Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w85 6/15 kk. 13-18
  • Ukuzondla Ngokugcwaliseka Kwamazwi KaJehova

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuzondla Ngokugcwaliseka Kwamazwi KaJehova
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amazwi KaJehova
  • “Akusinkwa Sodwa”
  • Ukondliwa Ngamazwi KaJehova
  • Ukuphila Namuhla Ngamazwi KaJehova
  • Ukulindela Iziyalo Ezengeziwe
  • Vumela IZwi LikaNkulunkulu Liqondise Izinyathelo Zakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Ingabe Unayo Imigomo Enengqondo?
    I-Phaphama!—2011
  • Izwi LikaJehova Akwenzeki Lingagcwaliseki
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Incwadi YeBhayibheli Yesi-5—UDuteronomi
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
w85 6/15 kk. 13-18

Ukuzondla Ngokugcwaliseka Kwamazwi KaJehova

“Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.”—MATHEWU 4:4.

1. Kungayiphi indlela uJehova enguMniki Kudla Omkhulu, kodwa yini uJesu ayisho ngezidingo zomuntu?

UJEHOVA unguMniki Kudla Omkhulu. Wazibonakalisa engonjalo kumuntu esahlukweni sokuqala ngqá seBhayibheli. (Genesise 1:29, 30) Kamuva, umhubi uDavide ngenjabulo wathi kuJehova: “Amehlo abo bonke alinda wena; uyabanika ukudla ngesikhathi esiyiso. Uyavula isandla sakho, usuthise ukufisa kwakho konke okuphilayo.” (IHubo 145:15, 16) Yebo, uJehova uye walungiselela inala yokudla kwakho kokubili umuntu nesilwane. Nokho kukhona umehluko. Njengoba izilwane zifuna ukudla okungokwenyama kuphela, uJesu wabonisa ukuthi umuntu udinga okungaphezu kwesinkwa esingokwenyama, noma ukudla. Kumelwe ‘aphile nangamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.’—Mathewu 4:4.

2. Yini okumelwe siyazi ngokuphathelene nokushiwo amazwi kaJesu kuMathewu 4:4?

2 UJesu washo lamazwi ephendula uSathane, owayezame ukumlinga ukuba aphendule amatshe abe izinkwa ngomlingo. UDeveli akazange akugcizelele lokhu kodwa ngokushesha waqhubekela kwesinye isilingo. Ngokwendlela eyiphutha asebenzisa ngayo iHubo 91:11, 12, kungenzeka uSathane akazange aqonde ngisho nokuthi uJesu wayesho ukuthini empendulweni yaKhe esilingweni sokuqala. (Mathewu 4:3-7) Kodwa thina zinceku zikaJehova sinesithakazelo esikhulu, kulokhu uJesu akusho. Thina esijabulela ukujula eBhayibhelini ukuze sithole inzuzo engokomoya enkulu ngangokunokwenzeka singabuza: Ingabe uJesu wayesho ukuthi ukuze aphile impilo egcwele, umuntu kumelwe atadishe futhi mhlawumbe asho ngekhanda “onke amazwi aphuma emlonyeni kaNkulunkulu”? Noma ingabe wayesho ukuthini?

Amazwi KaJehova

3, 4. Iyiphi incazelo ekabili amagama esiGreki nesiHeberu asho “izwi” anayo? Bonisa.

3 Ekuxosheni uSathane, uJesu wacaphuna uDuteronomi 8:3 ngokwendlela iSeptuagint yesiGreki ehumushe ngayo lombhalo wesiHeberu. Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “amazwi (rheʹma) lisho izinto ezimbili. Ngezinye izikhathi lihunyushwa ngokuthi “izwi,” “inkulumo,” noma “okushiwoyo.” Kodwa ngokufanayo negama lesiHeberu elifana nalo (da·varʹ), lingabuye lisho “into.”

4 KuLuka 1:37 siyafunda: “Ngokuba akukho-lutho [rheʹma] olungenzeke kuNkulunkulu.” ULuka 2:15 ufundeka kanje: “abelusi bakhuluma bodwa, bathi: Asihambe manje, size sifike eBetlehema, sibone leyonto [rheʹma] eyenzekileyo iNkosi esazisile yona.” Ngakho, ikakhulukazi njengoba lisetshenziswe ngokuphathelene noJehova, leligama lesiGreki lingase lisho “izwi,” “isimemezelo,” noma “okushiwo” uNkulunkulu. Noma kungasho “into,” kungakhathaliseki noma lokho kubhekisele “esenzakalweni,” noma “esinyathelweni” esichazwayo, umphumela walokho okushiwo, izwi eligcwalisekile.

5. Usho ukuthini uLuka 1:37?

5 Uma siqonda ngaleyondlela, uLuka 1:37 akachazi ukuthi uNkulunkulu angasho noma yini nje. Kungaba njalo ngomuntu, ngisho noma akushilo kungenakwenzeka noma kuyimbudane. Kodwa ngokuphathelene nalokho okushiwo uNkulunkulu, okuboniswa kuLuka 1:37 ukuthi alikho izwi noma isimemezelo sikaJehova esingahlala singagcwaliseki. Ngakho isimemezelo esenziwa ingelosi kuMariya kwakumelwe sigcwaliseke. Umqondo ovezwa amagama esiHeberu nesiGreki asetshenziswe ‘njengezwi,’ “okushiwoyo,” “inkulumo,” noma “isimemezelo” sikaJehova uvezwe kahle encwadini kaIsaya. UJehova uthi: “Ngokuba njengokwehla kwemvula neqhwa ezulwini, kungabuyeli khona, kepha kuwunethisa umhlaba, kuwenze ukuba uthele, uhlume, unike ohlwanyelayo inhlwanyelo nodlayo isinkwa, liyakuba-njalo izwi lami [ngesiHeberu, da·varʹ; ngesiGreki, rheʹma] eliphuma emlonyeni wami: aliyikubuyela-ze kimi lingakafezi lokhu engikufunayo, liphumelele kulokhu engilithumele kukho.”—Isaya 55:10, 11.

“Akusinkwa Sodwa”

6, 7. Wawuyini umongo ongokomlando nangokomumo womhlaba kaDuteronomi 8:2, 3?

6 Manje, uma sibuyela ephuzwini, wayesho ukuthini uJesu lapho ecaphuna uDuteronomi 8:3, uma ethi “akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu”? (Mathewu 4:4) Ingabe wayesho ukuthi umuntu okholwayo wondliwa kuphela okushiwoyo, amazwi, noma izimemezelo? Ingabe ulwazi nje lwamazwi anjalo aphezulu luyobe lwanele? Ake sihlole umongo ongokomlando wamazwi uJesu awucaphuna kuDuteronomi.

7 Incwadi yokutadisha iBhayibheli ethi “All Scripture Is Inspired of God and Beneficial” iyasazisa, ekhasini 36: “Incwadi kaDuteronomi iqukethe isigijimi esinamandla ngabantu bakaJehova. Ngemva kokuzula ehlane iminyaka engamashumi amane, abantwana bakwaIsrayeli manje bama emasangweni eZwe Lesithembiso.” Kwakungonyaka ka-1473 B.C.E. Kuyiphi indawo? Emathafeni akwaMowabi. Enkulumweni yakhe yesibili kumaIsrayeli ayehlangene, uMose wathi: “Woyikhumbula yonke indlela uJehova uNkulunkulu wakho akuholile ngayo leminyaka engamashumi amane ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, azi okusenhliziyweni yakho, uma ubuyakuyigcina imiyalo yakhe noma qha. Wakuthobisa-ke, wakulambisa, wakupha ukuba udle imana obungalazi, bebengalazi futhi oyihlo, ukuba akwazise ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa; kepha ngakho konke okuphuma emlonyeni kaJehova, yikho umuntu aphila ngakho.”—Duteronomi 8:2, 3.

8. Sasiyini isimo samaIsrayeli, futhi kungani uJehova avumela lokhu?

8 Ake ucabange! AmaIsrayeli ayizigidi eziningi—abadala nabancane, amadoda abesifazane, nezingane—ayehamba yonke iminyaka engama-40 “ehlane elikhulu nelesabekayo elinezinyoka ezinesihlungu nawofezela nomhlabathi owomileyo, lapho kwakungekho-manzi khona.” (Duteronomi 8:15) Badinga amanzi okuphuza nokudla ukuze badle. Ngezinye izikhathi, uJehova wayebavumela ukuba bome futhi balambe. Ngani? Ukuze agcizelele ezingqondweni zabo ukuthi “akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.”

9. Izidingo zamaIsrayeli zagcwaliswa kanjani ngamazwi kaJehova?

9 Izidingo zamaIsrayeli zazihlangene ngani nenkulumo, noma okwakushiwo, noma amazwi, aphuma emlonyeni kaJehova? Nokho iziphi izinto ezibonakalayo ezagcwaliseka phakathi kwamaIsrayeli njengomphumela wamazwi kaJehova? UMose waloba: “Izingubo zakho azikugugelanga, nonyawo lwakho aluvuvukalanga, leminyaka engamashumi amane. . . . [UJehova] wakuvezela amanzi edwaleni lensengetsha; wakupha imana ehlane.” (Duteronomi 8:4, 15, 16) Kukho lokhu kuhlangana: AmaIsrayeli ayengeke athole lutho lwalezinto ukuba uJehova akazange ayale ukuba zenzeke. Ngakho, amaIsrayeli aphila ngokoqobo “ngamazwi onke [noma, umyalo] aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.”

Ukondliwa Ngamazwi KaJehova

10, 11. Kungaziphi ezinye izindlela amaIsrayeli asekelwa ngazo amazwi kaJehova?

10 Ngaphandle kokuthembela kuJehova ngezinzuzo ezibonakalayo njengokudla, amanzi, nezambatho, kungayiphi enye indlela amaIsrayeli akwazi ukondliwa ngayo amazwi kaJehova? Kwakunezinzuzo ezingokomoya futhi. UMose watshela amaIsrayeli ukuthi uJehova wayebangele ukuba ahlangabezane nalezinto ogwadule ‘ukuba awathobise, awavivinye, azi okusenhliziyweni yawo, ukuthi ayezoyigcina imiyalo yakhe noma qha.’ Wanezela: “Wokwazi enhliziyweni yakho ukuthi njengalokhu umuntu elaya indodana yakhe, kanjalo uJehova uNkulunkulu wakho uyakulaya wena, . . . ukuba . . . akwenzele okuhle ngasekugcineni.”—Duteronomi 8:2, 5, 16.

11 Yebo, ukuba amaIsrayeli ayekusebenzise ngokugcwele okuhlangenwe nakho kwawo ehlane, ngabe afunda ‘ukuphila ngakho konke okuphuma emlonyeni kaJehova,’ hhayi ngokufunda imiyalo yakhe elotshiwe kuphela kodwa eqinisweni ngokubona imiphumela yamazwi kaJehova ekuphileni kwawo njengesizwe kanye nasekuphileni kwawo ngamanye. Ayenikwe ithuba elanele ‘lokuzwa abone ukuthi uJehova muhle.’ (IHubo 34:8) Lokhu okuhlangenwe nakho okucebisayo ngokuphathelene namazwi kaJehova—kokubili akhulunyiwe nagcwalisekile—kumelwe ukuba awondla ngokomoya.

12, 13. UJoshuwa wazijwayelanisa kanjani namazwi kaJehova, futhi yini ayifakazela?

12 UJoshuwa, owalandela uMose njengomholi kaIsrayeli, wazazisa amazwi kaJehova ngokugcwalisa ingqondo yakhe ngawo. Ukholo lwakhe lwaqiniswa ngokubona ukugcwaliseka kwawo. Ngemva kokufa kukaMose, uJehova wakhuluma lamazwi kuJoshuwa: “Lencwadi yomthetho mayingasuki emlonyeni wakho, kepha wozindla ngayo imini nobusuku ukuba uqaphele ukwenza njengakho konke okulotshwe kuyo, ngokuba lapho uyakuhlahlamelisa indlela yakho, uphumelele kahle.”—Joshuwa 1:8.

13 Esesondela ekufeni kwakhe, ngemva kokulalela ngokwethembeka izwi likaJehova futhi wabona ukugcwaliseka kwalo kubantu bakaJehova, uJoshuwa wayengafakaza: “UJehova wamnika-ke uIsrayeli lonke izwe afunga ukubanika lona oyise, balidla, bakha kulo. UJehova wabanika ukuphumula nxazonke njengakho konke ayekufungile koyise; kwakungekho-muntu kuzo zonke izitha zabo owema phambi kwabo; uJehova wanikela zonke izitha zabo esandleni sabo. Akuphuthanga-lutho [ngesiHeberu, da·varʹ; ngesiGreki, rheʹma] kukho konke okuhle uJehova akukhuluma kuyo indlu kaIsrayeli; kwenziwa konke.” (Joshuwa 21:43-45) UJoshuwa waphila ngempela futhi wondliwa hhayi ngesinkwa esingokoqobo sodwa, “kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.”—Mathewu 4:4.

Ukuphila Namuhla Ngamazwi KaJehova

14. (a) Ngokujula kuMathewu 4:4, singaqonda kanjani kangcono ukuthi uJesu wayesho ukuthini? (b) Yini eyaqinisa amaIsrayeli ayenokwazisa?

14 Njengoba sesiye sajula kancane emazwini angenhla acashunwa uJesu ephendula isilingo sikaDeveli, sesingaqonda kangcono ukuthi uJesu wayesho ukuthini. Umongo ongokomlando nowomumo womhlaba wendaba kaMose, uJesu acaphuna kuwo, ubonisa ukuthi amazwi kaJehova lawo amadoda akholwayo nabesifazane okumelwe baphile ngawo akuwona nje amazwi afundwa ngekhanda. NgalawomaIsrayeli, “konke okuphuma emlonyeni kaJehova” kwakuhlangene nemana, amanzi, kanye nezingubo ezingaguganga. Yebo, amazwi ahlanganisa ukugcwaliseka kwawo, izinto ezimangalisayo uJehova azenzela abantu bakhe. Kwakungenxa yokubona kwawo lezinto, ekugcwalisekeni kwamazwi kaJehova, okwaqinisa amaIsrayeli ayenokwazisa.

15. Amazwi kaJehova angasicebisa kanjani?

15 Ngokufanayo namuhla, lokho okondla abantu bakaJehova akukhona nje ukufunda nokutadisha amazwi kaJehova, nakuba lokhu kudingekile. Kuwukubona, ndawonye nangabanye, indlela emangalisayo uJehova asebenzelana ngayo nathi nasenzela ngayo izinto. Izinga esiqaphela ngalo ukusebenzelana kukaJehova nathi, kuyoba izinga amazwi anjalo agcwalisekayo ayosondla ngalo, aqinise ukholo lwethu, nengokomoya lethu.

16. (a) Wazindla ngani umhubi? (b) Singakwenza kanjani okufanayo, futhi lokhu kuyosisiza kanjani?

16 Umhubi waloba: “Ngiyakukhumbula izenzo zikaJehova, yebo, ngikhumbule izimangaliso zasendulo, ngicabange ngawo wonke umsebenzi wakho, ngizindle ngezenzo zakho.” (IHubo 77:11, 12) Uma sizindla ngezenzo zikaJehova, izimangaliso, imisebenzi, nokusebenzelana nabantu bakhe, siqaphela ukuthi ziwukubonakaliswa kwamazwi akhe, lokhu kunakekela kwaphezulu kuyoba njengesinkwa esingokomoya kithi. Ziyosidonsela ebuhlotsheni obuseduze nobomuntu siqu noJehova. Siyoba njengoJesu. Wenqaba ukuguqula amatshe abe izinkwa njengokwesicelo sikaDeveli. Ngokufanayo siyoqaphela ukuba singavumeli izinto ezibonakalayo noma ukukhathazeka ngokungafanele ngezidingo ezingokwenyama kusibangele ukuba siwele kunoxhaka kaDeveli futhi silahle ukukhulekela uJehova.

17. Kungayiphi indlela uJesu ayeyisibonelo esimangalisayo?

17 UJesu wathi: “Ukudla kwami kungukwenza intando yongithumileyo, ngifeze umsebenzi wakhe.” (Johane 4:34) Wayeyisibonelo esimangalisayo, esisibonisa ngendlela engokoqobo ukuthi “akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.”—Mathewu 4:4.

Ukulindela Iziyalo Ezengeziwe

18. Iliphi izwi laphezulu eligcwalisekayo manje?

18 UJehova, ngeNdodana yakhe, uye wathi “lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke” ngaphambi kokuba kufike ukuphela. (Mathewu 24:14) Lelozwi laphezulu liyagcwaliseka manje ngenxa yomsebenzi woFakazi BakaJehova wokushumayela emhlabeni wonke. Ingabe ‘uphila’ ngalelozwi eliphuma emlonyeni kaJehova ngokuba nengxenye egcwele emsebenzini wokushumayela futhi kanjalo uthole ukondliwa ngokomoya ngenxa yokuthi wenza intando yakhe?

19, 20. Yimaphi amanye amazwi aphezulu azobangela izenzakalo ezijabulisayo ngokushesha?

19 Amanye amazwi kaJehova sekuseduze ukuba abangele izenzakalo ezijabulisayo esikhathini esiseduze esizayo. “Izimpondo eziyishumi” kanye “nesilo” ziyakusiphendukela “isifebe,” iBabiloni Elikhulu. Yebo, ukubhujiswa kwalowombuso wezwe wenkolo yamanga yilabo abamelene nenkolo ngaphakathi kweNhlangano yeZizwe kuyoba isinyathelo esivelele esiyoba umphumela wokufezeka kwelinye lamazwi kaJehova.—IsAmbulo 17:16, 17.

20 Elinye izwi laphezulu eliphawulekayo liyogcwaliseka lapho uJehova efaka ngokomfanekiso “izingwegwe” emihlathini kaGogi, noma uSathane, embekela inselele kanye ‘nempi’ yakhe ukuba ahlasele abantu baKhe emhlabeni. (Hezekeli 38:2-4, 8-12) Nokho kunelinye izwi laphezulu eliyoletha imbubhiso esixukwini sikaGogi. (Hezekeli 39:1-6)a Lokhu kuyosho ‘impi yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke’ eHarmagedoni. (IsAmbulo 16:14, 16; 19:11-21) Yeka ukuthi kuyoba okuvusa amadlingozi kanjani kubantu bakaJehova abathembekile ukubona ukugcwaliseka kwalamazwi aphezulu, futhi phakathi nempi, ukuzwa ngokomfanekiso elinye izwi: “Nime, nibone ukunisindisa kukaJehova.”—2 IziKronike 20:17.

21. Ukugcwaliseka kwamazwi kaJehova kuyobangelani?

21 Khona-ke, egcwalisa elinye izwi laphezulu, uKristu uyobopha uSathane namademoni akhe abaphonse kwalasha “iminyaka eyinkulungwane.” (IsAmbulo 20:1-3) Leyominyaka eyinkulungwane iyodedela ukugcwaliseka kwamanye amazwi kaJehova, kuhlanganise nokuvuswa kwabafileyo “nokuphulukiswa kwezizwe,” isintu esilalelayo. (IsAmbulo 20:11-15; 22:1, 2) Phakathi nalesikhathi sokwahlulela esiyiminyaka eyinkulungwane, ngokusobala uJehova uyonikeza ezinye iziyalezo, esingazazi okwamanje, njengoba “izincwadi” ezintsha zivulwa. (IsAmbulo 20:12) Yeka ukuthi kuyomangalisa kanjani ngabasinde “osizini olukhulu” nangabafileyo abavusiwe ukuthola iziyalezo nokuqondiswa kulezi ezinye iziyalezo njengoba zibekwe ‘kulezincwadi’ ezivuliwe zikaJehova futhi bazenze ngenjabulo!

22. Yini esikhuthazwa ukuyenza manje?

22 Sinalelithemba elimangalisayo phambi kwethu, masilisebenzise ngokugcwele ithuba esinalo manje lokuzijwayelanisa namazwi kaJehova futhi senze ukutadisha komuntu siqu okujulile eZwini lakhe futhi sibe nengxenye emsebenzini wokushumayela nokukhathalela okwandayo ngezenzo zikaJehova ngenxa yethu.

[Imibhalo yaphansi]

a Bheka izahluko 19, 20 kwethi “The Nations Shall Know That I am Jehovah”—How? eyakhishwa yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

Ungakhumbula?

◻ AmaIsrayeli afunda kanjani ukuphila “ngakho konke okuphuma emlonyeni kaJehova”?

◻ AmaIsrayeli ayengazondla kanjani ngokomoya ngamazwi kaJehova?

◻ Singaphila kanjani namuhla ngamazwi kaJehova?

◻ Iziphi iziyalezo zikaJehova ezizogcwaliseka?

[Isithombe ekhasini 14]

Kusho ukuthini kuwe ukusabela kukaJesu esilingweni sikaDeveli?

[Isithombe ekhasini 16]

Ukuphila kwamaIsrayeli “ngakho konke okuphuma emlonyeni kaJehova” kwaba nezinzuzo eziqondile ezingokwenyama

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela