Lapho Intando KaNkulunkulu Seyenziwa Emhlabeni
LAPHO uJesu efundisa abafundi bakhe ukuthandaza bathi, “Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini,” wayekhuluma njengomuntu owake wahlala noBaba ezulwini. (Mathewu 6:10; Johane 1:18; 3:13; 8:42) Engakabi umuntu, uJesu wabona isikhathi lapho konke okwakwenzeka ezulwini nasemhlabeni kwakuvumelana khona nentando kaNkulunkulu. Kwakuyizikhathi ezijabulisayo lezo zempumelelo nokwaneliseka.—IzAga 8:27-31.
Indalo kaNkulunkulu yokuqala kwakuyizidalwa zomoya, ‘izingelosi zakhe, ezinamandla amakhulu, ezifeza izwi lakhe. Zaziyizikhonzi zakhe, zenza intando yakhe,’ futhi namanje zisayenza. (IHubo 103:20, 21) Ingabe ngayinye yayinenkululeko yokuzikhethela? Yebo, futhi kusukela ekudalweni komhlaba, la “madodana kaNkulunkulu [a]qala ukumemeza ehalalisa.” (Jobe 38:7) Ukuhalalisa kwawo kwabonisa ukuthi ayekujabulela lokho uNkulunkulu ayekuhlosile, futhi inkululeko yawo yokuzikhethela ayivumelanisa nentando yakhe.
Ngemva kokudala umhlaba, uNkulunkulu wawulungisa ukuze uhlale abantu futhi ekugcineni wadala indoda nowesifazane bokuqala. (Genesise, isahluko 1) Ingabe nalokhu kwakukufanele ukuhalaliselwa? Ukulandisa okuphefumulelwe kuthi: “Ngemva kwalokho uNkulunkulu wabona konke ayekwenzile, bheka! kwakukuhle kakhulu,” yebo, kungenaphutha, kuphelele.—Genesise 1:31.
Yayiyini intando kaNkulunkulu ngabazali bethu bokuqala nenzalo yabo? NgokukaGenesise 1:28, nayo yayiyinhle kakhulu: “UNkulunkulu wababusisa futhi uNkulunkulu wathi kubo: ‘Zalani nande nigcwalise umhlaba niwunqobe, nithotshelwe yizinhlanzi zolwandle nezidalwa ezindizayo zamazulu nazo zonke izidalwa eziphilayo ezihamba phezu komhlaba.’” Ukuze bafeze lowo msebenzi omangalisayo, abazali bethu bokuqala kwakuyodingeka baqhubeke bephila—kuze kube phakade—kanjalo nenzalo yabo. Akukho lutho olwalusikisela usizi, ukungabi nabulungisa, ukudabuka, noma ukufa.
Leso kwakuyisikhathi lapho intando kaNkulunkulu yayenziwa khona ezulwini nasemhlabeni. Labo ababenza intando yakhe babeyojabula kakhulu ngokwenza kanjalo. Pho, konakalaphi?
Intando kaNkulunkulu yabekelwa inselele eyayingalindelekile. Cha, akuyona inselele eyayingenakuxazululwa. Nakuba kunjalo, yaqalisa inkathi ende yosizi nokudabuka okwakuyobangela ukudideka okukhulu mayelana nentando kaNkulunkulu ngesintu. Sonke siye saba izisulu zalokhu. Yayiyini leyo nselele?
Intando KaNkulunkulu Ngesikhathi Sokuhlubuka
Enye ‘yamadodana kaNkulunkulu’ omoya yabona kungenzeka ukuba igxambukele entandweni kaNkulunkulu ngesintu, ihlose ukuzizuzisa yona. Lapho lesi sidalwa somoya sicabanga kakhudlwana ngalokhu, saya sibona nakakhulu ukuthi kuyinto engenzeka, futhi kwaya kukhanga nakakhulu. (Jakobe 1:14, 15) Kungenzeka le ndodana yazitshela ukuthi uma nje ingase yenze umbhangqwana wabantu wokuqala ukuba ulalele yona kunoNkulunkulu, uNkulunkulu wayeyophoqeleka ukuba abekezelele imbangi yombuso. Kungenzeka yabona ukuthi uNkulunkulu wayengeke awubulale lo mbhangqwana, ngoba lokho kwakuyosho ukuhluleka kwentando yaKhe. Kunalokho, uJehova uNkulunkulu wayezoshintsha intando yakhe, avumele igunya elilinganiselwe lale ndodana yomoya leyo manje indalo yaKhe engabantu eyayisizoyilalela. Kuyafaneleka ukuthi kamuva leso sihlubuki sabizwa ngokuthi uSathane, okusho uMphikisi.—Jobe 1:6.
Enza ngokwesifiso sakhe, uSathane waya kowesifazane. Wamncenga ukuba angayinaki intando kaNkulunkulu, azibuse, ethi: “Ngokuqinisekile ngeke nife. . . . Nakanjani niyoba njengoNkulunkulu, nazi okuhle nokubi.” (Genesise 3:1-5) Lokhu kwabonakala kukhulula kowesifazane, futhi wakwamukela njengokwakubonakala kuyindlela engcono yokuphila. Kamuva, wathonya umyeni wakhe ukuba ahlanganyele naye.—Genesise 3:6.
Kwakungeyona intando kaNkulunkulu leyo ngalo mbhangqwana. Kwakuyintando yawo. Futhi yayizoletha imiphumela eyinhlekelele. UNkulunkulu wayewutshelile kakade ukuthi inkambo enjalo yayiyowuholela ekufeni. (Genesise 3:3) Wawungadalwanga ngendlela yokuba uphumelele ngaphandle kukaNkulunkulu. (Jeremiya 10:23) Ngaphezu kwalokho, wawuzoba ongaphelele, futhi ukungapheleli nokufa kwakuyodlulela enzalweni yawo. (Roma 5:12) USathane wayengeke akwazi ukuyishintsha le miphumela.
Ingabe lezi zenzakalo zayishintsha unomphela injongo, noma intando, kaNkulunkulu ngesintu nangomhlaba? Cha. (Isaya 55:9-11) Kodwa zaphakamisa imibuzo eyayidinga ukuphendulwa: Ingabe isintu ‘singaba njengoNkulunkulu, sazi okuhle nokubi,’ njengoba kwakusho uSathane? Ngamanye amazwi, uma sinikwa isikhathi esanele singakwazi yini thina ukuzinqumela okuhle nokubi, okuzuzisayo nokulimazayo, kuzo zonke izici zokuphila? Ingabe uNkulunkulu uyakufanelekela ukulalelwa ngokuphelele, ngoba indlela yakhe yokubusa iyona engcono kakhulu? Ingabe intando yakhe iyakufanelekela ukwenziwa ngokugcwele? Wena ubungaphendula kanjani?
Kwakunendlela eyodwa kuphela yokuphendula le mibuzo phambi kwendalo ehlakaniphile: Vumela labo abafuna ukuzibusa bazame ukubona ukuthi bazophumelela yini. Ukumane babulawe kwakungeke kube isixazululo. Ukuvumela isintu ukuba siqhubeke sizibusa isikhathi esithile kwakuyoletha isixazululo ngoba imiphumela yayizoba sobala. UNkulunkulu wabonisa ukuthi izinto wayeyozisingatha ngale ndlela lapho etshela owesifazane ukuthi wayezoba nabantwana. Ngaleyo ndlela, kwakuyobe sekuqala umkhaya wesintu. Ngenxa yesinqumo sikaNkulunkulu, namuhla siyaphila!—Genesise 3:16, 20.
Nokho, lokhu kwakungasho ukuthi uNkulunkulu wayezovumela abantu nendodana yomoya eyisihlubuki ukuba bazenzele umathanda ngokuphelele. UNkulunkulu akazange abudele ubukhosi bakhe, nentando yakhe akayilahlanga. (IHubo 83:18) Wakucacisa lokhu lapho ebikezela ukuchotshozwa komshoshozeli wokuhlubuka nokusulwa kwayo yonke imiphumela emibi okwakuyogcina kwenzekile. (Genesise 3:15) Ngakho-ke, kusukela ekuqaleni, umkhaya wesintu wathenjiswa inkululeko.
Kungakenzeki lokho, abazali bethu bokuqala base bezihlukanisile nokubusa kukaNkulunkulu, bona nenzalo ababesazoba nayo. Ukuze uNkulunkulu avimbele yonke imiphumela ebuhlungu yesinqumo sabo kwakuyodingeka aphoqelele intando yakhe kunoma yini abayenzayo. Kwakuyofana nokuthi akakuvumeli ukuzibusa ukuba kuzanywe nakancane.
Yebo, abantu ngabanye babengakhetha ukubusa kukaNkulunkulu. Babengafunda ukuthi iyini intando kaNkulunkulu ngabantu phakathi nale nkathi bese bezivumelanisa nayo eduze ngangokunokwenzeka. (IHubo 143:10) Nakuba kunjalo, nabo babeyobhekana nezinkinga uma nje indaba yokufuna kwesintu ukuzibusa ngokugcwele ingakaxazululwa.
Imiphumela yokuzikhethela komuntu yaba sobala zisuka nje. UKhayini, izibulo lomkhaya wesintu, wabulala umfowabo u-Abela ngoba “imisebenzi yakhe yayimibi, kodwa eyomfowabo ilungile.” (1 Johane 3:12) Kwakungeyona intando kaNkulunkulu leyo, ngoba uNkulunkulu wayemxwayisile uKhayini futhi kamuva wamjezisa. (Genesise 4:3-12) UKhayini “wayevela komubi” ngoba wayekhethe ukuzibusa ayekunikwe uSathane. Nabanye benza okufanayo.
Ngemva kweminyaka engaphezu kwengu-1 500 abantu bekhona, “umhlaba wonakala emehlweni kaNkulunkulu weqiniso futhi umhlaba wagcwala ubudlova.” (Genesise 6:11) Kwakudingeka isinyathelo esiwujuqu ukuze kuvikelwe umhlaba ungonakaliswa. UNkulunkulu wathatha isinyathelo ngokuletha uzamcolo wembulunga yonke, ebe evikela umkhaya owodwa olungile owawusaphila—uNowa, umkakhe, amadodana akhe nabafazi bawo. (Genesise 7:1) Sonke siyinzalo yabo.
