Ezentsha Yethu
Isimangaliso Esenzeka NgePentekoste!
Iziyalezo: Funda le ndaba endaweni ethule. Njengoba ufunda imiBhalo, zibone ngeso lengqondo uhilelekile kuleso senzakalo. Sibone ngeso lengqondo. Yizwa amazwi. Zizwe ngendlela abalingiswa abasemqoka abazizwa ngayo. Yenza indaba iphile!
HLAZIYA ISIGCAWU.—FUNDA IZENZO 2:1-21, 38-41.
Yini efika engqondweni njengoba ufunda le ndaba ekhuluma ngomsindo ofana “nowesivunguvungu esinamandla” nabantu abakhuluma izilimi njengokungathi “amalangabi”?
․․․․․
Ucabanga ukuthi abantu babethini njengoba babemangazwe ukuzwa abafundi bekhuluma ezinye izilimi?
․․․․․
Ububona bunjani ubuso babantu abachazwe evesini 13 ababengabathembi abafundi?
․․․․․
CWANINGISISA.
IPentekoste laliyisenzakalo esinjani futhi kungenzeka ukuthi labathinta kanjani abantu ababeseJerusalema? (Duteronomi 16:10-12)
․․․․․
UPetru wayibonisa kanjani inhlonipho lapho ekhuluma nabantu, futhi wagxila kanjani ezintweni ababevumelana ngazo? (IzEnzo 2:29)
․․․․․
Isibindi uPetru asibonisa ngePentekoste sihluke kanjani kwesinye isenzakalo sangaphambili lapho esegcekeni lompristi ophakeme? (Mathewu 26:69-75)
․․․․․
SEBENZISA OKUFUNDILE. BHALA LOKHO OKUFUNDILE MAYELANA . . .
Nesidingo sokuthola esivumelana ngakho nabasilalele nokukhuluma nabo ngenhlonipho ngezinkolelo zethu ezisekelwe eBhayibhelini.
․․․․․
Nokuthi ungaba uFakazi kaJehova onesibindi, ngisho noma unamahloni noma wesaba.
․․․․․
YINI EKUHLABE UMXHWELE KAKHULU NGALOKHU KULANDISA, FUTHI NGANI?
․․․․․
Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka INqabayokulinda ka-September 15, 1996, amakhasi 8-9.