Izinguquko Ezithakazelisayo Kuyi-Nqabayokulinda!
1 Ekuqaleni kwalo nyaka, amabandla athola isaziso esijabulisayo: Kusukela ngo-January 2008, INqabayokulinda izoba omagazini ababili abangafani, omunye uzoba owomphakathi omunye ube owamaKristu! Mhlawumbe ubulokhu uzibuza: ‘Uzoba kuphi umahluko kulab’ omagazini ababili? Kunaziphi izinzuzo ukuba nomagazini ababili abangafani? Zikhona yini izici ezintsha esingazilindela?’
2 Indlela Abazohluka Ngayo: Umagazini wokuqala enyangeni uzobizwa ngokuthi uMagazini Womphakathi. Zonke izihloko zalo magazini zizobe zilungiselelwe umphakathi. Umagazini womhla ka-15 uzobizwa ngokuthi uMagazini Ofundwayo futhi ngeke uhanjiswe enkonzweni yasensimini. Uzoba nazo zonke izihloko ezifundwayo zenyanga eyodwa kanye nezinye eziseceleni ezingase zithakazelise ngokukhethekile amaKristu azinikezele. UMagazini Womphakathi ngeke ukhange oFakazi kuphela, kodwa uzokhanga ngokukhethekile abantu abangebona oFakazi okungenzeka ukuthi bayalihlonipha iBhayibheli. Ngakolunye uhlangothi, i-Phaphama! izoqhubeka izama ukufinyelela abantu abahlukahlukene kakhulu, kuhlanganise nalabo abangalamukeli iBhayibheli nabezinkolo ezingezona ezobuKristu.
3 Izinzuzo: KuMagazini Ofundwayo, ngeke kusadingeka ukuba kuchazwe amagama anjengelithi “iphayona” ngezindlela ezizoqondwa abantu abangebona oFakazi. Lo magazini ungaba nanokwaziswa okubalulekile okulungiselelwe ngokukhethekile oFakazi BakaJehova nezifundo zeBhayibheli ezithuthukayo ngokomoya. Kuthiwani ngoMagazini Womphakathi? Njengoba izindaba nendlela yokubhala kuzobe kuhlelelwe umphakathi, umuntu ongeyena uFakazi uzokujabulela ukuwufunda wonke lo magazini. Yebo, bonke oFakazi BakaJehova bazozuza ngokufunda umagazini ngamunye. Ngenxa yokuthi sizohambisa INqabayokulinda eyodwa ne-Phaphama! eyodwa enkonzweni yasensimini inyanga ngayinye, sizoba nenyanga yonke yokwakha izintshumayelo eziphumelelayo.
4 Izici Ezintsha: KuMagazini Womphakathi kuhlelwe izici ezithile ezintsha ezithakazelisayo. Esinye sizoxoxa ngezimfundiso ezingokomBhalo eziyisisekelo ngendlela elula. Esinye sizobonisa indlela iBhayibheli elingasiza ngayo imikhaya. Intsha izohlelelwa imisetshenzana ethile esiza ekutadisheni iBhayibheli. Umagazini ngamunye uzoba nesihloko esigxile ezindimeni zeBhayibheli ezithile ezisifundisa ngobuntu bukaJehova.
5 Sithandazela ukuba uJehova alibusise leli lungiselelo elisha le-Nqabayokulinda. Kwangathi lo magazini kanye ne-Phaphama!, ungafinyelela abafanelekayo abaningi ngokwengeziwe ngezindaba ezinhle.—Math. 10:11.