Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w88 1/1 k. 19
  • Izingane Zesikole Ziyatuswa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izingane Zesikole Ziyatuswa
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukufakaza Esikoleni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • “Insimu Ekhethekile”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Uthisha Ushintsha Umbono Wakhe
    I-Phaphama!—2009
  • Ukudumisa UJehova Esikoleni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
w88 1/1 k. 19

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

Izingane Zesikole Ziyatuswa

INGABE wena, njengomfundi esikoleni, uyesaba ukukhuluma obala ngokholo lwakho? Okuhlangenwe nakho okungezansi kwembula ukuthi lentsha yoFakazi yalumelela ukholo lwayo lobuKristu ngokungesabi futhi yatuswa ngokwenza kanjalo.

◻ Esikoleni saseAustralia, abafundi babelwa ukubhala indaba ngoKhisimusi, kodwa uthisha wathi kuFakazi oneminyaka eyi-11 ubudala: “Ngiyazi ukuthi ungomunye woFakazi BakaJehova, ngakho-ke ngeke ukwazi ukubhala ngemikhosi kaKhisimusi. Ungabhala indaba ehlukile ‘ngoMlando KaKhisimusi.’” Udade osemusha wahlanganisa indaba, esebenzisa ukwaziswa okuqondile okuvela ezincwadini zeNhlangano nokwezinye izincwadi. Okwamangalisa ikilasi ukuthi uthisha waphawula ukuthi ukwaziswa kwakukuhle kakhulu futhi kunembile ngokomlando. “Kuzo zonke izindaba engizitholile, eyakho izidlula zonke ekilasini,” kusho uthisha. Ngenxa yalokho, uFakazi osemusha wahambisa incwajana eyodwa Isikole, omagazini abayi-15, incwadi Ubusha eyodwa, nezincwadi ezimbili Ungaphila Phakade kuthisha wakhe nakubafundi afunda nabo.

◻ Kwesinye isikole eAustralia, izingane zoFakazi eziyisishiyagalombili zaziqashelwa uthisha ongumbambeli njalo ntambama emasontweni amathathu okugcina esikole, njengoba zazingahlanganyeli emisebenzini kaKhisimusi. Kamuva waphawula kumama wezinye zezingane: “Ingxenye engayifeza yayincane kakhulu. Bambalwa impela kothisha abaye beza bezongibuza ukuthi izinto zihamba kanjani. Ngiye ngathi kubo: ‘Kungakhathaliseki ukuthi nicabangani ngenkolo yazo nangendlela ezihoxa ngayo emisebenzini ethile, leli iqembu elingcono kakhulu lezingane engake ngasebenza nazo.’” Emasontweni ambalwa kamuva lapho kukhulunywa naye enkonzweni yasensimini, wathi: “Konje, nakudlulisa lokho engakusho ngezingane esikoleni? Ngifuna bonke abantu bakwazi.”

◻ EUnited States kunalokhu okuhlangenwe nakho komfundi ophambili oneminyaka eyi-17 ubudala wasesikoleni esiphakeme owathola ikilasi lakhe lezomthetho lingene shí engxoxweni emayelana namalungelo aphathelene nenkululeko yenkolo nokwehlukana kwamaSonto noMbuso. Amacala amabili ayehilela oFakazi BakaJehova nempikiswano yegazi. Udade osemusha wathola indaba eyayixoxwa ikhetha futhi ingenaqiniso ngokuphathelene namaqiniso eBhayibheli ngegazi futhi lokhu wakutshela uthisha. Uthisha wasabela ngokumnika ithuba lokukhuluma nekilasi. Ngaphambi kokuba akhulume, abafundi babecabanga ukuthi izinkantolo zenze isinqumo esihle ngokuphoqelela oFakazi ukuba bampontshelwe igazi ngokumelene nezifiso zabo. Kodwa ngemva kokuzwa ukuphikisa okusekelwe eBhayibhelini, ikilasi lavota ngokuvumelanayo ngokumelene nezinqumo zenkantolo. Udadewethu wajabula lapho iningi labafundi liza kuye licela ukwaziswa okwengeziwe ngokuqondene nezinkolelo zoFakazi BakaJehova. Manje uthi ukuqaphela ngokwengeziwe ukuthi isikole siyinsimu yakhe ekhethekile.

Yebo, nina zingane zesikole ninensimu engenakufaniswa. Njengoba ninethuba, qhubekani ngobumnene nisiza enifunda nabo bafunde ngenjongo emangalisayo kaNkulunkulu, futhi nizothola ukutuswa okungaveli kwabanye kuphela kodwa kuJehova ngokwakhe!—Jobe 40:14.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela