Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w07 3/1 kk. 30-31
  • Lingisa Umusa KaJehova

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lingisa Umusa KaJehova
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Izihlokwana
  • Umusa KaJehova Wothando
  • Umusa KaNkulunkulu Ongafanelwe
  • Umusa Wothando Wabantu
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
w07 3/1 kk. 30-31

Lingisa Umusa KaJehova

UJEHOVA UNKULUNKULU uyisibonelo esihamba phambili nesihle kakhulu sokubonisa abanye umusa ngezindlela eziningi. Lo musa uwubonisa ngisho nabantu abangabongiyo nababi, abakhuthaze ukuba baphenduke. (Luka 6:35) Njengoba amaKristu engaphansi kwejoka likaKristu lomusa, anxuswa ukuba embathe umusa futhi abe nezithelo zomoya kaNkulunkulu, ezihlanganisa umusa. (Galathiya 5:22; Kolose 3:12) Uma enza kanjalo, azitusa njengezikhonzi zikaNkulunkulu.—2 Korinte 6:4-6.

Umusa KaJehova Wothando

Umusa wothando yimfanelo kaJehova uNkulunkulu eyigugu naye ngokwakhe ayijabulelayo, futhi ibonakala njalo lapho esebenzelana nezinceku zakhe. (IHubo 36:7) Ukube bekungenjalo, ngabe zabhubha kudala. (IsiLilo 3:22) Yingakho uMose ayengancengela u-Israyeli ovukelayo, ngoba wayazi ukuthi igama likaJehova likhulu nokuthi unguNkulunkulu onomusa wothando.—Numeri 14:13-19.

ImiBhalo ibonisa ukuthi uJehova ubonisa umusa wothando, noma uthando oluthembekile ngezindlela eziningi nangaphansi kwezimo ezihlukahlukene—lapho ekhulula futhi elondoloza, lapho eqapha futhi evikela nalapho esiza abantu ezinkingeni zabo. (IHubo 6:4; 31:16, 21; 40:11) Abakhethiweyo bakaNkulunkulu basizwa yiwo lo musa wothando.—IHubo 44:26.

Lapho uJehova akha isizwe sakwa-Israyeli nangemva kwalokho, umusa wakhe wothando ngokuqondene nesivumelwano sakhe waqhubeka uboniswa ngendlela ephakeme. (Eksodusi 15:13) Lokhu kwabonakala endabeni kaDavide neka-Ezra nalabo ababenaye. (2 Samuweli 7:15; Ezra 7:28; 9:9) Enamathela esivumelwaneni sombuso ayesenze noDavide, uJehova waqhubeka ebonisa umusa wothando nangemva kokufa kukaJesu, ngoba wamvusa lona “othembekile” ukuze kugcwaliseke lesi siprofetho: “Ngizoninika umusa wothando othembekile engawunika uDavide.”—IzEnzo 13:35; Isaya 55:3.

Yilo musa wothando kaJehova odonsela abantu kuye. (Jeremiya 31:3) Babonga futhi badumise uJehova ngomusa wakhe wothando, futhi batshela abanye abantu ngawo. Ngokuqinisekile, lo musa wothando kaNkulunkulu ufana nendlela enhle okumnandi ukuhamba kuyo.—IHubo 25:10.

Le mfanelo kaJehova enhle kakhulu, ewumusa wakhe wothando, ivame ukuhlotshaniswa nezinye izimfanelo zakhe ezimangalisayo—umusa, ubumnene, iqiniso, ukuthethelela, ukulunga, ukuthula, ukwahlulela nobulungisa.—Eksodusi 34:6; Nehemiya 9:17; IHubo 85:10.

Umusa KaNkulunkulu Ongafanelwe

UNkulunkulu wabonisa isintu sisonke umusa wakhe ongafanelwe ngendlela ekhethekile lapho esikhulula ngesihlengo segazi leNdodana yakhe ezelwe yodwa, uKristu Jesu. (Efesu 1:7) Ngalo musa ongafanelwe, uNkulunkulu wenza ukuba zonke izinhlobo zabantu zikwazi ukuthola insindiso. (Thithu 2:11) Ngakho, iphuzu likaPawulu linengqondo: “Manje uma kungomusa ongafanelwe, akusengenxa yemisebenzi; ngaphandle kwalokho, umusa ongafanelwe awube usaba umusa ongafanelwe.”—Roma 11:6.

