ISAHLUKO 15
Ngingamelana Kanjani Nokucindezela Kontanga?
“Kuningi obhekana nakho esikoleni—ukubhema, izida-kamizwa nobulili. Uyazi ukuthi lokho izingane ezifuna ukwenze kuwubuwula. Kodwa kufika isikhathi lapho uba nomuzwa wokuthi ngeke usakwazi ukuhlehla.”—U-Eve.
KUNGOKWEMVELO ukufuna ukwamukeleka kwabanye. Yingakho ontanga bephumelela ukukucindezela. Ngokwesibonelo, uma ukhuliswa njengomKristu, uyazi ukuthi izinto ezifana nobulili ngaphambi komshado nokusebenzisa kabi utshwala azilungile. (Galathiya 5:19-21) Kepha iningi lontanga yakho lifuna uzenze nalo lezi zinto. Ingabe liye lacabanga ngazo, labe selinquma ukuzenza? Cishe akunjalo. Imvamisa yabo isuke ivumele ukuthonywa abanye. Ifuna ukwamukeleka, ngakho ivumela abanye ukuba balolonge lokho elikukholelwayo. Ingabe kunjalo nangawe? Noma, ingabe unaso isibindi sokumelela izinkolelo zakho?
Umfowabo kaMose, u-Aroni, wanqotshwa ukucindezela—okungenani kanye. Lapho ama-Israyeli ebuthanela kuye futhi emnxusa ukuba awenzele unkulunkulu, wavele wenza lokho ayemtshela kona! (Eksodusi 32:1-4) Cabanga nje—lena kwakuyindoda eyayibhekane noFaro, yamtshela isigijimi sikaNkulunkulu ngesibindi. (Eksodusi 7:1, 2, 16) Kodwa lapho ama-Israyeli akubo emcindezela, u-Aroni wagoba. Kubonakala sengathi wakuthola kulula ukubhekana nenkosi yaseGibhithe kunokumelana nabantu bakubo!
Kuthiwani ngawe? Ingabe ukuthola kunzima ukumelela lokho owaziyo ukuthi kulungile? Ungathanda yini ukukwazi ukumelana nokucindezela kontanga ngaphandle kokubonakala wesaba futhi uthukile? Ungakwazi! Isihluthulelo siwukukubona kuseza lé ukucindezela bese unquma kusengaphambili ukuthi yini ozoyenza. Izinyathelo ezine ezilandelayo zizokusiza ukuba ukwenze lokho.
1. Kulindele. (IzAga 22:3) Ezikhathini eziningi, ungayibona isekude inkinga. Ngokwesibonelo, phambi kwakho ubona idlanzana lofunda nabo libhema. Angakanani amathuba okuthi bangase bakunike ugwayi? Ngokuyilindela le nkinga, uyokulungela ukuyigwema noma ukubhekana nayo.
2. Cabanga. (Hebheru 5:14) Ungase uzibuze, ‘Ngiyozizwa kanjani ngokuhamba kwesikhathi uma ngilandela umshungu?’ Yiqiniso, ontanga bangase bakwamukele okwesikhashana. Kodwa uyozizwa kanjani kamuva lapho usunabazali bakho noma amanye amaKristu? Ingabe uzimisele ukudela ukuma okuhlanzekile noNkulunkulu ukuze nje ujabulise ofunda nabo?
3. Nquma. (Duteronomi 30:19) Zonke izinceku zikaNkulunkulu kuyofanele nakanjani zikhethe phakathi kokwethembeka nezibusiso zako, nokungathembeki nemiphumela yako ebuhlungu. Amadoda afana noJosefa, uJobe, noJesu akhetha kahle, kanti uKhayini, u-Esawu noJuda benza ukukhetha okubi. Manje yithuba lakho lokuba unqume. Uzokwenzenjani wena?
4. Thatha isinyathelo. Ungase ucabange ukuthi lokhu yikho okunzima kunakho konke. Akunjalo! Uma ubusucabangile ngemiphumela futhi wanquma, ukucacisa ukuthi umiphi kungaba lula ngendlela emangalisayo—futhi kuzuzise. (IzAga 15:23) Ungakhathazeki—akudingeki uze ubashumayeze ngeBhayibheli ontanga. Ukumane wenqabe ngokuqinile kungase kwanele. Noma, ukuze ucacise ukuma kwakho okungaguquki, ungase ukhethe ukuthi:
“Ningangibali mina!”
“Angizenzi izinto ezinjalo!”
“Kahleni, angithi niyazi ukuthi angikwenzi lokhu!”
Into esemqoka ukuba uphendule ngokushesha nangokuqiniseka. Uma wenza kanjalo, uyomangala ukuthi ontanga yakho bayoshesha kanjani ukukuyeka! Kuthiwani-ke kodwa uma bekuchwensa? Ake sithi bathi, “Ikuphi inkinga yakho kanti—uyigwala?” Kubone ukuthi kuyini ngempela lokhu kuchukuluza—kuwukucindezela kontanga nje kwaphela. Ungaphendula kanjani? Okungenani kunezinto ezintathu ongazisho.
● Ungase ukwamukele ukugconwa. (“Uqinisile, vele ngiyesaba!” Yibe usuchaza kafushane isizathu sakho.)
● Ungase uphebeze ukucindezela ngokucacisa ukuma kwakho, ngaphandle kokuphikisana nabo.
● Ungase ukubuyisele kubo ukucindezela. Yisho isizathu sokwenqaba kwakho bese uzama ukubonisana nabo. (“Uyazi, akukufanele ukubhema!”)
Uma ontanga yakho beqhubeka nokukugcona, hamba! Uma ulokhu ulapho, bazolokhu bekucindezela. Ngisho nalapho kudingeka uhambe, khumbula: Nguwe olawule isimo. Awuzange uvumele ontanga bakwenze ufane nabo!
Abanye ontanga bangase bakugcone bathi uyehluleka ukuzicabangela. Kodwa uyakwazi ukuzicabangela! Empeleni, uJehova ufuna ukuba uzitholele ngokwakho ukuthi kungcono ukwenza intando yakhe. (Roma 12:2) Pho kungani uvumela ontanga yakho bakwenze upopayi wabo? (Roma 6:16) Kumelele lokho owaziyo ukuthi kulungile!
Uma sikhuluma iqiniso, ngeke wakucashela ukucindezela kontanga. Kodwa unganquma ukuthi yini ozoyenza, ucacise ukuma kwakho, futhi ulawule isimo. Ekugcineni, isinqumo ngesakho!—Joshuwa 24:15.
FUNDA OKWENGEZIWE NGALE NDABA EMQULWINI 1, ISAHLUKO 9
Ingabe uphila ukuphila okumbaxambili? Buhle buni nje kodwa obungaba khona uma abazali bakho bekuthola lokho?
UMBHALO OYINHLOKO
“Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha, kodwa osebenzelana neziphukuphuku kuyomhambela kabi.”—IzAga 13:20.
ICEBISO
Ukuze ube nesibindi esengeziwe, funda okuhlangenwe nakho okunyathelisiwe kwezinceku zikaJehova zosuku lwanamuhla eziye zakumelela ngempumelelo okulungile.
UBUWAZI . . . ?
Zimbalwa izingane ofunda nazo eziyobe zisakuthinta ngemva konyaka waqeda isikole. Eziningi ziyobe zingasalikhumbuli kwagama lakho. Kodwa abakini—futhi ikakhulu uJehova uNkulunkulu—bayolokhu beyikha-thalela inhlalakahle yakho.—IHubo 37:23-25.
ENGIZOKWENZA!
Ngingalungiselela ukumelana nokucindezela kontanga ngoku- ․․․․․
Uma ontanga bezama ukungicindezelela ekuziphatheni okungalungile ngizo- ․․․․․
Engingathanda ukukubuza umzali (abazali) wami ngale ndaba ․․․․․
UCABANGANI?
● Izinyathelo ezine ezikulesi sahluko zingakusiza kuziphi izimo?
● Kungenzekani uma unganqotshwa ukucindezela kontanga?
● Yiziphi ezinye zezindlela ongamelana ngazo nokucindezela kontanga?
[Amazwi ahambisana nesithombe esisekhasini 131]
“Abafana abaningi bayazi ukuthi nginguFakazi futhi bayangihlonipha. Uma bezoxoxa ngento embi, bathi, ‘Mike, sesizoxoxa manje, uma ufuna ukuhamba, hamba.’”—UMike
[Ishadi ekhasini 132, 133]
Ishadi Lemibuzo
Uhlelo Lokumelana Nokucindezela
Isampula
1 Kontanga
Siyini isilingo? Ukubhema ugwayi.
Kukuphi lapho ngingase ngibhekane naso khona? Ngaphandle kwekilasi.
2 Cabanga
Kuyokwenzekani uma ngisivumela lesi silingo?
Ngiyodumaza uJehova nabazali bami. Ngiyodliwa unembeza. Kuyoba nzima ukwenqaba esikhathini esilandelayo.
Kuyokwenzekani uma ngimelana naso?
Ngingase ngigconwe noma ngibizwe ngamaganyana. Abanye engifunda nabo bangase bangixwaye. Kodwa ngiyobe ngijabulisa uJehova, futhi ngiyoqina ngokwengeziwe.
3 Nquma
Uma ngisivumela, kuyobe kungoba
Angikuhlomele ngokwanele ukubhekana nokucindezela kontanga. Ngithanda ukwamukelwa ontanga kunokwamukelwa uJehova.
Ngiyomelana naso ngoba
Ngiyazi ukuthi kudumaza uJehova futhi ukubhema kungalimaza impilo yami.
4 Thatha Isinyathelo
Ngizo-
kwenqaba bese ngiyahamba.
Ukuchwensa Kontanga
Uma untanga engicindezela ethi: “Nank’ ugwayi, donsa kancane. Yini, uyesaba?”
Ngingasabela ngoku-
Kwamukela
“Uqinisile. Vele ngiyawesaba ugwayi. Angifuni ukungenwa umdlavuza wamaphaphu.”
Kuphebeza
“Ungadlali ngogwayi wakho ngokuwunika mina.”
Kubuyisela kuye
“Ngiyabonga. Uyazi, akukufanele ukubhema!”
PHAWULA: Suka ngokushesha kuleyo ndawo uma ontanga beqhubeka bekucindezela. Uma uqhubeka unabo, maningi amathuba okuba ube upopayi wabo. Manje zigcwalisele elakho ishadi ekhasini elilandelayo.
uhlelo lokumelana nokucindezela kontanga
Kopisha leli khasi!
1 Kulindele
Siyini isilingo? ․․․․․
Kukuphi lapho ngingase ngibhekane naso khona? ․․․․․
2 Cabanga
Kuyokwenzekani uma ngisivumela lesi silingo?
․․․․․
Kuyokwenzekani uma ngimelana naso?
․․․․․
3 Nquma
Uma ngisivumela, kuyobe kungoba . . .
․․․․․
Ngiyomelana naso ngoba . . .
․․․․․
4 Thatha
․․․․․
Ngizo . . .
․․․․․
Isinyathelo Ukuchwensa Kontanga
Uma untanga engicindezela ethi: ․․․․․
Ngingasabela ngoku-
Kwamukela
․․․․․
Kuyephebeza
․․․․․
Kubuyisela kuye
․․․․․
Indlela oyosabela ngayo yiprakthize nomzali noma umngane ovuthiwe.
[Isithombe ekhasini 135]
Uma uvuma ukucindezelwa ontanga, uba upopayi wabo