Phakathi nomlando wesintu kusukela lapho, uNkulunkulu uye wabanika isiqondiso labo abafuna ngobuqotho ukwazi intando yakhe. Waphefumulela amadoda athembekile ukuba alobe amazwi akhe ukuze noma ubani ofuna isiqondiso sakhe asithole. La mazwi alotshwe eBhayibhelini. (2 Thimothewu 3:16) Ngothando wavumela abantu abathembekile ukuba babe nobuhlobo naye, baze babe ngabangane bakhe. (Isaya 41:8) Wabanika namandla ababewadinga ukuze bakhuthazelele izilingo ezinzima isintu esiye sabhekana nazo kulezi zinkulungwane zeminyaka yokuzibusa. (IHubo 46:1; Filipi 4:13) Yeka indlela esibonga ngayo ngakho konke lokhu!
“Intando Yakho Mayenzeke”—Ngokuphelele
Lokho uNkulunkulu asekwenzile kuze kube manje akuyona intando yakhe ephelele ngesintu. Umphostoli uPetru ongumKristu, wabhala: “Kukhona amazulu amasha nomhlaba omusha esikulindele ngokwesithembiso sakhe, futhi kukho kuyohlala ukulunga.” (2 Petru 3:13) Le nkulumo engokomfanekiso ibhekisela kuhulumeni omusha oyobusa isintu, nasemphakathini omusha oyoba ngaphansi kwalowo hulumeni.
Esebenzisa inkulumo ecacile, umprofethi uDaniyeli wabhala: “Ezinsukwini zalawo makhosi uNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso ongeke neze uchithwe. . . . Uyochoboza uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume kuze kube nini nanini.” (Daniyeli 2:44) Lesi siprofetho sibikezela ukuphela kwalesi simiso sezinto sanamuhla esingalungiseki nokuthathelwa kwaso indawo uMbuso, noma uhulumeni kaNkulunkulu. Zaze zamnandi lezo zindaba! Izingxabano nobugovu okugcwalisa izwe lanamuhla ngobudlova, nokusongela ukonakalisa umhlaba futhi, ngelinye ilanga kuyoshabalala.
Ziyokwenzeka nini lezi zinto? Abafundi bakaJesu babuza: “Ziyokwenzeka nini lezi zinto, futhi siyoba yini isibonakaliso sokuba khona kwakho nesesiphelo sesimiso sezinto?” Njengengxenye yempendulo yakhe, uJesu wathi: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.”—Mathewu 24:3, 14.
Kuyinto eyaziwa kabanzi ukuthi lo msebenzi wokushumayela manje wenziwa emhlabeni wonke. Kungenzeka uye wawubona wenziwa endaweni yakini. Encwadini yakhe ethi These Also Believe, uProfesa Charles S. Braden wabhala: “OFakazi BakaJehova baye bawusibekela ngokoqobo umhlaba ngokufakaza kwabo. . . . Alikho nelilodwa iqembu lenkolo emhlabeni eliye labonisa intshiseko nokuphikelela okungaphezu kokoFakazi BakaJehova emzamweni wokusakaza izindaba ezinhle zoMbuso.” OFakazi bamemezela izindaba ezinhle ngenkuthalo emazweni angaphezu kwangu-230, ngezilimi ezicishe zibe ngu-400. Lo msebenzi owawubikezelwe awukaze ufezwe ngezinga elingaka embulungeni yonke. Ungobunye bobufakazi obuningi bokuthi sesiseduze manje isikhathi sokuba ohulumeni babantu bathathelwe indawo yilowo Mbuso.
UMbuso uJesu athi kwakuzoshunyayelwa ngawo yiwo kanye lowo asifundisa ukuba siwuthandazele emkhulekweni oyisibonelo: “Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.” (Mathewu 6:10) Yebo, lowo Mbuso uyithuluzi uNkulunkulu ayolisebenzisa ukuze afeze injongo yakhe, intando yakhe, ngesintu nangomhlaba.
Kusho ukuthini lokho? Vumela incwadi yesAmbulo 21:3, 4 iphendule: “Ngezwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi lithi: ‘Bheka! Itende likaNkulunkulu likanye nabantu, uyohlala nabo, babe ngabantu bakhe. UNkulunkulu ngokwakhe uyoba nabo. Uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.’” Intando kaNkulunkulu iyobe seyenziwa ngempela emhlabeni nasezulwini—ngokuphelele.a Ubungeke yini uthande ukuba yingxenye yalokho?
[Umbhalo waphansi]
a Uma ufuna ukwazi okwengeziwe ngoMbuso kaNkulunkulu, siza uthintane noFakazi BakaJehova endaweni yakini noma ubhalele kwelinye lamakheli asekhasini 2 kulo magazini.
[Isithombe ekhasini 5]
Ukuzibusa ngaphandle kwentando kaNkulunkulu kwaletha usizi