Ingabe Intando KaNkulunkulu Iyenziwa?
“Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.”—Mathewu 6:10.
UJULIO noChristina babeshaqekile njengoba babebuka izingane zabo ezine zisha zize zifa. Imoto yabo eyayipakile yashayiswa umshayeli odakiwe, yabe isigqamuka amalangabi. Ingane yabo yesihlanu, uMarcos, yakhishwa kulowo mlilo owawuvutha bhé, kodwa umzimba wayo wawusushile, yakhubazeka unomphela. Le ngane yayineminyaka engu-9 ubudala. Uyise wadabuka kakhulu. Waziduduza yena nomkhaya wakhe ngala mazwi: “Kuyintando kaNkulunkulu, kumelwe sikuqonde lokho, kukuhle, kukubi, noma kunjani.”
Esehlakalweni esibuhlungu njengalesi, abaningi basabela ngendlela efanayo. Bathi, ‘Uma uNkulunkulu enamandla onke futhi esikhathalela, kumelwe ukuba okwenzekile kuyasizuzisa ngandlela-thile, yize kunzima ukukuqonda.’ Ingabe uyavumelana nalokho?
Umbono wokuthi noma yini eyenzekayo, iyinhle noma iyimbi, ibonisa intando kaNkulunkulu, uvame ukusekelwa emazwini kaJesu acashunwe ngenhla ayingxenye yalokho okubizwa ngokuthi uMthandazo WeNkosi. Intando kaNkulunkulu iyenziwa ezulwini, akunjalo? Lapho sithandaza sithi ‘Intando yakho mayenzeke emhlabeni,’ sisuke singavumi yini ukuthi okwenzeka emhlabeni kuyintando kaNkulunkulu?
Abaningi bayawungabaza lo mbono. Kubona, lo mbono uveza uNkulunkulu njengongenandaba nemizwa yendalo yakhe engabantu. Bayabuza, ‘UNkulunkulu onothando angabafisela kanjani nje izinto ezimbi abantu abangenacala? Uma kukhona isifundo sokufundwa, singaba yini nje?’ Mhlawumbe nawe uzizwa ngaleyo ndlela.
Kulokhu, uJakobe, umfowabo kaJesu ngomzali oyedwa, wabhala: “Uma umuntu elingwa makangasho ukuthi: ‘Ngilingwa uNkulunkulu.’ Ngoba uNkulunkulu akanakulingwa ngezinto ezimbi futhi yena ngokwakhe akalingi muntu.” (Jakobe 1:13) UNkulunkulu akabubangeli ububi. Ngakho-ke, kusobala ukuthi akuyona yonke into eyenzekayo emhlabeni namuhla eyintando kaNkulunkulu. ImiBhalo iyakhuluma nangentando yomuntu, intando yezizwe, ngisho nangentando kaDeveli. (Johane 1:13; 2 Thimothewu 2:26; 1 Petru 4:3) Ingabe uyavuma ukuthi okwehlela umkhaya kaJulio noChristina akunakwenzeka ukuthi kwakuyintando kaBaba onothando wasezulwini?
Pho, uJesu wayesho ukuthini lapho efundisa abafundi bakhe ukuthandaza bathi: “Intando yakho mayenzeke”? Ingabe kwakumane kuyisicelo sokuba uNkulunkulu angenele ezindabeni ezithile, noma uJesu wayesifundisa ukuthandazela okuthile okukhulu nokungcono, ushintsho olwaluyoba ithemba labo bonke abantu? Ake sihlolisise lokho iBhayibheli elikushoyo.
[Imithombo Yezithombe ekhasini 3]
Car: Dominique Faget-STF/AFP/Getty Images; child: FAO photo/B. Imevbore