Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w09 9/1 kk. 20-23
  • Kulungile Yini Ukuziphindiselela?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kulungile Yini Ukuziphindiselela?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ububi Bokuziphindiselela
  • Ubuhlungu Obungapheli
  • “Iso Ngeso”
  • Phila Ngokuthula
  • 2 | Ungaziphindiseleli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2022
  • Ingabe Impindiselo Ayilungile?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Kusho Ukuthini Ukuthi “Iso Ngeso”?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • “Qhubeka Unqoba Okubi” Ngokulawula Intukuthelo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
w09 9/1 kk. 20-23

Kulungile Yini Ukuziphindiselela?

ABANYE abantu bakholelwa ekuziphindiseleleni lapho othile ebaphathe kabi. Lokhu kwenziwa ukuthi kungokwemvelo ukucasuka lapho othile esiphatha kabi noma esilimaza ngandlela-thile. Umuzwa esizalwa nawo wokulungile nokungalungile ufuna ukuba kulungiswe noma ikuphi ukungabi nabulungisa. Kodwa umbuzo uwukuthi kufanele kwenziwe kanjani?

Ziningi izimo ezingenza abantu babe nomuzwa wokuthi kuyafaneleka ukuziphindiselela. Ngokwesibonelo, lapho othile ekushaya ngempama, ekusunduza, ekuthuka, ekuhlukumeza emzimbeni noma ekubamba inkunzi, ungase ufune ukuziphindiselela. Uye uzizwe kanjani lapho uphathwa kabi ngandlela-thile? Abaningi namuhla baye bathi: ‘Ngizomfundisa isifundo!’

E-United States, abafundi abaningi bamabanga aphansi, lapho bejeziswe othisha, baye babamangalela ngamacala angamanga okuhlukunyezwa ukuze baziphindiselele. UBrenda Mitchell, ongumongameli weNhlangano Yothisha eNew Orleans uthi, “Okwenzekayo ukuthi lapho nje uthisha esebekwe icala elithile, igama lakhe liyangcola.” Ngisho noma sekuvele ubufakazi bokuthi ubesukelwa, umonakalo ungahlala isikhathi eside.

Emsebenzini, inani elandayo lezisebenzi ezinganelisekile liziphindiselela kubaqashi bazo, futhi lokhu zikwenza ngokonakalisa noma ngokucisha ukwaziswa okubalulekile kuma-computer enkampani. Ezinye zintshontsha izinto zenkampani eziyimfihlo zizithengisele ezinye izinkampani noma ziphisane ngazo. I-New York Times ithi ngaphezu kokutshontsha amafayela athile ama-computer, “ukuntshontsha impahla yenkampani kuseyindlela ehamba phambili yokuziphindiselela.” Ukuze zizivikele, izinkampani eziningi ziye zanquma ukuba kube nonogada ophelezela umuntu oxoshiwe, aye naye edeskini lakhe, amlinde njengoba eqoqa izinto zakhe, abese emkhiphela ngaphandle kwezakhiwo zenkampani.

Nokho, ukuziphindiselela kuvame kakhulu kubantu esisondelene nabo—abangane, esisebenza nabo namalungu omndeni. Ngokuvamile, umuntu angase aziphindiselele lapho ephathwe kabi noma ekhulunyiswe kabi. Uma umngane wakho ekukhahla, ingabe nawe usabela ngendlela efanayo? Uma ilungu lomndeni likucasula ngandlela-thile, ingabe wenza amaqhinga okuziphindiselela? Yeka indlela okulula ngayo ukwenza lokho uma osiphathe kabi engumuntu esisondelene naye!

Ububi Bokuziphindiselela

Ngokuvamile, labo abafuna ukuziphindiselela basuke befuna ukudambisa ubuhlungu bokuphathwa kabi. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lisitshela ukuthi lapho amadodana enzalamizi engumHebheru, uJakobe, ezwa ukuthi uShekemi ongumKhanani udlwengule udadewabo uDina, “ezwa ubuhlungu futhi athukuthela kakhulu.” (Genesise 34:1-7) Ukuze aphindiselele udadewabo, amadodana kaJakobe amabili enza iqhinga lokubulala uShekemi nabendlu yakhe. USimeyoni noLevi bangena emzini waseKhanani babulala wonke umuntu wesilisa owayelapho, kuhlanganise noShekemi.—Genesise 34:13-27.

Ingabe leso senzo sayilungisa indaba? Lapho uJakobe ezwa ngokwakwenziwe amadodana akhe, wawasola, wathi: “Ningilethele isigcwagcwa ngokungenza ngibe iphunga elibi kwabakhileyo baleli zwe, . . . ngokuqinisekile bazobuthana bangihlasele ngibhuqwe, mina nendlu yami.” (Genesise 34:30) Yebo, esikhundleni sokulungisa izinto, isikhuni sabuya nomkhwezeli; umndeni kaJakobe waphoqeleka ukuba uhlalele ovalweni lokuhlaselwa omakhelwane ababewotha ubomvu. Mhlawumbe ukuze kunqandwe okwakungase kwenzeke, uNkulunkulu watshela uJakobe ukuba athuthe umndeni wakhe aye eBethele.—Genesise 35:1, 5.

Izenzakalo ezihlobene nokudlwengulwa kukaDina zigcizelela isifundo esibalulekile. Ngokuvamile, ukuziphindiselela kokhela omunye umlilo futhi akupheli. Yingakho isazi sesiJalimane siyiqiniso: Ukuziphindiselela kuholela kokunye ukuziphindiselela.

Ubuhlungu Obungapheli

Ukuhlale ucabanga ngokujezisa umuntu okuphathe kabi kuyalimaza. Incwadi ethi Forgiveness—How to Make Peace With Your Past and Get On With Your Life ithi: “Uhlala uthukuthele futhi leyo ntukuthelo ikudlela isikhathi namandla ngoba uhlale uphenduphendula izinto ezibuhlungu ezakwehlela, ubathuke enhliziyweni abantu abakuphatha kabi, ucabange nezindlela zokuziphindiselela.” IBhayibheli likuchaza kahle lokhu: “Umhawu ungukubola emathanjeni.”—IzAga 14:30.

Umuntu angajabula kanjani nje uma ehlala etikitana nemizwa engakhi ayivalele ngaphakathi kuye? Omunye umuntu wathi: “Uma ucabanga ukuthi ukuziphindiselela kuzokwenza uzizwe ungcono, buka abantu abebelokhu beziphindiselela iminyaka.”

Cabanga ngalokho obekulokhu kwenzeka emazweni amaningi omhlaba anezinxushunxushu zobuzwe nezenkolo. Ngokuvamile, kuqala ngokubulawa komuntu oyedwa, bese kulandela inqwaba, futhi lokho kunezela enzondweni nasekufeni kwabantu. Ngokwesibonelo, lapho amaphekula ehlasela ngamabhomu futhi kufa intsha engu-18, owesifazane owayesosizini wamemeza, “Kufanele siziphindiselele kayinkulungwane!” Lokhu kuqhubekisela phambili uthuthuva, abantu abaningi bazithole sebengene shi ezingxabanweni.

“Iso Ngeso”

Abanye bacaphuna okushiwo iBhayibheli ukuze bavune umbono wabo wokuziphindiselela. Bathi: “Ingani iBhayibheli lithi ‘iso ngeso, izinyo ngezinyo.’” (Levitikusi 24:20) Uma lo mBhalo uwukha phezulu ungase ucabange ukuthi lo mthetho othi “iso ngeso” ukhuthaza ukuziphindiselela. Eqinisweni, wawuhloselwe ukuqeda noma ukunciphisa izenzo zokuziphindiselela. Kanjani?

Uma umIsrayeli ayeshaya omunye umIsrayeli amkhiphe iso, uMthetho wawuthi makukhishwe isijeziso esinobulungisa. Kodwa kwakungashiyelwa neze kulowo oyisisulu ukuba azilungisele indaba ngokuthi ajezise lowo omshayile noma elinye ilungu lomndeni wakhe. UMthetho wawuthi kumelwe ayise indaba kwabaphethe—abahluleli abamisiwe—ukuze bona balungise indaba ngendlela efanele. Ukwazi ukuthi ukwenza into embi ngamabomu noma ukulimaza omunye kungasho ukujeziswa ngendlela efanayo kwakusiza ekuvimbeleni ukuziphindiselela. Kodwa kwakungagcini lapho.

Ngaphambi kokukhipha umthetho ongenhla, uJehova uNkulunkulu watshela isizwe sakwa-Israyeli esebenzisa uMose: “Ungamzondi umfowenu enhliziyweni yakho. . . . Ungaphindiseli noma [ubambe amagqubu].” (Levitikusi 19:17, 18) Yebo, indaba ‘yeso ngeso, izinyo ngezinyo,’ kufanele ibhekwe ngokomongo waso sonke isivumelwano soMthetho uJesu athi ingqikithi yawo isemithethweni emibili: “Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangayo yonke ingqondo yakho,” nothi “Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.” (Mathewu 22:37-40) AmaKristu eqiniso kufanele asabele kanjani-ke uma ephathwa ngendlela engenabulungisa?

Phila Ngokuthula

IBhayibheli lichaza uJehova ngokuthi “uNkulunkulu wokuthula,” futhi linxusa abakhulekeli bakhe ukuba ‘bafune ukuthula bakuphishekele.’ (Hebheru 13:20; 1 Petru 3:11) Kodwa ingabe iyasebenza ngempela le ndlela?

Phakathi nenkonzo kaJesu yasemhlabeni, izitha zakhe zamthimisela ngamathe, zambhambabula futhi zamshushisa; wakhashelwa umngane wakhe waze wahlamukwa ngisho nangabalandeli bakhe. (Mathewu 26:48-50; 27:27-31) Wasabela kanjani? Umphostoli uPetru wabhala: “Lapho ethukwa, akaphindiselanga ngokuthuka. Lapho ehlupheka, akasongelanga, kodwa waqhubeka ezibeka kulowo owahlulela ngokulunga.”—1 Petru 2:23.

UPetru wachaza: “[UKristu] wahlupheka ngenxa yenu, enishiyela isibonelo sokuba nilandele izinyathelo zakhe eduze.” (1 Petru 2:21) Yebo, amaKristu akhuthazwa ukuba alingise uJesu, kuhlanganise nendlela enza ngayo lapho ephathwa ngendlela engenabulungisa. Ngokuqondene nale ndaba, uJesu ngokwakhe washo lokhu eNtshumayelweni yakhe yaseNtabeni: “Qhubekani nithanda izitha zenu, nithandazela nalabo abanishushisayo; ukuze nizibonakalise ningamadodana kaYihlo osemazulwini.”—Mathewu 5:44, 45.

Labo abanothando olufana nolukaKristu basabela kanjani lapho bephathwa kabi, noma benomuzwa wokuthi baphathwe kabi? EBhayibhelini lesiZulu elivamile, izAga 19:11 zithi: “Ukuhlakanipha komuntu kubambezela intukuthelo yakhe; kuludumo lwakhe ukudlula esiphambekweni.” Balalela nalo myalo: “Ungazivumeli ukuba unqotshwe okubi, kodwa qhubeka unqoba okubi ngokuhle.” (Roma 12:21) Yeka ukuthi lokhu kuhluke kanjani emoyeni wokuziphindiselela ogcwele ezweni namuhla! Uthando lobuKristu lweqiniso lungasisiza ukuba sinqobe umoya wokufuna ukuziphindiselela, ngaleyo ndlela ‘sidlule esiphambekweni’ ngoba uthando “alunamagqubu.”—1 Korinte 13:5.

Ingabe lokhu kusho ukuthi uma siye sagetshengwa noma sasongelwa ngandlela-thile, kufanele sithule singenzi lutho? Lutho neze! Lapho uPawulu ethi, “Qhubeka unqoba okubi ngokuhle,” wayengasho ukuthi umKristu kufanele azenze umfel’ ukholo. Ngokuqinisekile, sinelungelo lokuzivikela lapho sihlaselwa. Uma ugetshengwa noma uphangwa impahla yakho, ungase ukhethe ukubiza amaphoyisa. Uma indaba ihilela othile emsebenzini noma esikoleni, bakhona abantu abanamagunya esingacela kubo usizo.—Roma 13:3, 4.

Noma kunjalo, kuhle ukukhumbula ukuthi ubulungisa bangempela asisoze sabuthola kulesi simiso sezinto. Empeleni, abaningi baye bachitha ukuphila kwabo konke bebufuna, kodwa bagcina bedumele futhi begcwele intukuthelo ngoba izinto ababezilindele azifezekanga.

USathane ufuna ukubona abantu behlukaniswa ukuziphindiselela nenzondo. (1 Johane 3:7, 8) Kungcono kakhulu ukukhumbula la mazwi aseBhayibhelini: “Ningaziphindiseleli, bathandekayo, kodwa qhelelani ulaka; ngoba kulotshiwe ukuthi: ‘Impindiselo ingeyami; ngizobuyisela mina, kusho uJehova.’” (Roma 12:19) Ngokushiyela izinto kuJehova, sizivikela ebuhlungwini obuningi, intukuthelo nezenzo zobudlova.—IzAga 3:3-6.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 22]

“Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangayo yonke ingqondo yakho” futhi “Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena”

[Izithombe ekhasini 23]

Uthando “alunamagqubu.”—1 Korinte 13:5

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela