Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w05 3/15 k. 31
  • ‘Njengetshe Eliyigugu Elinombala Obomvu’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Njengetshe Eliyigugu Elinombala Obomvu’
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
w05 3/15 k. 31

‘Njengetshe Eliyigugu Elinombala Obomvu’

UMPHOSTOLI UJOHANE wabona isihlalo sobukhosi esikhazimulayo ezulwini. Owayehleli kuso ‘wayenjengetshe lejaspi.’ Futhi ‘wayenjengetshe eliyigugu elinombala obomvu.’ (IsAmbulo 4:2, 3) Yimaphi lawo matshe?

Lawa kwakungewona amatshe afiphele ayecwebezela ngaphezulu. Endulo, igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “ijaspi” lalisetshenziswa uma kubhekiselwe ematsheni anemibala ehlukahlukene, nasematsheni ayigugu owawubona ngalé kwawo. ‘Itshe lejaspi’ okukhulunywa ngalo kusAmbulo 4:3 “ngokuqinisekile kwakungelona ijaspi lanamuhla elishibhile,” kusho u-A. T. Robertson kuyi-Word Pictures in the New Testament. Ngaphezu kwalokho, kamuva encwadini yesAmbulo, uJohane uchaza umuzi wasezulwini, iJerusalema, ngokuthi: “Ukubengezela kwawo kwakunjengokwetshe eliyigugu, kunjengetshe lejaspi elicwebezela njengekristalu.” (IsAmbulo 21:10, 11) Amatshe uJohane akhuluma ngawo ngokusobala ayevumela ukukhanya kudlulele ngalé kwawo.

Ohlezi esihlalweni sobukhosi embonweni kaJohane nguMuntu okhazimula kunabo bonke endaweni yonke, uJehova uNkulunkulu. Uhlanzekile futhi ungcwele ngezinga okungekho muntu ongalifinyelela. Ngokuvumelana nalokho, umphostoli uJohane wabhala: “UNkulunkulu ungukukhanya futhi abukho nhlobo ubumnyama kuye.” (1 Johane 1:5) Ngakho, uJohane wayekhuthaza ayekholwa nabo ukuba ‘bazihlanze njengoba nje noJehova ehlanzekile.’—1 Johane 3:3.

Kumelwe senzeni ukuze uNkulunkulu asibheke njengabahlanzekile? Kumelwe nakanjani sibe nokholo egazini likaKristu elachitheka ukuze sithethelelwe izono zethu. Futhi kumelwe siqhubeke “sihamba ekukhanyeni” ngokulitadisha njalo iBhayibheli nangokuphila ngokuvumelana nezimfundiso zalo.—1 Johane 1:7.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela