Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w05 5/1 k. 31
  • Wanqoba Ngendlela Ekhethekile

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Wanqoba Ngendlela Ekhethekile
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Izihlokwana
  • Isisebenzi Sasendlini Esihlukile
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
w05 5/1 k. 31

Wanqoba Ngendlela Ekhethekile

INGABE uyaphikiswa ngenxa yokholo lwakho—mhlawumbe emsebenzini, esikoleni, ekhaya, noma ngokuvinjelwa okumiswe uHulumeni? Ungadangali. OFakazi BakaJehova abaningi baye babhekana nokulingwa okufanayo, nokho banqoba. Cabanga ngesibonelo sika-Erna Ludolph.

U-Erna wazalelwa eLübeck, eJalimane, ngo-1908. Wayehlanganyela yedwa kubo. Lapho uHitler eqala ukubusa ngo-1933, oFakazi BakaJehova badonsa kanzima. Abantu ababesebenza no-Erna bammangalela ngokwenqaba kwakhe ukushaya indesheni kaHitler, futhi lokho kwaholela ekuboshweni amaNazi. Wachitha iminyaka engu-8 emajele ahlukahlukene nasemakamu okuhlushwa eHamburg-Fuhlsbüttel, eMoringen, eLichtenburg, naseRavensbrück. Ngesikhathi u-Erna eseRavensbrück, kwenzeka okuthile okwenza wakwazi ukunqoba.

Isisebenzi Sasendlini Esihlukile

UProfesa Friedrich Holtz, nomkakhe u-Alice, babehlala eBerlin. Babengewona amalungu enhlangano yamaNazi futhi babengavumelani nemibono yayo. Nokho, babeyizihlobo nesikhulu esiphezulu sama-SS esasiphethe iziboshwa ezithile ekamu lokuhlushwa. Ngakho lapho lo profesa nomkakhe befuna isisebenzi sasendlini, lesi sikhulu sama-SS sabavumela ukuba bazikhethele isiboshwa esingumuntu wesifazane. Ngakho, ngo-March 1943, u-Alice wavakashela eRavensbrück ukuze akhethe isisebenzi asithandayo. Wakhetha bani? U-Erna Ludolph. U-Erna wahlala nomkhaya wakwaHoltz owamphatha kahle. Ngemva kwempi, wahamba nawo lo mkhaya lapho uthuthela eHalle engasemfuleni iSaale. Lapho, u-Erna waphinde waphikiswa, kodwa kulokhu ephikiswa iziphathimandla ezingamaSocialist eMpumalanga Jalimane. Ngo-1957, lo mkhaya wadingiselwa eNtshonalanga Jalimane, futhi u-Erna wahamba nawo. Ekugcineni, u-Erna wayesenenkululeko yokukhonza ngendlela athanda ngayo.

U-Erna wanqoba kanjani ngendlela ekhethekile? U-Alice Holtz nezingane zakhe ezinhlanu baba oFakazi BakaJehova ababhapathiziwe ngenxa yokuziphatha kuka-Erna okuhle nangenxa yokushumayela isigijimi seBhayibheli ngekhono. Ngaphezu kwalokho, abazukulu baka-Alice abangu-11 nabo bangoFakazi. Sikhuluma nje, ababili babo bakhonza ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eSelters, eJalimane. USusanne, enye yamadodakazi ka-Alice uthi: “Umkhaya wakithi useqinisweni ngenxa yesibonelo sikaMam’ u-Erna.” Ukukhuthazela kuka-Erna kwavuzwa ngokucebile. Wena? Ukukhuthazela kwakho ngokwethembeka lapho ubhekene nezimo ezinzima kungase kube nemiphumela emihle nenemivuzo njengalena. Impela, ukuziphatha okuhle nokushumayela ngekhono kungakwenza unqobe ngendlela ekhethekile.a

[Umbhalo waphansi]

a U-Erna Ludolph washona eneminyaka engu-96 ubudala kusalungiselelwa ukuba lesi sihloko sinyatheliswe. Wathembeka kwaze kwaba sekugcineni.

[Isithombe ekhasini 31]

U-Erna Ludolph (ohlezi) enomkhaya wakwaHoltz

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela