Umkhankaso Okhethekile EBulgaria Uyaphumelela
“Ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi zimbalwa. Ngakho-ke, ncengani iNkosi yokuvuna ukuba ithumele izisebenzi ekuvuneni kwayo.”—MATH. 9:37, 38.
YEKA indlela amazwi kaJesu asichaza kahle ngayo isimo saseBulgaria, indawo enhle yaseBalkan eseningizimu-mpumalanga yeYurophu! Kunesidingo sangempela sezisebenzi ezizoyisa izindaba ezinhle kubantu bakhona abangaphezu kwezigidi eziyisikhombisa. Kunabamemezeli abangaba ngu-1 700 eBulgaria kodwa abakwazi ukuyihlanganisa yonke insimu yabo. Ngenxa yalokho, iNdikimba Ebusayo yagunyaza ukuba kumenywe oFakazi abakhuluma isiBulgaria emazweni amaningana aseYurophu ukuba beze bazohlanganyela emkhankasweni okhethekile ngo-2009. Wawuhlelelwe ukuba uthathe amasonto angu-7 ehlobo (enyakatho nenkaba-zwe) ayezophela ngesonto loMhlangano Wesigodi othi “Hlalani Nilindile!” owawuzoba seSofia ngo-August 14 kuya ku-16, 2009.
Ukusabela Okuhlaba Umxhwele
Abafowethu ehhovisi legatsha eSofia babezibuza ukuthi kazi bangaki abavela eFrance, eGermany, eGreece, e-Italy, ePoland, naseSpain ababezosabela. Kwakudingeka beze ngemali yabo futhi bathathe izinsuku zabo zeholidi ukuze bazoshumayela. Yeka ukuthi kwakujabulisa kanjani ukubona izicelo zabantu ababefuna ukuza zanda isonto nesonto zaze zaba ngu-292! Ngenxa yobuningi babantu abasabela, igatsha lakwazi ukwabela lezi zisebenzi zokuzithandela emadolobheni amathathu aseBulgaria: iKazanlak, iSandanski neSilistra. Ababonisi besifunda eBulgaria bacela amaphayona asendaweni nabamemezeli ukuba nabo bawusekele lo mkhankaso. Ekugcineni, izisebenzi zokuzithandela ezingu-382 zashumayela ngentshiseko emasimini okwakuqabukela afinyelelwe ngezindaba ezinhle.
Abazalwane abasemabandleni aseduze bacelwa kusengaphambili ukuba balungise izindawo zokulala. Baqasha amafulethi namahhotela angabizi kakhulu. Laba bazalwane bendawo basebenza imini nobusuku beyisa izisebenzi zokuzithandela ezifikayo ezindaweni ezizohlala kuzo futhi benakekela nezidingo zazo. Kuwo womathathu la madolobha, kwaqashwa izindawo okwakuzoqhutshelwa kuzo imihlangano. Kwenziwa amalungiselelo okuba imihlangano yebandla iqhutshwe abazalwane ababevakashile. Kwakujabulisa ukubona abamemezeli abangu-50 behlangene ngenjongo yokudumisa uJehova, endaweni engenaye ngisho noFakazi oyedwa.
Intshiseko yalabo ababeze kulo mkhankaso bevela kwamanye amazwe yayithinta inhliziyo. Ehlobo, izinga lokushisa eBulgaria lingafinyela ku-40 degrees Celsius. Noma kunjalo, akukho okwakungavimba intshiseko yalaba bafowethu nodade. ISilistra, idolobha eliseduze koMfula iDanube elinabantu abangaphezu kuka-50- 000, yayisihlanganiswe yonke phakathi namasonto amathathu okuqala. Ngenxa yalokho, abazalwane badlulela nakwamanye amadolobhana aseduze baze bafinyelela naseTutrakan eqhele ngamakhilomitha angu-55 entshonalanga yeSilistra. Ngokuvamile babeqala inkonzo yasensimini ngo-9:30 ekuseni. Ngemva kwekhefu lasemini babeqhubeka kuze kushaye ihora lesi-7 kusihlwa noma ngemva kwalokho. Ngokufanayo, ngenxa yentshiseko enkulu yalezi zisebenzi zokuzithandela, umkhankaso waseKazanlak naseSandanski wafinyelela nasemadolobheni amancane namakhulu aseduze.
Yini Eyafezwa?
Kwanikezwa ubufakazi obuhle kakhulu phakathi nala masonto angu-7. Abantu abahlala kula madolobha bangasho amazwi ashiwo ezinsukwini zabaphostoli ukuthi, ‘nigcwalise idolobha lethu ngemfundiso yenu.’ (IzE. 5:28) OFakazi abahlanganyela kulo mkhankaso bahambisa omagazini abangu-50 000 futhi baqala izifundo zeBhayibheli ezingu-482. Kuyajabulisa ukuthi kusukela ngo-September 1, 2009, kwamiswa ibandla eSilistra futhi kunamaqembu eKazanlak naseSandanski. Kuyajabulisa ukubona abantu abezwa izindaba ezinhle okokuqala ngqá phakathi nalo mkhankaso bethuthuka ngokomoya.
Ngesonto lokuqala lalo mkhankaso, udade oyiphayona elikhethekile okhuluma isiBulgaria waseSpain, washumayeza uKarina, intokazi yaseSilistra eyayidayisa amaphephandaba emgwaqweni. UKarina wabonisa isithakazelo futhi weza nasesifundweni. Wasamukela ngokungananazi isifundo seBhayibheli. Ngenxa yokuthi umyeni wakhe akakholelwa kuNkulunkulu, uKarina wacela ukuba isifundo siqhutshelwe epaki. Amadodakazi akhe amabili nawo ahlanganyela esifundweni. UDaniela, indodakazi yakhe endala, wabonisa ukwazisa okukhulu ngeqiniso leBhayibheli. Wafunda incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli ngesonto elilodwa wayiqeda futhi ngokushesha waqala ukwenza okushiwo iBhayibheli ngokuyeka ukusebenzisa izithombe ekukhulekeleni. Wabe eseqala ukutshela abangane bakhe ngeqiniso. Ngemva nje kwamasonto amathathu eqale ukuya emihlanganweni yebandla, wathi kudade owamfundela: “Ngizizwa sengathi sengifana nani. Yini okufanele ngiyenze ukuze nami ngiqale ukushumayela?” UDaniela, unina nodadewabo omncane bayaqhubeka bethuthuka kahle.
EKazanlak, umzalwane okhuluma isiBulgaria ogama lakhe lingu-Orlin, owayeze kulo mkhankaso evela e-Italy, wayesebuyela endaweni ayeqashe kuyo ngemva kwensimu lapho ebona izinsizwa ezimbili zihlezi ebhentshini lasepaki, wayesefakaza kuzo. Wazishiyela incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli futhi wahlela ukubuyela kuzo ngakusasa. Lapho esebuyela, waqala isifundo seBhayibheli noSvetomir esaqhubeka nangakusasa. Ezinsukwini ezingu-9, u-Orlin wayesefunde noSvetomir izikhathi ezingu-8. USvetomir waphawula: “Ezinsukwini ezimbili ngaphambi kokuba ngihlangane nawe, ngithandaze kuNkulunkulu ukuba angisize ngimazi. Ngimthembise nokuthi uma engangisiza, ngizonikezela ukuphila kwami kuye.” Ngemva kokuba u-Orlin ebuyele e-Italy, abazalwane bendawo baqhubeka befundela uSvetomir futhi wenza iqiniso libe ngelakhe.
Abazidelayo Bathola Izibusiso Ezicebile
Bazizwa kanjani labo abazidela ngokusebenzisa isikhathi sabo seholidi nemali, baya kwelinye izwe ukuze bashumayele izindaba ezinhle? Umdala okhonza eSpain wabhala: “Umkhankaso wenza ukuba abazalwane abasebenza insimu yesiBulgaria eSpain basondelane kakhudlwana. Waba nethonya elikhulu kubazalwane abahlanganyela kuwo.” Omunye umbhangqwana ovela e-Italy wabhala: “Le nyanga yaba emnandi kunazo zonke ekuphileni kwethu!” Wanezela: “Lo mkhankaso ukushintshile ukuphila kwethu! Manje sesingabanye abantu.” Lo mbhangqwana waqala ukucabanga ngokungathí sina ngokuthuthela eBulgaria unomphela ukuze ukhonze lapho kunendingeko enkulu khona. UCarina, ungudade ongashadile oyiphayona elivamile eSpain naye owasekela umkhankaso waseSilistra. Ngemva kwalokho wayeka umsebenzi wakhe eSpain, wathuthela eBulgaria ukuze asekele ibandla elisha elikulelo dolobha. Wayezibekele imali eyanele engamqhuba unyaka wonke eBulgaria. UCarina uthi ngesinqumo sakhe: “Ngijabula kakhulu ngokuthi uJehova uyangivumela ukuba ngikhonze lapha eBulgaria, futhi ngethemba ukuthi ngizokwazi ukuhlala lapha isikhathi eside. Senginezifundo zeBhayibheli ezinhlanu futhi ezintathu kuzo ziba khona emihlanganweni.”
Udade othile wase-Italy wayefuna ukuhlanganyela kulo mkhankaso, kodwa njengoba ayesanda kuqala emsebenzini omusha, wayengenazo izinsuku zeholidi. Engathandi ukubheka lokhu njengesithiyo, wacela iholidi elingakhokhelwa lenyanga eyodwa futhi ezimisele ukuwuyeka lowo msebenzi uma isicelo sakhe singamukelwa. Wamangala lapho umqashi wakhe ethi: “Kulungile, ungahamba uma nje uzongithumelela ikhadi useBulgaria.” Ngokuqinisekile, lo dade waba nomuzwa wokuthi uJehova wayeyiphendulile imithandazo yakhe.
UStanislava, udade osemusha ohlala edolobheni laseBulgaria iVarna, wayesebenza isikhathi esigcwele emsebenzini oholela kahle, wathatha iholidi ukuze ayohlanganyela emkhankasweni waseSilistra. Lapho ebona injabulo yamaphayona amaningi ayevela ezindaweni ezikude ezoshumayela izindaba ezinhle ezweni lakubo, wavele wakhala izinyembezi. Wabe eseqala ukucabanga ngalokho ayekwenza ngokuphila kwakhe, ukuthi uphishekela umsebenzi wokuziphilisa. Lapho esebuyela ekhaya ngemva kwamasonto amabili, wawuyeka umsebenzi wakhe futhi waba iphayona elivamile. Manje uzizwa ejabule ngempela ngoba ukhumbula uMdali wakhe ebusheni bakhe.—UmSh. 12:1.
Yeka ukuthi kuyisibusiso kangakanani ukuhlanganyela ngentshiseko enkonzweni kaJehova! Akukho okungcono ongakwenza kunokunikela ngesikhathi namandla akho emsebenzini obalulekile wokufundisa nokushumayela izindaba ezinhle. Ingabe zikhona izindlela ongandisa ngazo isikhathi osichitha kule nkonzo esindisa ukuphila? Kungenzeka kunezindawo ezweni lakini ezinendingeko enkulu. Ungathuthela yini endaweni enjalo? Noma ungase ucabangele ukufunda olunye ulimi ukuze usize abantu ezweni lakini abomele iqiniso leBhayibheli. Kungakhathaliseki ukuthi iziphi izinguquko ongazenza ukuze wandise inkonzo yakho, ungaqiniseka ngokuthi uJehova uyokubusisa ngokucebile.—IzAga 10:22.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 32]
Usuku Oluyingqopha-mlando
Iningi lalabo ababevela kwamanye amazwe aseYurophu bezosekela umkhankaso okhethekile eBulgaria lahlela ukuba libe khona eMhlanganweni Wesigodi Othi “Hlalani Nilindile!” owawuseSofia. Kwabakhuthaza kakhulu abafowethu nodadewethu bendawo ukuhlangana nezivakashi eziningi kangaka ezivela emazweni ahlukahlukene. Yeka indlela abajabula ngayo abangu-2 039 ababekhona lapho uMfoweth’ uGeoffrey Jackson oyilungu leNdikimba Ebusayo ekhulula INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele ephelele ngesiBulgaria! Bonke ababekhona ngoLwesihlanu bazwakalisa ukwazisa okusuka ezinhliziyweni ngokushaya ihlombe ngentshiseko isikhathi eside. Kwabaningi kwaze kwehla nezinyembezi zenjabulo. Le nguqulo enembile ebhalwe ngolimi okulula ukuluqonda iyosiza abantu abaqotho baseBulgaria ukuba bazi uJehova.
[Ibalazwe ekhasini 30, 31]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
BULGARIA
SOFIA
Sandanski
Silistra
Kazanlak
[Izithombe ekhasini 31]
Kwanikezwa ubufakazi obuhle kakhulu phakathi nalawo masonto angu-7