Ezentsha Yethu
UJesu Uphulukisa Abantu Ngokuyisimangaliso
Iziyalezo: Funda le ndaba endaweni ethule. Njengoba ufunda imiBhalo, zibone ngeso lengqondo uhilelekile kuleso senzakalo. Sibone ngeso lengqondo. Yizwa amazwi. Zizwe ngendlela abalingiswa abasemqoka abazizwa ngayo.
HLAZIYA ISIGCAWU.—FUNDA UMATHEWU 15:21-28.
Ucabanga ukuthi lo mama wayezizwa kanjani?
․․․․․
Uma “ulalelisisa,” ucabanga ukuthi yayiveza muphi umuzwa indlela uJesu akhuluma ngayo emavesini alandelayo?
24 ․․․․․ 26 ․․․․․ 28 ․․․․․
ZINDLA NGOKUJULILE.
UJesu wabonisa kangaki—ngamazwi noma ngezenzo—ukuthi wayengenakuyiphulukisa indodakazi yalona wesifazane?
․․․․․
Ekuqaleni, kungani uJesu ayengeke ayiphulukise?
․․․․․
Kungani-ke pho uJesu ayiphulukisa?
․․․․․
SEBENZISA OKUFUNDILE. BHALA LOKHO OKUFUNDILE MAYELANA . . .
Nokucabangela kukaJesu.
․․․․․
Nendlela ongayilingisa ngayo le mfanelo lapho usebenzelana nabanye.
․․․․․
HLAZIYA ISIGCAWU.—FUNDA UMARKU 8:22-25.
Ucabanga ukuthi yini eyayibonakala futhi izwakala ngaphakathi nangaphandle komuzi?
․․․․․
ZINDLA NGOKUJULILE.
Ucabanga ukuthi kungani uJesu aphumela ngaphandle komuzi nale ndoda ngaphambi kokuba ayiphulukise?
․․․․․
SEBENZISA OKUFUNDILE. BHALA LOKHO OKUFUNDILE MAYELANA . . .
Nendlela uJesu azizwa ngayo ngabakhubazekile—ngisho noma yena ayengakaze akhubazeke.
․․․․․
YIZIPHI IZICI ZALOKHU KULANDISA OKUBILI KWEBHAYIBHELI OZITHOLE ZISHUKUMISA, FUTHI NGANI?
․․․․․