Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w05 7/1 kk. 3-4
  • Ukufuna Ukuthula Kwangaphakathi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukufuna Ukuthula Kwangaphakathi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukwaneliseka Nokupha
    I-Phaphama!—2018
  • Injabulo—Ayitholakali
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Ingabe Ingcebo Ingakwenza Ujabule?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Ingabe Kudingeka Isimangaliso Ukuze Sibe Nokholo KuNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
w05 7/1 kk. 3-4

Ukufuna Ukuthula Kwangaphakathi

U-ALBERT wayeyindoda eshadile ejabule, enezingane ezimbili ezinhle. Kodwa wayenomuzwa wokuthi kukhona okuntulekayo ekuphileni kwakhe. Ngesikhathi efuna umsebenzi engawutholi, wangena kwezombusazwe futhi wamukela umqondo wamadlela-ndawonye. Waze waba ilungu elishisekayo lenhlangano yendawo yamaKhomanisi.

Nokho, kungakabiphi, ubuKhomanisi bamdumaza. Wazishiya phansi ezombusazwe wazinikela ngokuphelele emkhayeni wakhe. Umgomo wakhe kwase kuwukuqiniseka ukuthi umkhaya wakhe ujabule. Noma kunjalo, u-Albert wayesenomuzwa obeleselayo wokuthi kukhona okuntulekayo ngaphakathi kuye; wayengenako ukuthula kwangaphakathi kwangempela.

U-Albert akayedwa. Ukuze bathole injongo yangempela ekuphileni, abantu abaningi baye balandela imibono, amafilosofi nezinkolo ezihlukahlukene. Ezweni laseNtshonalanga, inhlangano yama-hippie yangawo-1960 yayimelene nezindinganiso zokuziphatha nezenhlalo ezazilandelwa. Intsha, ikakhulukazi, yayifuna injabulo nenjongo ekuphileni ngokusebenzisa izidakamizwa ezidunga ingqondo, futhi yayilandela amafilosofi ayefundiswa abefundisi nabapristi abaphakeme bale nhlangano. Nokho, le nhlangano yama-hippie yehluleka ukuletha injabulo yeqiniso. Kunalokho, yamane nje yandisa imilutha yezidakamizwa nentsha engenasimilo, futhi yenza umphakathi wangazi ukuthi ikuphi okuwukuziphatha okufanele.

Sekungamakhulu eminyaka abaningi befuna injabulo ngengcebo, ngamandla, noma ngemfundo. Lezi zinto zigcina zibadumazile. UJesu wathi: “Ngisho nalapho umuntu enensada ukuphila kwakhe akuveli ezintweni anazo.” (Luka 12:15) Kunalokho, ukuphishekela ukuceba kuvame ukudumaza. IBhayibheli lithi: “Labo abazimisele ngokuceba bawela esilingweni nasogibeni nasezifisweni eziningi ezingenangqondo nezilimazayo, eziphonsa abantu ekubhujisweni nasencithakalweni. Ngoba uthando lwemali luyimpande yazo zonke izinhlobo zezinto ezilimazayo, futhi ngokuzama ukufinyelela lolu thando abanye baye . . . bazigwaza yonke indawo ngeminjunju eminingi.”—1 Thimothewu 6:9, 10.

Umuntu angakuthola kanjani-ke ukuthula kwangaphakathi nenjongo ekuphileni? Ingabe kunjengokujikijela ucilo ngethemba lokuthi uyothuka ezishaye endukwini? Kuyajabulisa ukuthi akunjalo. Njengoba sizobona esihlokweni esilandelayo, le nkinga ingaxazululwa ngokwanelisa isidingo esibaluleke ngempela esenza abantu bahluke ezilwaneni.

[Isithombe ekhasini 3]

Ingabe ukuphishekela ingcebo, amandla, noma imfundo kungakusiza ukuba uthole ukuthula kwangaphakathi?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela