Umagazini Omusha Ofundwayo We-Nqabayokulinda
LONA umagazini ofundwayo wokuqala we-Nqabayokulinda. Singathanda ukukuchazela izici ezithile zendlela entsha yokuhlelwa kwalo magazini.
Umagazini ofundwayo ubhalelwe oFakazi BakaJehova nezifundo zeBhayibheli ezithuthukayo. Uzophuma kanye ngenyanga futhi uzoba nezihloko ezifundwayo ezine noma ezinhlanu. Isimiso sokufundwa kwalezi zihloko sizoba sesembozweni sikamagazini. Ngokungafani nomagazini womphakathi, umagazini ofundwayo ngeke ube nezithombe ezihlukahlukene esembozweni sikamagazini ngamunye, njengoba ungeke uhanjiswe enkonzweni yasensimini.
Ekhasini lesibili lalo magazini, uzothola ukukhulumela okufingqiwe okuwusizo kwenjongo yesihloko esifundwayo ngasinye noma eziwuchungechunge kanye nohlu lwezihloko eziseceleni. Abaqhubi beSifundo Se-Nqabayokulinda bazosithola siwusizo lesi sici lapho belungiselela ingxoxo ezuzisayo yalezi zihloko emhlanganweni webandla.
Uzophawula ukuthi izihloko ezifundwayo zithe ukuba mfushane kunangaphambili. Ngenxa yalokho, kuzoba nesikhathi esengeziwe sokucabangela imiBhalo eyisihluthulelo phakathi neSifundo Se-Nqabayokulinda. Sikukhuthaza ngomusa ukuba uyibheke yonke imiBhalo ekhonjiwe isonto ngalinye. Eminye imiBhalo ekhonjiwe ibhalwe ukuthi “funda,” ngakho kufanele ifundwe futhi kuxoxwe ngayo eSifundweni Se-Nqabayokulinda. Neminye ingase ifundwe kuye ngesikhathi esikhona. Kwezinye izihloko, ungase uthole imiBhalo ebhalwe ukuthi “qhathanisa.” Njengoba yona ingawafakazeli ngokuqondile amaphuzu ayinhloko asesigabeni, ngokuvamile ngeke ifundwe emhlanganweni webandla. Noma kunjalo, imiBhalo ebhalwe ukuthi “qhathanisa” inokwaziswa okuthasiselayo okuthakazelisayo, noma ingase iwasekele ngandlela-thile amaphuzu okuxoxwa ngawo. Sikukhuthaza ukuba uyifunde lapho ulungiselela iSifundo Se-Nqabayokulinda. Mhlawumbe uyokwazi ukuyikhulumela lapho uphendula.
Umbiko wonyaka ngeke usavela kuyi-Nqabayokulinda. Kusukela ngo-2008, uzovela njengesenezelo kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso nase-Ncwadini Yonyaka. Nokho, njengoba kushiwo ngenhla, umagazini ofundwayo uzoba nazo izihloko eziseceleni. Nakuba eziningi zazo kungeke kuxoxwe ngazo emhlanganweni webandla, ukhuthazwa ukuba uzifundisise. Nazo ziqukethe ukudla okungokomoya okuvela ‘encekwini ethembekileyo neqondayo.’—Math. 24:45-47.
Okokugcina, umagazini ofundwayo nowomphakathi ababona omagazini abahlukene. Bobabili bayi-Nqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova. Ekhasini lesibili kunesigaba esifanayo esichaza injongo ye-Nqabayokulinda. Bobabili bayohlanganiswa emqulwini wesiNgisi waminyaka yonke. Ukwaziswa okukubo bobabili kuyotholakala esihlokweni esithi “Ingabe Uyakhumbula?” esizonyatheliswa kumagazini ofundwayo.
Kusukela ngo-1879, ezikhathini zezimpi, ebunzimeni bezomnotho naphakathi noshushiso, INqabayokulinda iye yawamemezela ngokwethembeka amaqiniso aphathelene noMbuso kaNkulunkulu. Sithandazela isibusiso sikaJehova ukuba iqhubeke yenza okufanayo nasohlelweni lwayo olusha. Sithandazela nokuba uJehova akubusise nawe mfundi, njengoba uwusebenzisa ngokunenzuzo umagazini ofundwayo we-Nqabayokulinda.