Ukusebenzisa Usuku Ngalunye Ngendlela Enenjongo
“SIFUNDISE, Nkosi, ukubala izinsuku zethu, sizuze inhliziyo enokuhlakanipha.” (IHubo 90:12, IBhayibheli lesiZulu elivamile) Lona kwakuwumthandazo wokuthobeka owenziwa umlobi weBhayibheli uMose. Wayecelani ngempela uMose? Ingabe nathi kufanele senze isicelo esifanayo?
Evesini 10, uMose wazwakalisa ukudabuka ngobufushane bokuphila komuntu. Ngesinye isikhathi, wabhala amazwi ashiwo uJobe, athi: “Umuntu, ozalwa owesifazane, uphila isikhashana futhi ugcwele ukuyaluza.” (Jobe 14:1) Kusobala ukuthi kwakumzwisa ubuhlungu uMose ukuthi ukuphila komuntu ongaphelele kufushane kakhulu. Ngakho, wayebheka usuku ngalunye ekuphileni njengesipho esiyigugu. Enza lesi sicelo kuNkulunkulu, uMose waveza isifiso sakhe sokusebenzisa izinsuku zakhe ezazisele ngokuhlakanipha, ngendlela eyayingajabulisa uMdali wakhe. Akufanele yini nathi sifune ukuphila ukuphila kwethu ngendlela enenjongo? Siyozama ngokusemandleni ukwenza lokho uma sifuna ukwamukelwa uNkulunkulu manje.
OMose noJobe bashukunyiswa okuthile futhi, into okufanele isishukumise nathi. Womabili la madoda ayesaba uNkulunkulu ayebheke phambili emvuzweni—ukuphila emhlabeni ngaphansi kwezimo ezingcono. (Jobe 14:14, 15; Hebheru 11:26) Ngaleso sikhathi, ukufa ngeke kunqamule imisebenzi yomuntu emihle. UMdali wethu ufuna ukuba abathembekile baphile phakade emhlabeni oyipharadesi. (Isaya 65:21-24; IsAmbulo 21:3, 4) Nawe ungaba naleli themba uma ‘ubala izinsuku zakho ngendlela yokuba uzuze inhliziyo enokuhlakanipha.’