Bayakujabulela Ukwenza Intando KaNkulunkulu
UJESU wabekela wonke amaKristu isibonelo lapho ethandaza kuYise ethi: “Makungenzeki intando yami, kodwa eyakho.” (Luka 22:42) Lawo mazwi abonisa ukuzithoba kuJehova ananelwa yizigidi zezinceku zikaNkulunkulu namuhla. Phakathi kwazo kunabafundi abangu-52 bekilasi le-120 leWatchtower Bible School of Gilead. Ngo-March 11, 2006, leli kilasi elalithweswa iziqu lalijabule ngethuba elalilivulekele lokuyokwenza intando kaNkulunkulu emazweni ahlukahlukene, naphezu kwezimo eziyinselele elaliyohlangabezana nazo.
Yini eyenza laba abathweswe iziqu ukuba bavumele intando kaJehova iqondise ukuphila kwabo. UChris noLeslie, umbhangqwana owabelwe ukukhonza njengezithunywa zevangeli eBolivia, bathi: “Ngenxa yokuthi siye sazidela, sifuna ukuzenza sitholakalele noma yini ehlobene nenhlangano kaJehova.” (Marku 8:34) UJason noChere, ababelwa e-Albania, bayanezela: “Zonke izabelo esiye sazithola enhlanganweni kaJehova ziye zaba nezinselele zazo. Kodwa sizifundise ukuthi kufanele simethembe ngokuphelele uJehova.”
Isikhuthazo Sokuzithoba Entandweni KaJehova
UGeorge Smith, ilungu lomkhaya waseBethel, okhonza eMnyangweni Wezithombe, wavula isimiso sokuthweswa iziqu ngomthandazo. UStephen Lett, oyilungu leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova nowayengusihlalo walesi simiso sokuthweswa iziqu, wamukela bonke ababekhona. Izivakashi ezisuka emazweni angu-23 zeza eWatchtower Educational Center ePatterson, eNew York, zizothamela lo mbuthano ojabulisayo. UMfoweth’ uLett watshela ikilasi elalithweswa iziqu ukuthi lizofeza “umsebenzi wamandla omkhulu kakhulu.” Wakhuluma ‘ngezinto ezimbelwe ngokuqinile’—njengezimfundiso ezingamanga—izithunywa zevangeli ezintsha ezizokwazi ukuzigumbuqela ngamandla emiBhalo. (2 Korinte 10:4, 5) Waphetha: “Kuzonijabulisa ukusetshenziswa uJehova ukugumbuqela izinto ezimbelwe ngokuqinile kubantu abanhliziyo-ziqotho enizobathola ezabelweni zenu.”
UHarold Jackson, oyilungu lomkhaya wasendlunkulu, waxoxa ngesihloko esithi “Izinto Ezimbalwa Okufanele Nizikhumbule.” Wathi lezi zithunywa zevangeli ezintsha akufanele nanini zikhohlwe ‘ukufuna kuqala umbuso nokulunga kukaNkulunkulu.’ (Mathewu 6:33) Wathi kufanele zikhumbule ukuthi “uthando luyakha,” futhi luyisihluthulelo sangempela sempumelelo. (1 Korinte 8:1) Wathi: “Uthando malube yiyona nto eniqondisayo lapho nisebenzelana nabanye.”
Kwalandela uGeoffrey Jackson, oyilungu leNdikimba Ebusayo futhi owakhonza njengesithunywa sevangeli kusukela ngo-1979 kuya ku-2003. Wabuza ababethweswa iziqu, “Niyithwala Kanjani Imithwalo Yemfanelo?” Wagcizelela isidingo sokuba nombono onokulinganisela ngomuntu siqu nangenkonzo. AmaKristu anomthwalo wemfanelo wokusebenza kanzima ekutshaleni nasekuniseleni imbewu yeqiniso. Nokho, ngumthwalo kaJehova ukukhulisa ngokomoya, ngoba vele “uNkulunkulu okhulisayo.” (1 Korinte 3:6-9) UMfoweth’ uJackson wanezela: “UJehova uthi kuwumthwalo wakho wemfanelo ukuzigcina uqinile ngokomoya. Kodwa uyini umthwalo wakho wemfanelo omkhulu kunayo yonke? Ukuthanda uJehova nokuthanda abantu eniyobakhonza.”
Ofundisa eGileyadi uLawrence Bowen wakhuluma ngesihloko esithi “Yazi Ukuthi Kumelwe Uziphathe Kanjani.” Wakhumbuza abafundi ukuthi uJehova waqondisa futhi wavikela ama-Israyeli ngokuyisimangaliso ehlane. (Eksodusi 13:21, 22) Nanamuhla uyasiqondisa futhi asivikele, ngokwengxenye, ngebandla lamaKristu agcotshiwe, ‘eliyinsika nozime lweqiniso.’ (1 Thimothewu 3:14, 15) Izithunywa zevangeli ezintsha kufanele zinamathele eqinisweni eliqondisa futhi livikele abathobekile.
UWallace Liverance, naye ofundisa eGileyadi, wanxusa abathweswa iziqu ukuba bangalikhohlwa izwi likaNkulunkulu ‘elingemva’ kwabo. Izwi likaNkulunkulu lingemuva kwethu ngomqondo wokuthi iBhayibheli labhalwa emakhulwini eminyaka amaningi adlule. Njengomalusi oqondisa umhlambi wakhe wezimvu engasemuva, uJehova ungemuva kwabantu bakhe, ebanikeza isiqondiso ‘ngenceku ethembekileyo neqondayo.’ (Isaya 30:21; Mathewu 24:45-47) ISikole SaseGileyadi sasiza abathweswa iziqu ukuba basazise nakakhulu isigaba senceku. Le “nceku” yénza nokuba kube ne-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele. Isikhulumi sakhuthaza ababethweswa iziqu: “Thathani le ngcebo yolwazi olugciniwe niyisebenzisele ukufundisa abanye.”—Mathewu 13:52.
Ukwenza Intando KaJehova Enkonzweni Yasensimini
Enkulumweni ethi “Ukulangazelela Ukumemezela Izindaba Ezinhle,” uMark Noumair, naye ofundisa eGileyadi, waqokomisa okunye kokuhlangenwe nakho abathweswa iziqu abakuthola enkonzweni yasobala ngesikhathi beseSikoleni SaseGileyadi. (Roma 1:15) Izingxoxo nababethweswa iziqu zembula ukuthi ngempela babebonise ukulangazela okukhulu ukushumayela ngazo zonke izikhathi.
Ababethweswa iziqu bathola nesinye isikhuthazo lapho uKenneth Flodin exoxa nababonisi abajikelezayo abathathu, manje abakhonza e-United States. URichard Keller no-Alejandro Lacayo, abake bakhonza eNingizimu Melika naseMelika Ephakathi, bachaza indlela ababhekana ngayo ngokuphumelelayo nezilingo ezihlukahlukene futhi balandisa ngezinye zezibusiso abazithola ngesikhathi bekhonza njengezithunywa zevangeli. UMoacir Felisbino waxoxa ngokuqeqeshwa akuthola ngesikhathi esebenza kakhulu nezithunywa zevangeli eBrazil lapho akhulela khona.
UDavid Schafer waxoxa nezithunywa zevangeli ezingomakad’ ebona, uRobert Jones, uWoodworth Mills noChristopher Slay. Laba bazalwane abathathu balandisa indlela abafunda ngayo ukuthembela kuJehova lapho bebhekene nezinkinga. Baqinisekisa ikilasi ukuthi ukuqeqeshwa abakuthola enhlanganweni kaJehova kwabalungiselela kahle ukuba yizithunywa zevangeli ezabelweni zabo. UMfoweth’ uMills wagoqa le ngxoxo ngale ndlela: “Akukona ukwaziswa engakuthola eGileyadi okwangisiza kakhulu, kodwa ngasizwa yilokho isikole esangifundisa khona ngokuqondene nokuthobeka nothando.”
UGuy Pierce, ilungu leNdikimba Ebusayo, wanikeza inkulumo eyinhloko enesihloko esithi “UJehova Akasoze Ahluleke.” U-Adamu wehluleka, kodwa ingabe lokho kwasho ukuthi uNkulunkulu wayehlulekile? Ingabe uNkulunkulu wehluleka ukudala u-Adamu ephelele, njengoba besho njalo abanye abantu? Cha, ngoba “uNkulunkulu weqiniso wabenza abantu beqotho.” (UmShumayeli 7:29) Isikhulumi sathi ubuqotho bukaJesu lapho ebhekene novivinyo olukhulu kunalo lonke emhlabeni bafakazela ukuthi “u-Adamu wayengenazaba nasizathu sokwehluleka.” Ukuvivinywa kokulalela kuka-Adamu ensimini yase-Edene kwakungelutho uma kuqhathaniswa nokuvivinywa uJesu abhekana nakho wakunqoba. Noma kunjalo, u-Adamu wehluleka. Nokho, uJehova akasoze ahluleka. Injongo yakhe izogcwaliseka. (Isaya 55:11) UMfoweth’ uPierce watshela lezi zithunywa zevangeli ezintsha: “Ninelungelo lokudumisa uJehova ngomoya wenu wokuzidela. Kwangathi uJehova angaba nani nonke noma kuphi lapho nizokhonza khona njengezithunywa zevangeli.”
Ngemva kokudlulisela imikhonzo evela emahhovisi amagatsha oFakazi BakaJehova ahlukahlukene, usihlalo, uMfoweth’ uLett, wanikeza ababethweswa iziqu ama-diploma nezabelo zabo. UVernon Wisegarver, osekuyisikhathi eside eyilungu lomkhaya waseBethel, wamelela izilaleli ngomthandazo wokuphetha.
Abangu-6 872 ababekhona bahamba benomuzwa wokuthi isimiso sokuthweswa iziqu sivuselele intshiseko yabo yokwenza intando kaNkulunkulu. (IHubo 40:8) U-Andrew no-Anna, abathweswa iziqu, bathi: “Sanikezela ukuphila kwethu kuJehova. Samethembisa ukwenza noma yini asicela ukuba siyenze. Manje-ke uJehova usicele ukuba siye eCameroon, e-Afrika.” Bona nabanye abafundi bekilasi elalithweswa iziqu bamagange ukuqala umsebenzi ozobanikeza ukwaneliseka. Yebo, bayakujabulela ukwenza intando kaNkulunkulu.
[Ibhokisi ekhasini 17]
IMINININGWANE YEKILASI
Inani lamazwe amelelwe: 6
Inani lamazwe ababelwe kuwo: 20
Inani labafundi: 52
Isilinganiso seminyaka yobudala: 35.7
Isilinganiso seminyaka beseqinisweni: 18.3
Isilinganiso seminyaka besenkonzweni yesikhathi esigcwele: 14.5
[Isithombe ekhasini 18]
Ikilasi Le-120 Elithweswa Iziqu EWatchtower Bible School of Gilead
Ohlwini olungezansi, imigqa ibalwa kusukela phambili kuya emuva, futhi amagama ahlelwe ukusuka kwesobunxele kuya kwesokudla emgqeni ngamunye.
(1) Wright, S.; Suárez, B.; Croisant, B.; Davenport, L. (2) Johnson, A.; Ali, C.; Cady, K.; Guerrero, P.; Ases, A. (3) Ortiz, L.; Lyall, K.; Uzeta, M.; Perez, R.; Backus, K.; Caterina, C. (4) Palmer, B.; Loving, D.; Macdonough, J.; Bostock, D.; Benetatos, L. (5) Jasicki, M.; Sarafianos, E.; Stelter, C.; Vaira, R.; Woon, J.; Prentice, K. (6) Davenport, H.; Croisant, H.; Perez, M.; Vaira, E.; Suárez, A.; Caterina, I.; Wright, C. (7) Cady, K.; Macdonough, J.; Ortiz, M.; Woon, J.; Ali, J.; Ases, M. (8) Sarafianos, G.; Lyall, D.; Uzeta, C.; Stelter, P.; Prentice, G.; Johnson, A.; Benetatos, C. (9) Palmer, J.; Jasicki, W.; Backus, J.; Bostock, S.; Guerrero, J. M.; Loving, S.