Injabulo—Ayitholakali
SEKUYISIKHATHI eside kwenziwa ukucwaninga okungokwesayensi ngokuphathelene nentukuthelo, ukukhathazeka nokucindezeleka. Nokho, eminyakeni yamuva ososayensi abavelele baye bagxilisa ukucwaninga kwabo kokuthile okwakhayo nokufiselekayo abantu abaye babhekana nakho—injabulo.
Yini engase yenze abantu bajabule kakhudlwana? Ingabe bebeyojabula ukube bebebasha, becebile, bephile kahle, bebade noma bezace kakhudlwana? Siyini isihluthulelo senjabulo yangempela? Abantu abaningi bakuthola kunzima, futhi cishe kungenakwenzeka, ukuphendula lowo mbuzo. Lapho sicabangela ukungatholakali kwenjabulo okusakazekile, mhlawumbe abanye bangakuthola kulula ukuphendula umbuzo othi yini engesona isihluthulelo senjabulo.
Sekuyisikhathi eside, izazi zokusebenza kwengqondo ezivelele zitusa umqondo wokuzinaka komuntu ngokwakhe njengesihluthulelo senjabulo. Zazikhuthaza abantu abangajabule ukuba bagxile ngokukhethekile ekwaneliseni izidingo zabo siqu. Amazwi akhangayo anjengokuthi “yiba nguwe,” “zazi ngaphakathi” futhi “wazi ubuntu bakho” aye asetshenziswa ekwelapheni ingqondo. Nokho, abanye babo kanye ochwepheshe ababekhuthaza lendlela yokucabanga manje bayavuma ukuthi isimo esinjalo sengqondo sokuzikhathalela komuntu ngokwakhe asilethi injabulo ehlala njalo. Ukuzazisa kuyoletha ubuhlungu nokungajabuli okungenakugwenywa. Ubugovu abusona isihluthulelo senjabulo.
Isihluthulelo Sokungajabuli
Labo abafuna injabulo ngokuphishekela izinjabulo bafuna endaweni okungeyona. Cabangela isibonelo senkosi ehlakaniphile yakwa-Israyeli wasendulo uSolomoni. Encwadini yeBhayibheli yomShumayeli, iyachaza: “Konke amehlo ami akufisayo angikugodlanga kuwo; angenqabelanga inhliziyo yami neyodwa intokozo, ngokuba inhliziyo yami yathokoza ngawo wonke umshikashika wami; lokho kwakuyisabelo sami kuwo wonke umshikashika wami.” (UmShumayeli 2:10) USolomoni wazakhela izindlu, watshala izivini, futhi wazenzela izivande, amahlathi namachibi amanzi. (UmShumayeli 2:4-6) Wake wabuza: “Ngubani odla futhi aphuze kangcono kunami na?” (UmShumayeli 2:25, NW) Wayebungazwa abahlabeleli nabadlali bezinsimbi abaphambili futhi ejabulela ubudlelwane nabesifazane abahle kunabo bonke ezweni.—UmShumayeli 2:8.
Iphuzu liwukuthi, uSolomoni akazange azigodle lapho kuziwa ezintweni zokuzijabulisa. Yisiphi isiphetho asifinyelela ngemva kokuba nokuningi kokuzijabulisa ekuphileni? Wathi: “Ngase ngibhekana nemisebenzi yonke ezaziyenzile izandla zami, nomshikashika engangishikashikile ukuwenza; bheka, konke kwakuyize nokufuna umoya, akukho-nzuzo phansi kwelanga.”—UmShumayeli 2:11.
Okwatholwa yilenkosi ehlakaniphile kusanembile nanamuhla. Ngokwesibonelo, cabangela izwe elicebile njenge-United States. Kuleminyaka engu-30 edlule, abantu baseMelika baye baliphinda cishe kabili inani lezinto zabo ezibonakalayo, njengezimoto namathelevishini. Nokho, ngokochwepheshe bempilo yengqondo, abantu baseMelika abanayo injabulo. Ngokomunye umthombo, “phakathi nesikhathi esifanayo, amazinga okucindezeleka aye akhuphuka. Izinga lokuzibulala kwentsha liye laphindeka kathathu. Amazinga ezehlukaniso aye aphindeka kabili.” Muva nje abacwaningi baye bafinyelela iziphetho ezifanayo ngemva kokucwaninga ubuhlobo obukhona phakathi kwemali nenjabulo emiphakathini yamazwe ahlukahlukene angaba ngu-50. Ngokusobala, awunakuyithenga injabulo.
Ngokuphambene, ukuphishekela ingcebo kungabizwa ngokufanele ngokuthi isihluthulelo sokungajabuli. Umphostoli uPawulu waxwayisa: “Labo abazimisele ngokuceba bawela esilingweni nasogibeni nasezifisweni eziningi ezingenangqondo nezilimazayo, eziphonsa abantu embubhisweni nasencithakalweni. Ngoba uthando lwemali luyimpande yazo zonke izinhlobo zezinto ezilimazayo, futhi ngokuzama ukufinyelela loluthando abanye baye badukiswa okholweni futhi bazigwaza yonke indawo ngobuhlungu obuningi.”—1 Thimothewu 6:9, 10.
Ingcebo, impilo enhle, ubusha, ubuhle, amandla, nanoma ikuphi okunye kwalokhu kuhlangene akunakuqinisekisa injabulo ehlala njalo. Kungani kunjalo? Kungenxa yokuthi asinawo amandla okuvimbela izinto ezimbi ukuba zingenzeki. INkosi uSolomoni yaphawula ngokufanele: “Umuntu akasazi isikhathi sakhe; njengezinhlanzi ezibanjwa enetheni elibi nezinyoni ezibanjwa ogibeni, kanjalo amadodana abantu abekelwa isihibe ngesikhathi esibi, lapho siwehlela ngokuzumayo.”—UmShumayeli 9:12.
Umgomo Ongafinyeleleki
Akukho ukucwaninga kwesayensi okungaveza indlela noma isu elisungulwe umuntu lokuthola injabulo. USolomoni wabuye wathi: “Ngabuye ngabona phansi kwelanga ukuthi ukujaha akuyi ngabanejubane, nokulwa ngamaqhawe, nesinkwa ngabahlakaniphileyo, nengcebo ngabaqondileyo, nomusa ngabanokwazi, ngokuba bonke bahlangabezana nesikhathi nethuba.”—UmShumayeli 9:11.
Abaningi abavumelana nalamazwi angenhla baye baphetha ngokuthi ukulindela injabulo yangempela ekuphileni akukhona ukubhekana namaqiniso. Umfundisi othile ovelele wathi “injabulo iyisimo esicatshangelwayo.” Abanye bakholelwa ukuthi isihluthulelo senjabulo siyimfihlo engenakwambulwa, nokuthi ikhono lokwambula leyo mfihlo kungenzeka ukuthi liphiwe abembuli bezimfihlakalo abambalwa kuphela abakhaliphile.
Nokho, ekufuneni kwabo injabulo, abantu bayaqhubeka bezama izindlela zokuphila ezihlukahlukene. Naphezu kokuhluleka kwabanduleli babo, abaningi namuhla basaphishekela ingcebo, amandla, impilo enhle noma injabulo njengekhambi lokuqeda ukungajabuli kwabo. Ukucinga kuyaqhubeka ngoba ngaphakathi ezinhliziyweni, abantu abaningi bakholelwa ukuthi injabulo ehlala njalo ayisona isimo esicatshangelwayo nje. Bathemba ukuthi injabulo ayilona iphupho elingenakufinyeleleka. Khona-ke, ungase ubuze, ‘Ngingayithola kanjani?’