Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w04 4/1 k. 8
  • Ukuthola Abantu Lapho Besebenza Khona

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuthola Abantu Lapho Besebenza Khona
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Shumayela Izindaba Ezinhle Kuyo Yonke Indawo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
  • Indlela Yokushumayela Ensimini Yamabhizinisi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
  • Ukufakaza Endaweni Yamabhizinisi—Ngendlela YaseJapane
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Ukubonisa Ukwazisa Ngezenzo Ezimbili Ezinkulu Kakhulu Zothando
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
w04 4/1 k. 8

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

Ukuthola Abantu Lapho Besebenza Khona

BABEFANA ngani abaphostoli uMathewu, uPetru, u-Andreya, uJakobe noJohane? Bonke babizwa nguJesu besemsebenzini. UPetru, u-Andreya, uJakobe noJohane babematasa nebhizinisi labo lokudoba lapho uJesu ebamema, ethi: “Ngilandeleni.” UMathewu wayesehhovisi lentela lapho emenywa ukuba abe ngumfundi kaJesu.—Mathewu 4:18-21; 9:9.

Ukufakaza kubantu lapho besebenza khona kungaba nemivuzo. Beqaphela lokhu, oFakazi BakaJehova eJapane muva nje baye benza umzamo omkhulu ukuze bahlanganyele kulesi sici senkonzo. Ibe yini imiphumela? Ezinyangeni ezimbalwa nje, kuye kwenziwa izimpindelo eziningi, kwaqalwa nezifundo zeBhayibheli ezingaba ngu-250. Cabangela lokhu okulandelayo okuye kwenzeka.

Isikhonzi sesikhathi esigcwele eTokyo sahlangana nomphathi wesitolo sokudlela owayeke waxoxa noFakazi eminyakeni engaba ngu-30 edlule esengumfana wesikole. Nakuba lo mphathi engazange akuqonde okuningi kwalokho okwashiwo ngaleso sikhathi, waba naso sona isithakazelo eBhayibhelini. Manje njengoba isithakazelo sakhe sesivuselelwa futhi, wavuma kalula nje ukuba aqhutshelwe isifundo seBhayibheli ngencwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade.a Ngaphezu kwalokho, waqala isimiso sakhe siqu sokufunda iBhayibheli njalo kusihlwa ngaphambi kokuba alale.

Isikhonzi esiyiphayona elikhethekile saya ehhovisi elithile. Nakuba umphathi ayengenakutholakala, intokazi eyaphendula ucingo lomphathi yabuza, “Ungathanda ukukhuluma nami?” Ngemva kokuxoxa kafushane ocingweni, le ntokazi yeza endaweni yokwamukela izivakashi yayisithi ingathanda ukufunda iBhayibheli. Leli phayona elikhethekile lahlela ukuba liphinde libuye neBhayibheli futhi laqala isifundo seBhayibheli nayo, esasiqhutshelwa epaki eliseduze ekuseni ngaphambi komsebenzi.

Kwelinye ihhovisi, indoda ethile yabona umuntu osebenza nayo ethatha omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! kodwa wabantshingela lé ngokushesha lapho uFakazi esehambile. Lapho le ndoda ifika emzini wayo, yaxoxela umkayo onguFakazi le ndaba futhi yathi ukube bekuyiyona ibiyolalela okungenani kancane nje. Indodakazi yayo eyayilalele lapho ikhuluma, yaxoxela uFakazi osebenza kuleyo nsimu yamabhizinisi le ndaba. Ngaphandle kokupholisa amaseko, lo Fakazi wavakashela umyeni kadade ehhovisi, futhi waqala ukumqhubela isifundo seBhayibheli. Ngokushesha nje le ndoda yaqala ukuya njalo emihlanganweni ngeSonto.

Ukufakaza kubantu lapho besebenza khona kuye kwaletha nezinye izinzuzo. Abamemezeli abaningi eJapane baye baba namakhono okwenza izimpindelo ezindaweni zezitolo, ezimbonini nasemahhovisi. Ngaphezu kwalokho, ngale ndlela yokufakaza, kuye kwatholakala abantu abaningi abapholile, futhi kuye kwaqalwa izifundo nabo. Imiphumela iye yaba mihle ngendlela evelele. Muva nje, elinye ibandla eTokyo emaphakathi liye labika izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingu-108, okuyinani elingaphezu kweliphindwe kabili kwelabikwa ngonyaka ongaphambili.

[Umbhalo waphansi]

a Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela