Vumela IZwi LikaNkulunkulu Liqondise Izinyathelo Zakho
“Izwi lakho liyisibani onyaweni lwami, nokukhanya endleleni yami.”—IHUBO 119:105.
1, 2. Kungani abantu abaningi bengaphumelelanga ukuthola ukuthula nenjabulo yeqiniso?
KWAKE kwadingeka yini ukuba ucele othile ukuba akuyalele indlela? Mhlawumbe wawususondele endaweni oya kuyo kodwa ungaqiniseki ngamajika ambalwa okugcina. Noma kungenzeka wawulahleke impela futhi kwadingeka ukuba ujike uyothatha omunye umgwaqo. Kunoma ikuphi, kwakungeke yini kube ukuhlakanipha ukulandela isiqondiso somuntu oyaziyo leyo ndawo? Umuntu onjalo wayengakusiza ukuba ufike lapho uya khona.
2 Sekuyizinkulungwane zeminyaka isintu sisonke sizama ukuziqondisa ekuphileni ngaphandle kosizo lukaNkulunkulu. Nokho, ngaphandle kwakhe, abantu abangaphelele ngeke baphumelele. Abanakukwazi nje ukuthola indlela yokufinyelela ukuthula nenjabulo yeqiniso. Kungani bengenakuyithola? Eminyakeni engaphezu kwengu-2 500 edlule, umprofethi uJeremiya wathi: “Akukona okomuntu ohambayo ngisho nokuqondisa isinyathelo sakhe.” (Jeremiya 10:23) Noma ubani ozama ukuqondisa isinyathelo sakhe ngaphandle kokwamukela usizo kumuntu ofanelekayo ugcina ngokukhungatheka. Ngempela, isintu sidinga isiqondiso!
3. Kungani uJehova uNkulunkulu ekufanelekela ngaphezu kwanoma ubani ukunikeza isintu isiqondiso, futhi yini asithembisa yona?
3 UJehova uNkulunkulu ukufanelekela ngaphezu kwanoma ubani ukunikeza leso siqondiso. Ngani? Ngoba ukuqonda ngaphezu kwanoma ubani ukwakheka kwabantu. Wazi kahle nokuthi uhlanga lwesintu lwaphambukiswa kanjani lwase luduka. Wazi nokuthi kudingekani ukuze lubuyele endleleni efanele. Ngaphezu kwalokho, njengoMdali, uJehova ngaso sonke isikhathi uyakwazi okuyosizuzisa. (Isaya 48:17) Ngakho, singathembela ngokugcwele esithembisweni sakhe esilotshwe kumaHubo 32:8: “Ngizokwenza ube nokuqondisisa ngikufundise indlela okufanele uhambe ngayo. Ngiyonika iseluleko iso lami likubhekile.” Akungatshazwa: UJehova unikeza isiqondiso esingcono kakhulu. Kodwa usiqondisa kanjani nje nempela?
4, 5. Amazwi kaNkulunkulu angasiqondisa kanjani?
4 Ethandaza kuJehova, umhubi wathi: “Izwi lakho liyisibani onyaweni lwami, nokukhanya endleleni yami.” (IHubo 119:105) Amazwi nezikhumbuzo zikaNkulunkulu zitholakala eBhayibhelini, futhi zingasisiza ukuba sinqobe izithiyo esingase sihlangabezane nazo endleleni yethu. Ngempela, lapho sifunda iBhayibheli futhi silivumela ukuba lisiqondise, sizizwela ngokwethu lokho okuchazwe ku-Isaya 30:21: “Izindlebe zakho ziyozwa izwi ngemva kwakho lithi: ‘Nansi indlela. Hambani ngayo.’”
5 Nokho, phawula ukuthi iHubo 119:105 likhuluma ngemisebenzi emibili ehlobene eyenziwa iZwi likaNkulunkulu. Okokuqala linjengesibani onyaweni lwethu. Lapho sibhekene nezinselele zokuphila kwansuku zonke, izinyathelo zethu kufanele ziqondiswe izimiso ezitholakala eBhayibhelini ukuze senze izinqumo ezihlakaniphile futhi sigweme izingibe nezihibe zaleli zwe. Okwesibili, izikhumbuzo zikaNkulunkulu zikhanyisa indlela yethu, zisisize ukuba senze izinqumo ezihlakaniphile ezivumelana nethemba lethu lokuphila okuphakade ePharadesi elithenjiswe uNkulunkulu. Uma kunokukhanya okwanele endleleni yethu, siyokwazi ukubona imiphumela—emihle noma emibi—yenkambo ethile. (Roma 14:21; 1 Thimothewu 6:9; IsAmbulo 22:12) Ake sidingide kabanzi indlela amazwi kaNkulunkulu atholakala eBhayibhelini angaba ngayo isibani onyaweni lwethu nokukhanya endleleni yethu.
“Isibani Onyaweni Lwami”
6. Amazwi kaNkulunkulu angaba isibani onyaweni lwethu ngaphansi kwaziphi izimo?
6 Nsuku zonke senza izinqumo. Ezinye zingase zibonakale zizincane uma ziqhathaniswa nezinye, kodwa ngezinye izikhathi singase sibhekane nesimo esivivinya ukuziphatha, ukwethembeka noma ukuma kwethu kokungathathi-hlangothi. Ukuze sibhekane ngokuphumelelayo nokulingwa okunjalo, kumelwe ‘amandla ethu okuqonda abe aqeqeshelwe ukuhlukanisa kokubili okulungile nokungalungile.’ (Hebheru 5:14) Lapho sizuza ulwazi olunembile lweZwi likaNkulunkulu, sihlakulele ukuqonda izimiso zalo, unembeza wethu uyaqeqesheka kangangokuthi siyokwenza izinqumo ezithokozisa uJehova.—IzAga 3:21.
7. Chaza isimo esingase senze umKristu athambekele ekuzihlanganiseni nabantu asebenza nabo abangakholwa.
7 Cabanga ngalesi sibonelo. Ingabe ungumuntu omdala ozama ngobuqotho ukujabulisa inhliziyo kaJehova? (IzAga 27:11) Uma kunjalo, kuyancomeka lokho okwenzayo. Kodwa zinike umzuzwana ucabange ngesimo lapho abanye babantu osebenza nabo befuna ukukunika ithikithi lokuya nabo emdlalweni othile. Bayabuthokozela ubungane bakho emsebenzini futhi bangathanda ukuba nesikhathi sokuzijabulisa nawe kwenye indawo ningekho emsebenzini. Kungenzeka unomuzwa oqinile wokuthi laba bantu abababi neze. Mhlawumbe nje baze bananezimfanelo ezithile ezinhle. Uyokwenzenjani? Ikhona yini ingozi ethile engase ibe khona ngokuvuma ukuhamba nabo? IZwi likaNkulunkulu lingakusiza kanjani ukuba wenze isinqumo esihle kule ndaba?
8. Iziphi izimiso zemiBhalo ezisisiza ukuba sicabangisise ngendaba yokuzihlanganisa nabanye abantu?
8 Cabangela izimiso ezimbalwa zemiBhalo. Esokuqala esingase sifike engqondweni yakho sitholakala kweyoku-1 Korinte 15:33, ethi: “Ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba emihle.” Ingabe ukunamathela kulesi simiso kusho ukuthi kufanele ubagweme ngokuphelele abantu abangakholwa? Impendulo yemiBhalo kulowo mbuzo ingucha. Ingani umphostoli uPawulu uqobo wabacabangela ngothando ‘abantu bazo zonke izinhlobo,’ kuhlanganise nabangakholwa. (1 Korinte 9:22) Bona kanye ubuKristu bufuna ukuba sibonise isithakazelo kwabanye abantu—kuhlanganise nalabo abanezinkolelo ezingafani nezethu. (Roma 10:13-15) Ngempela, singakwazi kanjani ukusebenzisa iseluleko ‘sokwenza okuhle kubo bonke’ uma sizihlukanisa nabantu abangase badinge usizo lwethu?—Galathiya 6:10.
9. Isiphi iseluleko seBhayibheli esisisiza ukuba sibe abalinganiselayo ebuhlotsheni bethu nesisebenza nabo?
9 Nokho, kunomahluko ocacile phakathi kokuba nobungane nomuntu osebenza naye nokuba umngane walowo muntu. Singena lapha-ke esinye isimiso semiBhalo. Umphostoli uPawulu waxwayisa amaKristu: “Ningaboshelwa ejokeni nabangakholwa.” (2 Korinte 6:14) Isho ukuthini inkulumo ethi “ningaboshelwa ejokeni”? Ezinye izinguqulo zeBhayibheli zihumusha le nkulumo ngokuthi “ningabi umshungu,” “ningazami ukusebenzelana njengontanga,” noma ngokuthi “yekani ukwakha ubuhlobo obungafanele.” Kunini lapho ubuhlobo nomuntu osebenza naye buba khona obungafanele? Buqala nini ukuba ukuboshelwa okungafanele? IZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, lingasiqondisa isinyathelo sakho kulesi simo.
10. (a) UJesu wayebakhetha kanjani abangane? (b) Imiphi imibuzo engasiza umuntu ukuba enze izinqumo ezinhle ngabangane?
10 Cabanga ngesibonelo sikaJesu owayebathanda abantu kwasekudalweni kwabo. (IzAga 8:31) Ngesikhathi esemhlabeni, wakha ubungane nabalandeli bakhe. (Johane 13:1) Waze ‘wazizwa ethanda’ insizwa ethile eyayingaluqondi ngokufanele ukholo. (Marku 10:17-22) Kodwa uJesu wayenanemingcele ecacile mayelana nokuthi hlobo luni lwabantu ayebenza abangane. Akazange akhe ubuhlobo obuseduze nabantu ababengenasithakazelo esiqotho sokwenza intando kaYise. Ngesinye isikhathi, uJesu wathi: “Ningabangane bami uma nenza lokho enginiyala ngakho.” (Johane 15:14) Yiqiniso, ungase usebenzisane kahle nomuntu othile emsebenzini. Kodwa zibuze: ‘Ingabe lo muntu uzimisele ukwenza lokho okuyalwa uJesu? Ingabe uyafuna ukufunda ngoJehova, lowo uJesu athi masimkhulekele? Ingabe unezindinganiso zokuziphatha ezifanayo nalezo engiphila ngazo njengomKristu?’ (Mathewu 4:10) Njengoba uxoxa nabantu osebenza nabo futhi ugcizelela ukubaluleka kokusebenzisa izindinganiso zeBhayibheli, izimpendulo zale mibuzo ziyoba sobala.
11. Yisho izimo amazwi kaNkulunkulu okufanele aqondise kuzo izinyathelo zethu.
11 Kunezinye izimo eziningi amazwi kaNkulunkulu angaba kuzo njengesibani onyaweni lwethu. Ngokwesibonelo, umKristu ongasebenzi angase athenjiswe umsebenzi, okuyinto ayifuna ngabomvu. Nokho, lo msebenzi uzodla isikhathi sakhe esiningi, futhi uma ewuthatha, ngeke abe khona emihlanganweni eminingana yobuKristu futhi uyophutha nakweminye imisebenzi ehlobene nokukhulekela kweqiniso. (IHubo 37:25) Omunye umKristu kungenzeka isilingo sakhe esikhulu esokubukela ukuzijabulisa okuzephula ngokucacile izimiso zeBhayibheli. (Efesu 4:17-19) Kanti kungenzeka omunye uthambekele ekucasulweni kalula ukungapheleli kwamanye amaKristu. (Kolose 3:13) Kuzo zonke lezi zimo, kufanele sivumele iZwi likaNkulunkulu libe isibani onyaweni lwethu. Ngempela, ngokulandela izimiso zeBhayibheli, singabhekana ngokuphumelelayo nanoma iyiphi inselele ekuphileni. IZwi likaNkulunkulu “[linenzuzo] yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto, yokuyala ekulungeni.”—2 Thimothewu 3:16.
‘Ukukhanya Endleleni Yami’
12. Amazwi kaNkulunkulu awukukhanya endleleni yethu ngayiphi indlela?
12 IHubo 119:105 libuye lithi amazwi kaNkulunkulu angakhanyisa indlela esisazoyihamba. Asikho ebumnyameni ngokuphathelene nekusasa, ngoba iBhayibheli lichaza okushiwo izimo zezwe ezicindezelayo nokuthi ziyophetha kanjani. Yebo, siyaqaphela ukuthi siphila “ezinsukwini zokugcina” zalesi simiso sezinto esibi. (2 Thimothewu 3:1-5) Ukwazi ukuthi silindelwe yini ngaphambili kufanele kube nethonya elinamandla endleleni esiphila ngayo manje. Umphostoli uPetru wabhala: “Njengoba zonke lezi zinto ziyoncibilika kanjalo, yeka ukuthi luhlobo luni lwabantu okufanele nibe yilo ezenzweni zokuziphatha ezingcwele nasezenzweni zokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu, nilindele futhi nikukhumbula njalo ukufika kosuku lukaJehova!”—2 Petru 3:11, 12.
13. Ukuphuthuma kwezikhathi zethu kufanele kukuthinte kanjani ukucabanga nendlela yethu yokuphila?
13 Ukucabanga nendlela yethu yokuphila kufanele kubonise ukuthi sikholelwa ngokuqinile ukuthi “izwe liyadlula, kanjalo nesifiso salo.” (1 Johane 2:17) Ukusebenzisa iziqondiso zeBhayibheli kuyosisiza ukuba senze izinqumo ezihlakaniphile ngokuphathelene nemigomo yethu yakusasa. Ngokwesibonelo, uJesu wathi: “Ngakho, qhubekani nifuna kuqala umbuso nokulunga kwakhe, khona-ke zonke lezi ezinye izinto niyozenezelelwa.” (Mathewu 6:33) Yeka ukuthi kuyinto enhle kanjani ukubona intsha eningi ibonisa ukholo emazwini kaJesu ngokuphishekela inkonzo yesikhathi esigcwele! Abanye—kuhlanganise nemikhaya yonke—baye bathuthela ngokuzithandela emazweni anesidingo esiphuthumayo sabamemezeli boMbuso.
14. Omunye umkhaya wamaKristu wayandisa kanjani inkonzo yawo?
14 Cabanga ngomunye umkhaya wamaKristu onamalungu amane owathuthela eDominican Republic usuka e-United States uyokhonza nebandla elithile elisedolobheni elinabantu abangu-50 000. Leli bandla linabamemezeli abangaba ngu-130. Nokho, ngo-April 12, 2006, kwaba nabantu abangaba ngu-1 300 eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu! Insimu kuleyo ndawo ‘imhlophe ilungele ukuvunwa’ kangangokuthi ngemva kwezinyanga ezinhlanu nje kuphela, lo baba, umama, indodana nendodakazi base beqhuba ingqikithi yezifundo zeBhayibheli ezingu-30. (Johane 4:35) Ubaba uyachaza: “Ibandla linabafowethu nodadewethu abangu-30 abathuthela lapha ukuze bazosiza. Abangaba ngu-20 bavela e-United States, kanti abanye bavela eziqhingini zaseBahamas, eCanada, e-Italy, eNew Zealand naseSpain. Bafika bemagange ukuzoshumayela futhi baye baba nethonya elikhulu entshisekweni yabazalwane bendawo.”
15. Iziphi izibusiso oye wazijabulela ngenxa yokubeka izithakazelo zoMbuso kuqala ekuphileni kwakho?
15 Kuyaqondakala ukuthi izimo zabaningi zingase zingabavumeli ukuba bathuthele kwelinye izwe bayokhonza lapho kunendingeko enkulu khona. Kodwa labo izimo zabo ezibavumelayo—noma abangase bakwazi ukuhlela izimo zabo ukuba bazenze batholakale—ngokuqinisekile bayozitholela izibusiso ezingenakubalwa ngokuhlanganyela kulesi sici senkonzo. Futhi kungakhathaliseki ukuthi ukhonzaphi, ungalokothi uphuthelwe injabulo ongayithola ngokukhonza uJehova ngamandla akho onke. Uma ubeka izithakazelo zoMbuso kuqala ekuphileni kwakho, uJehova uthembisa ‘ukuthululela phezu kwakho isibusiso kuze kungabikho ukuswela.’—Malaki 3:10.
Ukuzuza Esiqondisweni SikaJehova
16. Siyozuza kanjani ngokuvumela amazwi kaNkulunkulu ukuba asiqondise?
16 Njengoba sibonile, amazwi kaJehova asiqondisa ngezindlela ezimbili ezihlobene. Anjengesibani onyaweni lwethu, asisiza ukuba siqhubekele phambili endleleni efanele futhi ayasiqondisa lapho kudingeka senze izinqumo. Akhanyisa indlela yethu, enze sibone ngokucacile ukuthi kukhonani ngaphambili. Lokho kube sekusisiza ukuba silalele iseluleko sikaPetru: “Bhukulani izingqondo zenu ngenjongo yokusebenza, hlalani nisanguluké ngokuphelele; bekani ithemba lenu emseni ongafanelwe oyolethwa kini ekwambulweni kukaJesu Kristu.”—1 Petru 1:13.
17. Ukutadisha iBhayibheli kuyosisiza kanjani ukuba silandele isiqondiso sikaNkulunkulu?
17 Akungabazeki ukuthi uJehova usinikeza isiqondiso. Umbuzo uwukuthi, Uyozithoba yini kuso? Ukuze uqonde isiqondiso uJehova asinikezayo, zimisele ukufunda ingxenye ethile yeBhayibheli nsuku zonke. Zindla ngalokho okufundayo, zama ukubona ukuthi iyini intando kaJehova esimweni ngasinye futhi ucabange ngezindlela ezihlukahlukene indaba engase isebenze ngazo ekuphileni kwakho. (1Thimothewu 4:15) Yibe ususebenzisa ‘amandla akho okucabanga’ lapho wenza izinqumo zomuntu siqu.—Roma 12:1.
18. Iziphi izibusiso esizitholayo lapho sivumela iZwi likaNkulunkulu ukuba lisiqondise?
18 Uma sizivumela, izimiso ezitholakala eZwini likaNkulunkulu ziyosikhanyisela futhi zisinikeze isiqondiso esisidingayo lapho sinquma ukuthi iyiphi inkambo okufanele siyilandele. Singaqiniseka ukuthi amazwi kaJehova alotshiwe ‘ahlakaniphisa ongenalwazi.’ (IHubo 19:7) Lapho sivumela iBhayibheli ukuba lisiqondise, sibusiswa ngonembeza ohlanzekile nokwaneliseka okulethwa ukuthokozisa uJehova. (1 Thimothewu 1:18, 19) Uma sivumela amazwi kaNkulunkulu ukuba aqondise izinyathelo zethu usuku ngalunye, uJehova uyosivuza ngesibusiso esikhulu kunazo zonke sokuphila okuphakade.—Johane 17:3.
Uyakhumbula?
• Kungani kubalulekile ukuvumela uJehova uNkulunkulu aqondise izinyathelo zethu?
• Amazwi kaNkulunkulu angaba isibani onyaweni lwethu ngayiphi indlela?
• Amazwi kaNkulunkulu angaba kanjani ukukhanya endleleni yethu?
• Ukutadisha iBhayibheli kungasisiza kanjani ukuba silandele isiqondiso sikaNkulunkulu?
[Isithombe ekhasini 15]
Kunini lapho ukuzihlanganisa nomuntu ongakholwa kuba khona okungahlakaniphile?
[Isithombe ekhasini 16]
Abangane bakaJesu kwakuyilabo abenza intando kaJehova
[Izithombe ekhasini 17]
Ingabe indlela yethu yokuphila ibonisa ukuthi sibeka izithakazelo zoMbuso kuqala?