Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w05 3/15 k. 32
  • Isenzakalo Okufanele Sikhunjulwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isenzakalo Okufanele Sikhunjulwe
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
w05 3/15 k. 32

Isenzakalo Okufanele Sikhunjulwe

SENZAKALO sini leso? Esokufa kwendoda okwenzeka eminyakeni ecishe ibe ngu-2 000 edlule. Yathi: “Nginikela umphefumulo wami ukuze ngiphinde ngiwamukele. Akekho owususile kimi, kodwa ngiwunikela ngokusuka kimi.” (Johane 10:17, 18) Leyo ndoda yayinguJesu Kristu.

UJesu wayala abalandeli bakhe ukuba bagubhe iSikhumbuzo sokufa kwakhe okuwumhlatshelo. Lesi senzakalo sibizwa nangokuthi “isidlo seNkosi sakusihlwa.” (1 Korinte 11:20) OFakazi BakaJehova nabangane babo bazogubha lesi Sikhumbuzo esasungulwa uJesu ngoLwesine, ngo-March 24, 2005, ngemva kokushona kwelanga.

Kuzoba nenkulumo esekelwe eBhayibhelini ezochaza lokho okushiwo isinkwa esingenamvubelo newayini elibomvu okusetshenziswayo kulo mkhosi. (Mathewu 26:26-28) Le nkulumo izophendula neminye imibuzo efana nale: Kufanele awugubhe kangaki amaKristu lo mkhosi? Obani abafanelekela ukudla isinkwa baphuze newayini? Obani abazuzayo ekufeni kukaJesu? Lo mkhosi obalulekile uyosiza bonke ukuba baqonde injongo yokuphila kukaJesu emhlabeni nokufa kwakhe.

Uyokwamukelwa ngezandla ezifudumele eSikhumbuzweni sokufa kukaJesu. Siza uthintane noFakazi BakaJehova endaweni yakini ukuze uthole ukuthi siyoba kuphi futhi nini.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela