Ingatholakalaphi Induduzo Yeqiniso?
‘UNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu usiduduza osizini lwethu lonke.’—2 KORINTE 1:3, 4.
1. Iziphi izimo ezingase zenze abantu bazizwe beyidinga kakhulu induduzo?
UKUGULA okugogayo kungashiya umuntu enomuzwa wokuthi ukuphila kwakhe sekonakele. Ukuzamazama komhlaba, iziphepho nendlala kushiya abantu bephundlekile. Impi ingase ibangele ukufa kwamalungu omkhaya, icekele phansi imizi, noma iphoqe abanikazi bayo ukuba bashiye izimpahla zabo. Ukungabikho kobulungisa kungase kwenze abantu babe nomuzwa wokuthi akukho lapho bengathola khona usizo. Labo abahlukunyezwa izinsizi ezinjalo bayidinga kakhulu induduzo. Ingatholakalaphi?
2. Kungani induduzo enikezwa nguJehova ingefaniswe?
2 Abanye abantu nezinhlangano bayazama ukunikeza induduzo. Amazwi omusa ayaziswa. Imizamo yokusiza ngezidingo zokuphila iba nesandla ekwaneliseni izidingo zesikhashana. Kodwa nguJehova kuphela, uNkulunkulu weqiniso, ongawususa wonke umonakalo futhi anikeze uhlobo losizo oludingekayo ukuze izinhlekelele ezinjalo zingaphinde zenzeke. IBhayibheli lithi ngaye: “Makadunyiswe uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wesihe noNkulunkulu wenduduzo yonke, osiduduza osizini lwethu lonke, ukuze sikwazi ukududuza labo abakunoma yiluphi uhlobo losizi ngenduduzo nathi ngokwethu esiduduzwa ngayo uNkulunkulu.” (2 Korinte 1:3, 4) UJehova usiduduza kanjani?
Ukufinyelela Umsuka Wezinkinga
3. Induduzo enikezwa nguNkulunkulu iwufinyelela kanjani umsuka wezinkinga zesintu?
3 Umkhaya wesintu wonke wathola ifa lokungapheleli ngenxa yesono sika-Adamu, okubangela inqwaba yezinkinga ezigcina ziholele ekufeni. (Roma 5:12) Okwenza isimo sibe sibi nakakhulu ukuthi “umbusi waleli zwe” nguSathane uDeveli. (Johane 12:31; 1 Johane 5:19) UJehova wenza okungaphezu kokuveza ukudabuka kwakhe ngalesi simo esilusizi isintu esikuso. Wathumela iNdodana yakhe ezelwe yodwa njengesihlengo ukuba ilethe inkululeko, futhi wasitshela ukuthi singakhululeka nasemiphumeleni yesono sika-Adamu uma siba nokholo eNdodaneni yaKhe. (Johane 3:16; 1 Johane 4:10) UNkulunkulu wabikezela nokuthi uJesu Kristu, ophathiswe lonke igunya ezulwini nasemhlabeni, uyobhubhisa uSathane naso sonke isimiso sakhe sezinto esibi.—Mathewu 28:18; 1 Johane 3:8; IsAmbulo 6:2; 20:10.
4. (a) Yini uJehova aye wayilungiselela ukuze siqiniseke nakakhulu ngezithembiso zakhe zempumuzo? (b) UJehova usisiza kanjani ukuba sibone ukuthi impumuzo iyofika nini?
4 Ukuze siqiniseke nakakhulu ngezithembiso zakhe, uNkulunkulu uye wagcina ubufakazi obuningi bokuthi noma yini ayibikezelayo iyafezeka. (Joshuwa 23:14) EBhayibhelini waloba nangalokho akwenza ukuze akhulule izinceku zakhe lapho kubonakala kungenandlela yokusinda ngokombono womuntu. (Eksodusi 14:4-31; 2 AmaKhosi 18:13–19:37) Futhi ngoJesu Kristu, uJehova wabonisa ukuthi injongo yakhe ihilela ukwelapha abantu kuyo “yonke inhlobo yobuthakathaka,” ihilela ngisho nokuvusa abafileyo. (Mathewu 9:35; 11:3-6) Kuyokwenzeka nini konke lokhu? Lapho liphendula, iBhayibheli lichaza izinsuku zokugcina zalesi simiso esidala, ezandulela amazulu amasha nomhlaba omusha kukaNkulunkulu. Incazelo kaJesu ifanelana nezikhathi esiphila kuzo.—Mathewu 24:3-14; 2 Thimothewu 3:1-5.
Induduzo Kubantu Abasosizini
5. Lapho eduduza ama-Israyeli asendulo, yini uJehova awaqaphelisa yona?
5 Endleleni uJehova asebenzelana ngayo nama-Israyeli asendulo, sifunda ngendlela awalethela ngayo induduzo ngezikhathi zosizi. Wawakhumbuza uhlobo lukaNkulunkulu ayilo. Lokhu kwawenza aqiniseka nakakhulu ngezithembiso zakhe. UJehova wenza ukuba abaprofethi bakhe baveze umahluko ocacile phakathi kwakhe njengoNkulunkulu weqiniso ophilayo nezithombe, ezazingenakuzisiza kwazona noma abakhulekeli bazo. (Isaya 41:10; 46:1; Jeremiya 10:2-15) Lapho ethi ku-Isaya, “Duduzani, duduzani abantu bami,” uJehova washukumisela umprofethi wakhe ukuba asebenzise imifanekiso nezincazelo zemisebenzi yaKhe yendalo ukuze agcizelele ubukhulu bukaJehova njengowukuphela kukaNkulunkulu weqiniso.—Isaya 40:1-31.
6. UJehova wayebonisa kanjani ngezinye izikhathi ukuthi isikhathi sokukhululwa sasiyofika nini?
6 Ngezinye izikhathi, uJehova wayeduduza abantu bakhe ngokusho isikhathi esiqondile, esiseduze noma esikude, ababeyokhululwa ngaso. Lapho ukukhululwa eGibhithe kusondela, watshela ama-Israyeli ayecindezelwe: “Kunenhlupho eyodwa esasele engizoyiletha phezu kukaFaro neGibhithe. Ngemva kwalokho uzonimukisa lapha.” (Eksodusi 11:1) Lapho izizwe ezintathu eziwumfelandawonye zihlasela uJuda ezinsukwini zeNkosi uJehoshafati, uJehova watshela uJuda ukuthi uzongenela amsize “kusasa.” (2 IziKronike 20:1-4, 14-17) Ngakolunye uhlangothi, u-Isaya waloba ngokukhululwa kukaJuda eBhabhiloni kusasele iminyaka ecishe ibe ngu-200 kwenzeke, futhi wanikeza iminingwane eyengeziwe ngoJeremiya kusasele iminyaka ecishe ibe ikhulu kufike lokho kukhululwa. Yeka indlela lezo ziprofetho ezazizikhuthaza ngayo izinceku zikaNkulunkulu lapho isikhathi sokukhululwa sisondela!—Isaya 44:26–45:3; Jeremiya 25:11-14.
7. Yini eyayivame ukuhlanganiswa nezithembiso zokukhululwa, futhi lokhu kwabathonya kanjani abantu abathembekile kwa-Israyeli?
7 Kuyaphawuleka ukuthi izithembiso ezaziletha induduzo kubantu bakaNkulunkulu zazivame ukuba nokwaziswa okuphathelene noMesiya. (Isaya 53:1-12) Ezizukulwaneni ngezizukulwane, lokhu kwakunikeza ithemba kubantu abathembekile lapho bebhekene nokuvivinywa okuningi. KuLuka 2:25, siyafunda: “Bheka! kwakukhona umuntu eJerusalema ogama lakhe linguSimeyoni, lo muntu wayelungile futhi enenhlonipho, elindele induduzo ka-Israyeli [empeleni, ukufika kukaMesiya], umoya ongcwele wawuphezu kwakhe.” USimeyoni wayelazi ithemba eliphathelene noMesiya elisemiBhalweni, futhi ukulindela ukufezeka kwalo kwathonya ukuphila kwakhe. Wayengaqondi ukuthi liyofezeka kanjani, futhi insindiso eyayithenjisiwe ayifikanga esaphila, kodwa wajabula lapho ebona Lowo owayeyoba “indlela [kaNkulunkulu] yokusindisa.”—Luka 2:30.
Induduzo Enikezwa NgoKristu
8. Usizo uJesu alunikeza luqhathaniseka kanjani nalokho abantu abaningi ababecabanga ukuthi bayakudinga?
8 Lapho uJesu Kristu enza inkonzo yakhe yasemhlabeni, wayengabasizi njalo abantu ngosizo ababecabanga ukuthi bayaludinga. Abanye babelangazelela uMesiya owayeyobakhulula ejokeni lamaRoma ababelizonda. Kodwa uJesu akakukhuthazanga ukuvukela; wabatshela ukuba ‘babuyisele kuKesari izinto zikaKesari.’ (Mathewu 22:21) Injongo kaNkulunkulu yayihilela okukhulu kakhulu kunokukhulula abantu embusweni othile wezombusazwe. Abantu báfuna ukumbeka inkosi uJesu, kodwa wathi ‘uzonikela umphefumulo wakhe ube yisihlengo sabaningi.’ (Mathewu 20:28; Johane 6:15) Kwakungakabi isikhathi sokuba athathe ubukhosi, futhi igunya lokubusa wayezolinikwa uJehova, hhayi izixuku ezixokozelayo.
9. (a) Yimuphi umyalezo wenduduzo owawumenyezelwa uJesu? (b) UJesu wakubonisa kanjani ukuhlobana komyalezo nezimo abantu ababebhekene nazo? (c) Inkonzo kaJesu yabeka isisekelo sani?
9 Induduzo eyalethwa uJesu yayiyingxenye ‘yezindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu.’ Lowo kwakuyiwona myalezo uJesu ayewushumayela nomaphi lapho eya khona. (Luka 4:43) Wagcizelela ukuhlobana kwalowo myalezo nezinkinga zabantu zansuku zonke ngokubonisa lokho ayeyokwenzela isintu njengoMbusi onguMesiya. Wanika abantu abahluphekayo isizathu esisha sokuphila ngokubenza baphinde babone futhi bakhulume (Mathewu 12:22; Marku 10:51, 52), ngokwelapha abakhubazekile (Marku 2:3-12), nokuphulukisa ama-Israyeli akubo ezifweni ezenyanyekayo (Luka 5:12, 13), nasekuguleni okubuhlungu. (Marku 5:25-29) Waletha impumuzo enkulu emalungwini emikhaya elusizi ngokuvusa izingane zayo kwabafileyo. (Luka 7:11-15; 8:49-56) Wabonisa amandla akhe okulawula izivunguvungu eziyingozi nokusuthisa izixuku ezinkulu. (Marku 4:37-41; 8:2-9) Ngaphezu kwalokho, uJesu wafundisa abantu izimiso zokuphila ezazingabasiza ukuba basingathe izinkinga zangaleso sikhathi ngempumelelo nezazifaka ezinhliziyweni zabantu ithemba lokubusa kukaMesiya okulungileyo. Ngakho, lapho uJesu eqhubeka nenkonzo yakhe, wayengagcini ngokududuza ababelalela ngokholo kodwa futhi wayebeka nesisekelo sokukhuthaza abantu ezinkulungwaneni zeminyaka ezaziseza.
10. Yini umhlatshelo kaJesu oyenza ikwazi ukwenzeka?
10 Ngemva kweminyaka engaphezu kwengu-60 uJesu anikela ngokuphila kwakhe kobuntu njengomhlatshelo futhi wavuselwa ekuphileni kwasezulwini, umphostoli uJohane waphefumulelwa ukuba abhale: “Bantwanyana bami, nginilobela lezi zinto ukuze ningasenzi isono. Kodwa nokho, uma-ke umuntu enza isono, sinomsizi kuBaba, uJesu Kristu, olungileyo. Ungumhlatshelo oyisihlawulelo wezono zethu, nokho kungezona ezethu kuphela kodwa nezalo lonke izwe.” (1 Johane 2:1, 2) Ngenxa yezinzuzo zomhlatshelo kaJesu ophelele wobuntu, siduduzeka kakhulu. Siyazi ukuthi singathethelelwa izono, sibe nonembeza omsulwa, ubuhlobo obamukelekayo noNkulunkulu, nethemba lokuphila okuphakade.—Johane 14:6; Roma 6:23; Hebheru 9:24-28; 1 Petru 3:21.
Umoya Ongcwele Njengomduduzi
11. Iliphi elinye ilungiselelo lenduduzo uJesu alithembisa ngaphambi kokufa kwakhe?
11 Lapho ekanye nabaphostoli bakhe ngobusuku bokugcina ngaphambi kokufa kwakhe njengomhlatshelo, uJesu wakhuluma ngelinye futhi ilungiselelo uYise wasezulwini ayelenzele ukubaduduza. UJesu wathi: “Ngizocela uBaba futhi uzoninika omunye umsizi [umduduzi; ngesiGreki, pa·raʹkle·tos] ukuze abe nani kuze kube phakade, umoya weqiniso.” UJesu wabaqinisekisa: “Umsizi, umoya ongcwele, . . . uyonifundisa zonke izinto futhi unikhumbuze zonke izinto enginitshele zona.” (Johane 14:16, 17, 26) Umoya ongcwele wabanika kanjani induduzo?
12. Indima yomoya ongcwele enkumbulweni yabafundi bakaJesu iye yasiza kanjani ekududuzeni abaningi?
12 Abaphostoli babefundiswe kakhulu nguJesu. Babengeke neze bakukhohlwe lokho, kodwa ingabe babeyozikhumbula izinto ayezishilo? Ingabe babeyokhohlwa yileyo mfundo ebalulekile ngenxa yenkumbulo yabo engaphelele? UJesu wabaqinisekisa ukuthi umoya ongcwele ‘wawuyobakhumbuza zonke izinto ayebatshele zona.’ Ngakho, eminyakeni engaba ngu-8 ngemva kokufa kukaJesu, uMathewu wakwazi ukubhala iVangeli lokuqala, afaka kulo iNtshumayelo kaJesu emnandi yaseNtabeni, imifanekiso yakhe eminingi mayelana noMbuso, nengxoxo yakhe eningilizayo yesibonakaliso sokuba khona kwakhe. Eminyakeni engaphezu kwengu-50 kamuva, umphostoli uJohane wakwazi ukubhala ukulandisa okuthembekile okunemininingwane eminingi ngezinsuku ezimbalwa zokugcina zokuphila kukaJesu kwasemhlabeni. Yeka indlela okuye kwakhuthaza ngayo lokhu kulandisa okuphefumulelwe ngisho nanamuhla!
13. Umoya ongcwele waba kanjani umfundisi kumaKristu okuqala?
13 Ngaphezu kokumane ubakhumbuze amazwi, umoya ongcwele wabafundisa abafundi futhi wabaqondisa ukuba bayiqonde ngokugcwele kakhudlwana injongo kaNkulunkulu. Lapho uJesu esekanye nabafundi bakhe, wabatshela izinto ababengaziqondi kahle ngaleso sikhathi. Nokho, beshukunyiswa umoya ongcwele, uJohane, uPetru, uJakobe, uJude, noPawulu, kamuva babhala izincazelo zezambulo ezengeziwe enjongweni kaNkulunkulu. Kanjalo umoya ongcwele waba umfundisi, wanikeza isiqinisekiso esibalulekile sesiqondiso saphezulu.
14. Iziphi izindlela umoya ongcwele owasiza ngazo abantu bakaJehova?
14 Izipho zomoya ongcwele eziyisimangaliso nazo zasiza ekwenzeni kucace ukuthi uNkulunkulu wayesuse umusa wakhe ku-Israyeli wenyama wawubeka ebandleni lobuKristu. (Hebheru 2:4) Izithelo zalowo moya ekuphileni kwabantu nazo zaziyisici esibalulekile ekubonakaliseni labo ababengabafundi bakaJesu ngempela. (Johane 13:35; Galathiya 5:22-24) Umoya futhi waqinisa amalungu alelo bandla ukuba abe ofakazi abanesibindi.—IzEnzo 4:31.
Usizo Ezingcindezini Ezinkulu
15. (a) Iziphi izingcindezi amaKristu esikhathi esidlule nawamanje aye abhekana nazo? (b) Kungani labo abanikeza isikhuthazo bengase basidinge nabo ngezinye izikhathi?
15 Bonke abazinikele kuJehova futhi abaqotho kuye babhekana nokushushiswa okuthile. (2 Thimothewu 3:12) Nokho, amaKristu amaningi aye abhekana nezingcindezi ezinzima kakhulu. Ezikhathini zanamuhla, amanye aye athelekelwa izixuku futhi avalelwa emakamu okuhlushwa, emajele, nasemakamu okufukuziswa ezimweni ezinonya. Abanye ohulumeni baye baba abashushisi, noma bavumela abantu abephula umthetho ukuba babe izidlwangudlwangu ngaphandle kokubajezisa. Ngaphezu kwalokho, amaKristu aye abhekana nezinkinga ezinkulu zempilo noma izinhlekelele ezinkulu ekhaya. UmKristu ovuthiwe ohlale esiza akholwa nabo ukuba babhekane nezimo ezinzima naye angase ezwe ukucindezeleka. Ezimweni ezinjalo, onikeza isikhuthazo angase asidinge naye.
16. Lapho uDavide esezingcindezini ezinkulu, waluthola kanjani usizo?
16 Lapho iNkosi uSawule izingela uDavide ifuna ukumbulala, uDavide waphendukela kuNkulunkulu njengoMsizi wakhe: “O Nkulunkulu, yizwa umthandazo wami,” encenga. “Ngiphephela emthunzini wamaphiko akho.” (IHubo 54:2, 4; 57:1) Ingabe uDavide waluthola usizo? Yebo, waluthola. Kuleyo nkathi, uJehova wasebenzisa umprofethi uGadi nompristi u-Abhiyathara ukuze badlulisele isiqondiso kuDavide, wasebenzisa noJonathani indodana kaSawule ukuze aqinise le nsizwa. (1 Samuweli 22:1, 5; 23:9-13, 16-18) UJehova wavumela nokuba amaFilisti ahlasele izwe, okwaphazamisa uSawule ekuxosheni uDavide.—1 Samuweli 23:27, 28.
17. Lapho ecindezeleke kakhulu, uJesu waphendukelaphi ukuze athole usizo?
17 UJesu Kristu naye wacindezeleka kakhulu lapho ukuphela kokuphila kwakhe kwasemhlabeni kusondela. Wayeyiqaphela ngokugcwele indlela ukuziphatha kwakhe okwakungalithinta ngayo igama likaYise wasezulwini nokuthi kwakungase kusho ukuthini ngekusasa laso sonke isintu. Wathandaza ngobuqotho, waze ‘waba nomunyu.’ UNkulunkulu waqiniseka ukuthi uJesu uyakuthola ukusekelwa ayekudinga ngaleso sikhathi esinzima.—Luka 22:41-44.
18. Iyiphi induduzo uNkulunkulu ayinika amaKristu okuqala ayeshushiswa kanzima?
18 Ukushushiswa kwamaKristu ngemva kokumiswa kwebandla lekhulu lokuqala kwakunzima kangangokuthi kwabaleka wonke umuntu eJerusalema, ngaphandle kwabaphostoli. Amadoda nabesifazane bahudulwa bakhishwa emizini yabo. Iyiphi induduzo uNkulunkulu abanika yona? Isiqinisekiso seZwi lakhe sokuthi ‘babenempahla engcono nehlalayo,’ ifa elingonakali emazulwini benoKristu. (Hebheru 10:34; Efesu 1:18-20) Njengoba beqhubeka beshumayela, babona ubufakazi bokuthi umoya kaNkulunkulu wawunabo, futhi okwabehlela kwabanika isizathu esengeziwe sokujabula.—Mathewu 5:11, 12; IzEnzo 8:1-40.
19. Nakuba uPawulu ashushiswa kanzima, wazizwa kanjani ngenduduzo enikezwa nguNkulunkulu?
19 Ekugcineni, uSawulu (uPawulu), owayekade engumshushisi onobudlova kwayena, washushiswa ngoba esengumKristu. Esiqhingini saseKhupro, umthakathi othile wazama ukuthiya inkonzo kaPawulu ngokusebenzisa ukuphamba nokuhlanekezela amaqiniso. EGalathiya, uPawulu wakhandwa ngamatshe washiywa kucatshangwa ukuthi ufile. (IzEnzo 13:8-10; 14:19) EMakedoniya washaywa ngezinduku. (IzEnzo 16:22, 23) Ngemva kodlame lwesixuku e-Efesu, wabhala: “Sasingaphansi kokucindezeleka okudlulele okungaphezu kwamandla ethu, kangangokuthi sasingaqiniseki neze ngisho nangokuphila kwethu. Eqinisweni, saba nomuzwa wokuthi sasitholé isigwebo sokufa.” (2 Korinte 1:8, 9) Kodwa kuyo leyo ncwadi, uPawulu wabhala amazwi aduduzayo acashunwe esigabeni 2 salesi sihloko.—2 Korinte 1:3, 4.
20. Sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?
20 Ungahlanganyela kanjani ekunikezeni induduzo enjalo? Baningi abayidingayo namuhla lapho besosizini, kungaba ngenxa yenhlekelele eyehlela izinkulungwane eziningi noma ngenxa yosizi oluhlupha bona bodwa. Esihlokweni esilandelayo, sizoxoxa ngendlela yokunikeza induduzo kuzo zombili izimo.
Uyakhumbula?
• Kungani induduzo evela kuNkulunkulu ibaluleke kakhulu?
• Iyiphi induduzo etholakala ngoKristu?
• Umoya ongcwele uye waba kanjani umduduzi?
• Nikeza izibonelo zenduduzo eye yanikezwa nguNkulunkulu lapho izinceku zakhe zisezingcindezini ezinkulu.
[Izithombe ekhasini 15]
IBhayibheli lisibonisa ukuthi uJehova waletha induduzo ngokukhulula abantu bakhe
[Izithombe ekhasini 16]
UJesu wanikeza induduzo ngokufundisa, ngokwelapha, nangokuvusa abafileyo
[Isithombe ekhasini 18]
UJesu wathola usizo oluvela phezulu