Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w05 3/15 k. 30
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Bakha Izikhwebu NgeSabatha
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Ukukha Izikhwebu NgeSabatha
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Bakha Ukudla Okusanhlamvu NgeSabatha
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
w05 3/15 k. 30

Imibuzo Evela Kubafundi

Njengoba uDavide namadoda ayenaye badla izinkwa zokubukwa, ingabe lokho kubonisa ukuthi umuntu angawuphula umthetho kaNkulunkulu ezimweni ezinzima kodwa angajezi?—1 Samuweli 21:1-6.

NgokukaLevitikusi 24:5-9, abapristi kuphela ababengadla izinkwa zokubukwa ezazibekwa maSabatha onke. Isimiso esasenza kube abapristi abafaneleka ukudla lezi zinkwa ukuthi zazingcwele futhi ziwukudla kwamadoda ayenza inkonzo kaNkulunkulu—abapristi. Ukuzinika isisebenzi esivamile noma ukuzidlela ubumnandi nje kwakungaba iphutha impela. Nokho, umpristi u-Ahimeleki akonanga lapho epha uDavide namadoda ayenaye izinkwa zokubukwa.

UDavide wayebonakala esemsebenzini okhethekile, ethunywe iNkosi uSawule. UDavide namadoda ayenaye babelambile. U-Ahimeleki waqala ngokuthola ukuthi babehlanzekile yini ngokwezimfuneko zoMthetho. Nakuba ukudla kwabo izinkwa zokubukwa kwakungekho emthethweni, kwakungangqubuzani nenjongo eyisisekelo yesinkwa sokubukwa. Lesi sizathu sakhulula u-Ahimeleki ukuba enze okuhlukile ngokuqondene nalo mthetho. Ngisho noJesu Kristu wasebenzisa le ndaba ukuze aveze ukuthi abaFarisi babenza into engalungile lapho bewuqinisa kungafanele umthetho weSabatha ngenxa yendlela ababewuchaza ngayo.—Mathewu 12:1-8.

Nokho, lokhu akusho ukuthi umuntu angawuphula umthetho kaNkulunkulu lapho ebhekene nezimo ezinzima. Ngokwesibonelo, kwake kwavela isimo esasibonakala sibucayi ngesikhathi amabutho ama-Israyeli elwa namaFilisti. INkosi uSawule yayithe: “Uqalekisiwe umuntu odla isinkwa ngaphambi kokuhlwa kuze kube yilapho sengiziphindisele ezitheni zami!” IBhayibheli lithi: “Ngalolo suku babelokhu bewabulala amaFilisti.” Ngenxa yokulwa empini amasosha ayekhathele futhi elambile, ngakho ‘abantu bathatha imfuyo bayihlabela emhlabathini, badla kanye negazi.’ (1 Samuweli 14:24, 31-33) La masosha ona kuJehova ngokuphula umthetho wakhe wegazi. Lokho akwenza kwakungqubuzana nendlela okuwukuphela kwayo egunyazwe uNkulunkulu yokusetshenziswa kwegazi, okungukuthi ‘ukwenza isihlawulelo’ sezono. (Levitikusi 17:10-12; Genesise 9:3, 4) Ngomusa, uJehova wayamukela imihlatshelo ekhethekile yokuhlawulela aboni.—1 Samuweli 14:34, 35.

Yebo, uJehova ulindele ukuba silalele imithetho yakhe ngaphansi kwazo zonke izimo. Umphostoli uJohane uthi: “Yilokhu okushiwo uthando ngoNkulunkulu, ukuba sigcine imiyalo yakhe.”—1 Johane 5:3.

[Isithombe ekhasini 30]

Ngawo wonke amaSabatha izinkwa zokubukwa ezintsha zazibekwa etabernakele

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela