. Ngezinye izikhathi ukuzinika isikhashana sokucabanga kusengaphambili kungakusiza ukuba ubhekane nesimo esikhulu. Ngokwesibonelo, ake sithi ubona iqembu lezingane ofunda nazo ngaphambi kwakho libhema. Kungenzeka yini nawe zikunike? Uma ucabanga ukuthi zingakunika, yini ongayenza? IzAga 22:3 zithi: “Unokuqonda lowo oboné inhlekelele wabe esecasha.” Ngokuthatha enye indlela, ungase ukwazi ukugwema ukuhilizisana nazo. Lokho akubona ubugwala; kuyinkambo yokuhlakanipha.
12. Ungabathena kanjani amandla ontanga lapho bekucindezela?
12 Yini ongayenza uma ungeke ukwazi ukugwema inkinga? Ake sithi untanga ukubuza engakholwa ethi, “Awukaze ulale namuntu?” Isihluthulelo silele ekulandeleni iseluleko esikweyabaseKolose 4:6: “Amazwi enu ngaso sonke isikhathi mawabe nomusa, ayoliswe ngosawoti, ukuze nazi ukuthi kufanele nimphendule kanjani umuntu ngamunye.” Njengoba lo mBhalo ubonisa, ukuthi uzowuphendula kanjani lowo mbuzo kuxhomeke ezimweni. Cishe akudingeki uqale ukushumayeza lowo okubuzayo. Mhlawumbe impendulo emfushane kodwa eqinile iyokwanela. Ngokwesibonelo, uma uphendula lo mbuzo ongenhla ungase uthi “Yebo angikaze,” noma uthi, “Lokho angikuxoxi nabanye abantu.”
13. Ukuqonda kungaba nayiphi ingxenye ekuphenduleni uma ontanga bekugcona?
13 UJesu wayevame ukunikeza impendulo emfushane lapho ukusho okuningi kwakungeke kufeze lutho. Empeleni lapho ephenywa uHerode, wamane wathula. (Luka 23:8, 9) Ngokuvamile ukuthula kuyindlela enhle yokusingatha imibuzo yokweyisa. (IzAga 26:4; UmSh. 3:1, 7) Ngakolunye uhlangothi, ungakwazi ukubona uma umuntu ebuza ngobuqotho ngoba emangazwe indlela oziphatha ngayo—mhlawumbe endabeni yobulili—ngisho noma lowo muntu ekuqaleni ebekhuluma kabi ngawe. (1 Pet. 4:4) Uma kunjalo, ukuchaza ngokugcwele ukuma kwakho okusekelwe eBhayibhelini kungase kufaneleke. Ungenqeni ukumchazela. Hlale ‘ukulungele ukuzivikela.’—1 Pet. 3:15.
14. Ungase ukubuyisele kanjani ngendlela engacunuli ukucindezela kontanga ezimweni ezithile?
14 Kwezinye izimo, ungase ukwazi ukukubuyisela kubo ukucindezela. Nokho, kumelwe uzame ukwenza lokho ngendlela engacunuli. Ngokwesibonelo, uma ofunda naye ekunika ugwayi, ungase uthi, “Cha ngiyabonga,” abese unezela ngokuthi, “Uyazi bengingazi ukuthi uyabhema, akufani neze nawe!” Uyayibona indlela ongakubuyisela ngayo kuye ukucindezela? Kunokuba kube nguwe ochazayo ukuthi kungani ungabhemi, kuba untanga yakho osephoqeleke ukuba acabange ukuthi kungani ebhema.a
15. Kunini lapho kufaneleka khona ukusuka kontanga abazama ukukucindezela, futhi ngani?
15 Kuthiwani uma naphezu kwaleyo mizamo ontanga beqhubeka nokukucindezela? Uma kunjalo, kungcono kakhulu ukuvele usuke kuleyo ndawo. Uma ulokhu uhleli, aba maningi amathuba okuba ugcine usuyekethisile ngandlela-thile. Ngakho-ke, suka. Hamba ngeqholo, uziqhenye ngokuthi awuzange wenze abakufunayo. Empeleni, usebenzise ilungelo lakho, wenza ngokuvumelana nesifiso sakho. Awuzange ube unodoli wontanga yakho futhi wenze inhliziyo kaJehova yajabula.—IzAga 27:11.
Yiba ‘Namacebo Azuzisayo’
16. Ukucindezela kungaqhamuka kanjani kwabanye abathi bangamaKristu?
16 Ngezinye izikhathi, ukucindezelwa ukuba wenze okuthile okungalungile kungaqhamuka kwenye intsha ethi iyizinceku zikaJehova. Ngokwesibonelo, kufanele wenzenjani uma ufika embuthanweni ohlelwe umuntu onjalo abese uthola ukuthi akekho umuntu omdala oqondisayo? Noma, kufanele wenzeni uma osemusha othi ungumKristu efika notshwala embuthanweni, futhi wena nabanye abakhona iminyaka yenu yobudala inganivumeli ukuba niphuze? Ziningana izimo ezingase ziphakame okuyodingeka usebenzise unembeza wakho oqeqeshwe ngeBhayibheli kuzo. Omunye umKristu osemusha uthi: “Mina nodadewethu sake sayishiya phakathi ibhayisikobho eyayigcwele inhlamba. Abanye esasihamba nabo banquma ukusala. Abazali bethu basincoma ngalokho esakwenza. Kodwa abanye ababekulelo qembu basithukuthelela ngoba bethi sizenze ngcono.”
17. Lapho uya embuthanweni, iziphi izinyathelo ezingokoqobo ongazithatha ukuze ulalele izindinganiso zikaNkulunkulu?
17 Njengoba okuhlangenwe nakho okungenhla kubonisa, ukulalela unembeza wakho oqeqeshwe ngeBhayibheli kungakufaka esimweni esiyinkinga. Kodwa namathela kulokho okholelwa ukuthi kulungile. Zilungiselele. Uma uya embuthanweni, yiba nesu ozophuma ngalo uma izinto zingahambi ngendlela obuyilindele. Enye intsha yenze isivumelwano nabazali bayo ukuthi uma nje ike yabashayela ucingo mabavele bayilande. (IHu. 26:4, 5) Lawo ‘macebo ayokuzuzisa.’—IzAga 21:5.
‘Jabula Ebusheni Bakho’
18, 19. (a) Kungani ungaqiniseka ngokuthi uJehova ufuna ukuba ujabule? (b) UNkulunkulu uzizwa kanjani ngalabo abamelana nokucindezela kontanga?
18 UJehova ukudale ngendlela yokuba ukwazi ukujabulela ukuphila futhi ufuna ukuba ujabule. (Funda umShumayeli 11:9.) Khumbula ukuthi izinto ezijatshulelwa ontanga yakho abaningi ‘ziwukujabula isikhashana esonweni.’ (Heb. 11:25) UNkulunkulu weqiniso ukufunela okungaphezu kwenjabulo yesikhashana. Ufuna ujabule phakade. Ngakho, lapho ulingelwa ukwenza okuthile owaziyo ukuthi kubi emehlweni kaNkulunkulu, khumbula ukuthi lokho uJehova akufuna kuwe kuyohlale kukuzuzisa kakhulu.
19 Njengosemusha, kudingeka uqonde ukuthi ngisho noma ubungase wamukelwe ontanga yakho, ngemva kweminyaka ethile bayobe bengasalikhumbuli ngisho negama lakho. Ngokuphambene, lapho umelana nokucindezela kontanga, uJehova uyakuqaphela lokho futhi ngeke akukhohlwe wena noma ukwethembeka kwakho. ‘Uyokuvulela amasango ezikhukhula asemazulwini empeleni athululele phezu kwakho isibusiso kuze kungabikho ukuswela.’ (Mal. 3:10) Ngaphezu kwalokho, umoya wakhe ongcwele uwunikeza ngesandla esivulekile ukuze ukuphelelise lapho untula khona. Yebo, uJehova angakusiza ukuba umelane nokucindezela kontanga!
[Umbhalo waphansi]
a Bheka ishadi elinesihloko esithi, “Uhlelo Lokumelana Nokucindezela Kontanga” encwadini ethi, Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, uMqulu 2, amakhasi 132-133.
Ingabe Uyakhumbula?
• Ukucindezela kontanga kungaba namandla kangakanani?
• Ukuqiniseka kufeza yiphi indima ekumelaneni nokucindezela kontanga?
• Ungazilungiselela kanjani ukumelana nokucindezela kontanga?
• Wazi kanjani ukuthi uJehova uyakwazisa ukwethembeka kwakho?
[Isithombe ekhasini 8]
Kungani u-Aroni avuma ukwenza ithole legolide?
[Isithombe ekhasini 10]
Zilungiselele—nquma kusengaphambili ozokusho