UPawulu wakhuluma kakhulu ngomusa ongafanelwe kaNkulunkulu ukudlula noma ibaphi ababhali ngoba wakhuluma ngawo izikhathi ezingaphezu kuka-90, ezincwadini zakhe ezingu-14. Kwakufaneleka ngoPawulu ukugcizelela umusa kaJehova ongafanelwe ngoba ngaphambili ‘wayengumhlambalazi nomshushisi nomuntu oweyisayo.’ Uyachaza: “Noma kunjalo, ngaboniswa isihe, ngoba ngangingazi futhi ngenza ngenxa yokuntula ukholo. Kodwa umusa ongafanelwe weNkosi yethu wavama ngokudlulele kanye nokholo nothando mayelana noKristu Jesu.” (1 Thimothewu 1:13, 14) UPawulu akazange awudelele lowo musa wothando, njengoba abanye beye benza ubuwula bawudelela, kodwa wawamukela ngenjabulo futhi wawubonga, wanxusa nabanye abawamukelayo ukuba ‘bangalahlekelwa injongo yawo.’—IzEnzo 20:24; 2 Korinte 6:1.

Umusa Wothando Wabantu

Ziningi izindaba eziseBhayibhelini ezilandisa ngabathile ababonisa umusa wothando kwabanye. Ngokwesibonelo, uSara walubonisa uthando oluthembekile kumyeni wakhe lapho besezweni lesitha, emvikela ngokuthi athi ungumfowabo. (Genesise 20:13) UJakobe wacela uJosefa ukuba enze okufanayo ngokuba amethembise ukuthi ngeke amngcwabele eGibhithe. (Genesise 47:29; 50:12, 13) URahabi wacela ukuba ama-Israyeli ambonise umusa wothando ngokumlondoloza yena nabendlu yakhe, njengoba nje naye aziphatha ngendlela efanayo izinhloli zakwa-Israyeli. (Joshuwa 2:12, 13) UBhowazi watusa uRuthe ngokuwubonisa. (Ruthe 3:10) UJonathani wacela uDavide ukuba ambonise lo musa wothando, yena nabendlu yakhe.—1 Samuweli 20:14, 15.

Ziyahlukahluka kakhulu izisusa nezimo ezishukumisa umuntu ukuba abonise umusa noma umusa wothando. Lapho umuntu ethuka ebonisa omunye umusa kungase kubonise ubuntu noma inhliziyo enhle, kodwa kungase kungasho ngempela ukuthi wesaba uNkulunkulu. (Qhathanisa nezEnzo 27:1, 3; 28:1, 2) Endabeni yendoda ethile eyayihlala emzini waseBhethele, umusa eyawuboniswa wawungenxa yesenzo sayo esithile. (AbaHluleli 1:22-25) Ngezinye izikhathi kwakudingeka abathile bawubuyisele lo musa wothando ngenxa yomusa nabo ababewubonisiwe ngaphambili, mhlawumbe owucelayo esesimweni esiyingozi. (Genesise 40:12-15) Kodwa ngezinye izikhathi abantu babengakubuyiseli lokhu kuboniswa umusa wothando.—Genesise 40:23.

Njengoba isaga sisho, uquqaba lwabantu lungase lumemezele umusa walo wothando, kodwa bambalwa abathembekayo bawubonise ngempela. (IzAga 20:6) USawule noDavide bakhumbula ukuthi abanye babeke bababonisa umusa, futhi kubonakala sengathi amakhosi akwa-Israyeli áziwa ngandlela-thile ngokuba nomusa wothando uma eqhathaniswa namakhosi angamaqaba. (1 Samuweli 15:6, 7; 2 Samuweli 2:5, 6; 1 AmaKhosi 20:31) Nokho, kwake kwenzeka lapho uDavide ethi ubonisa umusa wothando kwacatshangwa ukuthi uwubonisa ngezisusa ezingafanele.—2 Samuweli 10:2-4.

Abantu abafuna ukwamukelwa uNkulunkulu kumelwe ‘bathande umusa’ futhi ‘baqhube umusa wothando nesihe komunye nomunye.’ (Mika 6:8; Zakariya 7:9) Njengoba isaga sisho, “Into efiselekayo kumuntu wasemhlabeni ngumusa wakhe wothando,” futhi umlethela izibusiso ezicebile. (IzAga 19:22; 11:17) UNkulunkulu wawukhumbula futhi wawujabulela umusa wothando isizwe sakwa-Israyeli esasiwubonisa ngesikhathi sisesisha. (Jeremiya 2:2) Kodwa lapho uba “njengamafu asekuseni nanjengamazolo amukayo ekuseni,” uJehova akabange esajabula, ngoba uthi “ngijabulele umusa wothando, hhayi umhlatshelo.”—Hoseya 6:4, 6.

U-Israyeli wasolwa ngokuntula umusa wothando, futhi lokhu kusolwa kwakuyisenzo somusa wothando ngoNkulunkulu. (Hoseya 4:1) Lesi sizwe selulekwa nangokuthi kufanele sibuyele kuNkulunkulu ngokubonisa umusa wothando nobulungisa. (Hoseya 12:6) Uma umuntu efuna ukwamukelwa uNkulunkulu nabantu, kufanele azibonise njalo lezi zimfanelo.—Jobe 6:14.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela