Isibhicongo Ekilasini—Induduzo Ngemva Kwaso
IKHASI lokuqala lephephandaba lalimnyama bhuqe futhi libhalwe ngokugqamile ukuthi: “Kungani?” Lo mbuzo wawulokhu ubuzwe njalo ngemva kokuba ibhungu elineminyaka engu-17 livulele inhlamvu labulala abantu abangu-15 eWinnenden eningizimu yeJalimane, ngemva kwalokho nalo lazidubula. Kwaphephezeliswa amafulege kulo lonke elaseJalimane ngenjongo yokubonisa ukuthi abantu babesosizini, futhi izindaba zalesi sibhicongo zagcwala umhlaba wonke.
IWinnenden iyidolobha leziqumama elinokuthula, elizungezwe izivini namasimu ezithelo. Usuku lwangomhla ka-11 March 2009 lwaqala njengazo zonke ezinye izinsuku e-Albertville Secondary School. Kungazelelwe, ngo-9:30 ekuseni, kwasuka udweshu nesiyaluyalu.
Ibhungu elithile lafika esikoleni elalifunda kuso ngaphambili liphethe isibhamu elalisithathe ekamelweni labazali balo. Lavulela inhlamvu labulala abafundi abangu-9 nothisha abathathu emakilasini amathathu nasephasishi, kwalimala nabaningana. Akuphelanga mizuzu mingaki, amaphoyisa ayesefike qathatha. Lo mbulali wabalekela ngasemtholampilo oseduze wabagula ngengqondo, wabulala isisebenzi esinakekela isakhiwo. Nguye lowaya eseduna imoto, wakhomba umshayeli wayo ngesibhamu. Ngemva kwamakhilomitha athi awabe ngu-40 umshayeli wakwazi ukuphunyuka. Leli bhungu lafika egalaji elithengisa izimoto labulala umthengisi nekhasimende futhi lalimaza kabi amaphoyisa amabili ayezama ukulivimbezela. Ekugcineni, lapho libona ukuthi selilishonele, lazidubula ekhanda.
Ngokusho kwalabo ababazi lo mbulali, bathi wayeyingane efana nezinye izingane eyayifuna ukuthandwa nokuba nabangane. Pho konakalaphi? Kungenzeka ukuthi wayecindezeleka kakhulu ngezikhathi ezithile futhi ethanda ukudlala ngezibhamu zokudlala. Kodwa-ke abanye bathi angithi ziningi izingane ezinalezo zibhamu zokudlala. Kuthiwani ngababulawa? Ingabe kunabantu ayebasophile, noma wayedubula noma ubani? Kwakusolisa ukudubula kwakhe amantombazane angu-8 nomfana oyedwa. Akekho ngempela owakwazi ukuphuma nesizathu esizwakalayo.
Imizwa Yabantu Ngemva Kwesibhicongo
UHeike uyakhumbula: “Angizange ngikholwe lapho indodana yami ingishayela ucingo ingitshela ngengane edubule abantu esikoleni. Kodwa kwaxhaphazela amathumbu lapho ngibona izimoto zamaphoyisa nama-ambulense kuphithizela emgwaqweni.” Kungenzeka ukuthi ukusukumela phezulu kwamaphoyisa kwanqanda lo mbulali ekubulaleni abantu abengeziwe esikoleni. Ngemva kokuba kukhishwe wonke umuntu esikoleni, kwafika abosizo oluphuthumayo, odokotela bengqondo nabafundisi futhi basebenza ngokukhulu ukuzikhandla besiza abafundi.
Kwatheleka izintatheli zizozama ukuthola kubafundi ukuthi kwakwenzekeni, abaningi babo ababesashaqekile. Omunye umfundi wabala futhi wathola ukuthi emagcekeni esikole kwakunezimoto ezingu-28 zabavela eziteshini zezindaba ezingu-26. Abacosheli bezindaba babephangelana ngokuthola lolu daba, okwenza ukuba eminye yemibiko ibe engaqinisekisiwe. Enye intatheli yashayela abazali bentombazane eyabulawa ngalolo suku lwalesi sibhicongo yacela izithombe, kanti ezinye zacela ukuthatha abafundi izithombe bese zibakhokhela. Zisanganiswa yilesi siphithiphithi, ezinye izintatheli azikwazanga ukubona ukuthi yini eyayibaluleke kakhulu phakathi kokuthola izindaba kuqala kunezinye izintatheli, nokucabangela kanye nokuhlonipha abahlukumezekile.
Abantu baphendukela enkolweni ukuze bathole induduzo nezimpendulo zemibuzo yabo, njengoba kuye kwenzeke uma kuvele izinhlekelele ezifana nalezi. Ngosuku lwalesi sibhicongo, izinkolo ezihlukahlukene zahlangana zabamba inkonzo. Abaningi bakwazisa lokhu kusekelwa. Kodwa labo ababefuna induduzo evela eZwini likaNkulunkulu noma ababefisa ukuthola izimpendulo zemibuzo edidayo ababenayo badumazeka kabuhlungu. Abanye abazali baya emngcwabeni wengane eyashona eyayifunda nendodana yabo futhi umama wathi: “Umbhishobhi wakhuluma ngokuhlupheka kukaJobe. Ngangilindele ukuba achaze ukuthi sifundani kulokho noma asiduduze—kodwa akakwenzanga lokho. Akashongo lutho ngokuthi kungani uJobe ayehlupheka nokuthi saba yini isiphetho sakhe.”
Enye indoda yayicasuke ngempela ngemva kokuba izwe amazwi awuwangala. Le ndoda yayike yafundelwa iBhayibheli oFakazi BakaJehova eminyakeni engaba ngu-30 ngaphambili, kodwa yayeka. Ngemva kwalesi sibhicongo yaqala ukuya emihlanganweni.
UValisa, intombazane eneminyaka engu-14 efundelwa njalo iBhayibheli oFakazi, wayesekilasini eliseduze nalapho kwadutshulwa khona abantu. Lapho ezwa ukuqhuma kwesibhamu, waqala ukuthandaza kuJehova. Kamuva lapho ebuzwa ukuthi wayezizwa kanjani, wathi lesi sigameko samqinisekisa ukuthi lokho ayekufunde eBhayibhelini ngezinsuku zokugcina ezibucayi kwakuyiqiniso. (2 Thimothewu 3:1-5) Lapho oFakazi ababili besemsebenzini wokushumayela beduduza omakhelwane babo, esinye isalukazi seza kubo sathi, “Kufanele kube nabaningi abenza lokhu enikwenzayo.” Nakuba lokhu kubulawa kwabantu kwakubuhlungu futhi kushaqisa, kwashukumisela abanye ukuba balalele iZwi likaNkulunkulu eliqukethe ithemba nenduduzo.
Ubuhlungu Obungapheli Bangemva Kwenhlekelele
Yiqiniso, ngisho namazwi enduduzo asuka enhliziyweni ngeke akuqede ukushaqeka nosizi lwalabo abathintwa yilesi senzakalo ngokuqondile. Awekho amazwi angabuqeda ngokuphelele ubuhlungu bomzali owashonelwa yingane noma ukudabuka kwephoyisa elaphuthumela esikoleni kanti lizothola ukuthi umkalo uphakathi kwababulewe.
Abafundi abasinda kulesi sibhicongo, kuhlanganise nemindeni yabo, bahlukumezeka kakhulu ngezindlela ezingefani. UVassilios waphuma ngefasitela lapho ezwa kuqhuma isibhamu. Uyakhumbula: “Ngesikhathi ngiphuma ngefasitela, ngathandaza kuJehova. Ngangicabanga ukuthi ngizokufa. Ngangizitshela ukuthi umthandazo wami wokugcina lona.” Emasontweni alandela, wahlushwa amaphupho amabi futhi wayengafuni ukukhuluma namuntu. Kwakuvele kuthi akafe uma ebona indlela abezindaba ababencintisana ngayo nendlela ababengacabangeli ngayo lapho bephenya lolu daba. Ngokuhamba kwesikhathi, wakwazi ukwamukela lesi simo.
UJonas wayesekilasini elilodwa noVassilios futhi wabona kudutshulwa abafundi abahlanu basekilasini lakhe. Wathi: “Ngemva nje kwalesi sigameko ngangingenankinga yokuchazela abantu okwakwenzekile; kwakunjengokungathi ibhayisikobho ethusayo. Kodwa manje kunzima ukuchaza indlela engizizwa ngayo. Imizwa yami iyashintshashintsha. Ngezinye izikhathi angifuni ukukhuluma ngakho, kodwa ngezinye ngikhuluma ngakho kakhulu.” Naye uhlushwa amaphupho amabi futhi unezinkinga zokulala.
Ngemva kwezinsukwana, abafundi banikezwa izinto zabo ezazisemakilasini. Odokotela abelapha abantu abahlukumezekile babatshela ukuthi sizobuya isithombe salesiya sibhicongo uma bebona izinto zabo. Ekuqaleni, uJonas wayesaba ukuthinta ibhantshi lakhe, ujosaka nesigqoko sesithuthuthu. Wayethuka njalo nalapho ebona umuntu ofana naleli bhungu elabulala abantu noma ogaxe ujosaka njengalo. Lapho abazali bakhe bebukele ibhayisikobho futhi kuqhume isibhamu wayethuka kuphele nasozwaneni. Abelaphi bazama ukusiza izisulu ukuba zingahlukunyezwa yinoma yini engase yenze izingqondo zazo zikhumbule lesiya sehlakalo esihlasimulisayo.
UJürgen, uyise kaJonas, usebenza emtholampilo lapho kwabulawa khona isisebenzi. Waphawula ukuthi abazali abaningi kanye nabantu asebenza nabo babezizwisa ubuhlungu ngokulokhu bezibuza imibuzo enjengethi: Kungani? Kuthiwani ukube bekudubuleke mina? Ngokwesibonelo, esinye isisebenzi sasemtholampilo esasimi kuvulandi esabona umbulali edlula, sakhathazeka kakhulu lapho sicabanga ukuthi naso ngabe sadubuleka kangangokuthi sadinga ukwelashelwa ukuhlukumezeka kwengqondo.
Indlela Abanye Abasizwa Ngayo
Yini abanye abaye bayithola isiza ekubhekaneni nesehlakalo esihlasimulisa njengalesi? UJürgen uyaphawula: “Nakuba kunzima ngezinye izikhathi, kodwa kuyelapha ukuzihlanganisa nabanye. Kuyasiza ukwazi ukuthi kunabantu abakuthandayo nokuthi awuwedwa.”
UJonas ubonga nokuthi kunabantu abakhathalelayo: “Abaningi basithumelela amakhadi nemiyalezo. Abanye basicaphunela amavesi eBhayibheli engibe sengiwafunda. Lokho kuyaduduza.” Yini enye emsizayo? Uthi: “Uma ngiphelelwa ubuthongo ebusuku, futhi ngizwa ukuthi ayisengangami, ngiyathandaza. Ngezinye izikhathi ngilalela umculo noma umagazini oqoshiwe we-Phaphama!”a Uqhubeka athi iBhayibheli liyasitshela ukuthi kungani lokhu kwénzeka: USathane ubusa leli zwe, futhi siphila esikhathini sokuphela. Uyise uthi ukwazi lokho kuyabasiza ekubhekaneni nesimo.
Ubuhlungu Buzophela Maduze
Ngemva kwezinsukwana, kwakhanyiswa amakhandlela, kwabekwa izimbali nezincwadi phambi kwesikole. UKerstin waphawula ukuthi abantu abaningana babhala izigqebhezana zamaphepha bebuza ukuthi kungani lokhu kwenzekile nokuthi kungani uNkulunkulu ekuvumele. Benomuzwa wokuthi le mibuzo idinga impendulo, yena nabanye oFakazi ababili babhala incwadi bayibeka phakathi kwezinye.
Enkonzweni yesikhumbuzo, isiteshi sethelevishini sabonisa incwadi yakhe futhi sacaphuna imisho yayo yokuqala: “Kungani? Kulezi zinsuku zokugcina, lo mbuzo uye wabuzwa abantu abaningi, futhi umbuzo abaye bawubuza ngokukhethekile yilona: UNkulunkulu ubekuphi? Kungani ekuvumele?” Ngokudabukisayo, le ngcaphuno yaphelela lapha.
Kungani sithi ngokudabukisayo? Yingoba le ncwadi yaqhubeka ichaza indlela ukuhlupheka okwaqala ngayo futhi yathi uNkulunkulu “uyoqiniseka ukuthi bonke ububi obuye benziwa abanye abantu buyoqedwa.” Iyenezela: “Encwadini yokugcina yeBhayibheli, uNkulunkulu uthi uyosula zonke izinyembezi emehlweni abantu, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.” UJehova uNkulunkulu uyovusa ngisho nabafileyo. Lapho sekubusa uMbuso wakhe ozofika maduzane, izinhlekelele, ukubulawa kwabantu noma ubuhlungu, ngeke kusaba khona. UNkulunkulu wathembisa: “Bheka! Ngenza konke kube kusha.”—IsAmbulo 21:4, 5.
[Umbhalo waphansi]
a Umagazini i-Phaphama! unyatheliswa uphinde uqoshwe oFakazi BakaJehova.
[Isithombe ekhasini 12]
UJonas wathola ikhadi elalibhalwe ukuthi, “Sizwelana nani”
[Umthombo Wesithombe ekhasini 9]
Focus Agency/WPN
[Umthombo Wesithombe ekhasini 9]
© imagebroker/Alamy
[Umthombo Wesithombe ekhasini 10]
Foto: picture alliance
[Umthombo Wesithombe ekhasini 11]
Foto: picture alliance