Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w06 7/1 k. 20
  • ‘Ngasiqeda Kamnandi Isikole’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Ngasiqeda Kamnandi Isikole’
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izingane Zesikole Ziyatuswa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Uthisha Ushintsha Umbono Wakhe
    I-Phaphama!—2009
  • Othisha—Kungani Sibadinga?
    I-Phaphama!—2002
  • Yini Engingayenza Ukuze Sizwane Nothisha Wami?
    Intsha Iyabuza
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
w06 7/1 k. 20

‘Ngasiqeda Kamnandi Isikole’

UTHISHA othile ofundisa esikoleni esiphakeme eSpain wabhala: “Sekuyiminyaka engaphezu kweyikhulu oFakazi BakaJehova bebonisa ukuthi banobunye beqiniso, ukwethembeka okungasoleki, futhi ngaphezu kwakho konke, ukholo olunganyakaziseki.” Yini eyashukumisa lo thisha—okholelwa ukuthi uNkulunkulu akekho—ukuba asho la mazwi?

Indaba yaqala lapho uNoemí, ongumfundi esikoleni esiphakeme futhi onguFakazi kaJehova enikezwa umsebenzi wokubhala indaba njengoba base behlolelwa ukuphela konyaka. Wanquma ukubhala ngesihloko esithi, “The Purple Triangles Under Nazi Rule.”

Kungani akhetha leso sihloko? UNoemí uyachaza: “Njengoba kwakunguthisha owayezohlola umsebenzi wami, ngacabanga ukulisebenzisa kahle leli thuba ngimshumayeze. Indaba ekhuluma ngendlela oFakazi BakaJehova abanamathela ngayo ezimisweni zabo eJalimane lobuNazi yangithinta inhliziyo. Ngangikholelwa ukuthi nabanye izobathinta.”

Indaba kaNoemí yathinta abantu abaningi kunalokho ayekucabanga. Ngo-October 5, 2002, le ndaba yakhe yamenza wathola umklomelo emncintiswaneni kazwelonke wesayensi nezenhlalakahle yabantu. Kulo mncintiswano abafundi baklonyeliswa ithimba loprofesa abangaba ngu-20 abaphuma emayunivesithi aphambili eSpain.

UNoemí wawunikezwa uPilar del Castillo umklomelo wakhe, ongungqongqoshe wezemfundo eSpain. UNoemí wasebenzisa leli thuba wanikeza lo ngqongqoshe ikhasethi le-video ethi Jehovah’s Witnesses Stand Firm Against Nazi Assault. Ungqongqoshe wasijabulela lesi sipho.

Kubo kaNoemí, eManresa, iphephandaba lendawo laqokomisa indlela ayenza kahle ngayo ezifundweni zakhe labe selithi fahla fahla nangendaba ayeyibhalile. Uthishanhloko wesikole afunda kuso wamcela ukuba amnikeze ikhophi yendaba yakhe ukuze ayifake esimisweni somcimbi wokugubha iminyaka engu-75 isikole sikhona.

UNoemí uthi: “Ngawuqeda kamnandi kakhulu unyaka wami wokugcina wesikole. Ngajabula kakhulu lapho ngifunda amazwi ayisingeniso abhalwa uthisha wami, uMnumzan’ uJorge Tomás Calot, embikweni womsebenzi wami wesikole:

“‘Ngikholelwa ukuthi uNkulunkulu akekho, kodwa ngingathanda ukuthola ubufakazi obukholisayo bokuba khona kwalo muntu oPhezukonke owenza abakhulekeli bakhe “babathande ngempela omakhelwane babo.”’”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela